Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 5/8 k. 15
  • Ingabe Uyinyoni Ehlala Yodwa, Ebhocobele?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyinyoni Ehlala Yodwa, Ebhocobele?
  • I-Phaphama!—1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izindlela Izinyoni Ezibamba Ngazo Izinhlanzi
    I-Phaphama!—2011
  • Ikhasi Lesibili
    I-Phaphama!—2004
  • USIZO LOMKHAYA | INTSHA
    I-Phaphama!—2015
  • Ukubuka Izinyoni—Ingabe Kuwukuzilibazisa Okuthandwa Yibo Bonke Abantu?
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 5/8 k. 15

Ingabe Uyinyoni Ehlala Yodwa, Ebhocobele?

NGEKE iphumelele emncintiswaneni wezinyoni wonobuhle—kungakhathaliseki ukuthi ngowemibala emihle noma ngowokwakheka kahle. Ngiboné ezinsundu eFlorida, e-U.S.A., zitshuzela emanzini ukuze zibambe izinhlanzi zazo kuhle kwamabhomu atshuzayo emikhumbi yaseJalimane angeMpi Yezwe II.a EChile zazimhlophe, amaphiko nemizimba kumnyama. (Bheka isithombe.) Zazihlezi zibhocobele emadwaleni asePacific eValparaiso—cishe ziqedela ukugaya kwazo ukudla.

Lenyoni ingaba nesisindo esingamakhilogremu angu-14, ibe nobude obungaphezu kwamamitha angu-1,5, futhi ibe namaphiko angamamitha amathathu ubude. Ingenye yezinyoni ezinkulu ukwedlula zonke. Uma ihamba phansi yimbi futhi iyahlekisa; uma indiza kuyajabulisa ukuyibuka, ngokusobala indiza ngaphandle kwenkinga. Lapho idla, ingaphuza amalitha amanzi angaphezu kwayishumi kanye nezinhlanzi! Kuthiwa yini lenyoni? Kuthiwa ivuba.

Ivuba litholakala emachibini nasemifuleni kanye nasezingwini zezilwandle ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Uqhwaku lwalo olude negilo elikhulu kuklanywe ngokuphelele ukuze kuvumelane nendlela yalo ekhethekile yokudoba. Licwila emanzini, ligcwalise igilo lalo ngamanzi nezinhlanzi. Ngemva kwalokho ngokushesha liyawakhipha amanzi, bese liyagwinya, kwehle ukudla elisanda kukuthola.

Kukhulunywa ngamavuba izikhathi eziningana eBhayibhelini. Ngenxa yokuthi lenyoni ithanda izindawo ezithulile, ezikhala ibhungane, eBhayibhelini isetshenziswe njengophawu lwencithakalo ephelele. (Isaya 34:11; Zefaniya 2:13, 14) I-encyclopedia yeBhayibheli ethi Insight on the Scriptures ithi: “Lapho ivuba selisuthi, ngokuvamile lindizela endaweni ethulile, lapho lifike libhocobale khona, ikhanda lalo lilishutheke emkhonweni walo . . . Lenyoni ihlala ikulesisimo amahora amaningi isikhathi ngasinye, ngaleyondlela ifanelana nesimo esibhocobalisayo sokungenzi lutho umhubi abhekisela kuso lapho efanekisa ubuhlungu bokudabuka kwakhe ngokubhala: ‘Ngiyafana nevuba ehlane.’ (IHubo 102:6)” Ngakho uma njalo uhlala wedwa futhi ubhocobele, khumbula ukuthi nawe ungase ufane nevuba!—Inikelwe.

[Umbhalo waphansi]

a Lamabhomu emikhumbi atshuzayo okuthiwa i-Junkers Ju 87 afana nephiko eligobekile lamisa okukangwaqa u-W.

[Izithombe ekhasini 15]

Amavuba aseChile.

Phakathi nendawo: Ivuba laseFlorida elinsundu

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela