UmSamariya Olungile Wosuku Lwanamuhla
OWESIFAZANE othile eCanada wehlelwa ingozi yemoto. Wasizwa umSamariya Olungile wosuku lwanamuhla. (Luka 10:29-37) Eshukunyiswa umusa womsizi wakhe, lona wesifazane wabhalela i-Georgetown Independent lokhu okulandelayo:
‘Mhleli Othandekayo:
‘Ngibhala ngenxa yezizathu ezimbili. Esokuqala, ngifisa ukubonga isakhamuzi esithile saseGeorgetown esingisize kulempelasonto edlule ngemva kokuphaphalaza kwemoto yami futhi ngayokhalakathela emseleni.
‘UMnu. John Saunders wayedlula ngemoto wabe esema. Waqala ukunginikeza usizo lokuqala futhi wangiqinisa ithemba kakhulu. Wahlala nami kwaze kwaba yilapho izintambo sezithathwa abashayeli be-ambulensi namaphoyisa. Umphakathi wakini ubusisekile ngokuba nesakhamuzi esingumSamariya Olungile njengoMnu. Saunders.
‘UMnu. Saunders wasivakashela nomyeni wami esibhedlela, ukuze aqiniseke nje ukuthi konke kwakuhamba kahle. Ngashaqeka lapho ngithola ukuthi uMnu. Saunders usebenza ehhovisi eliyindlunkulu yoFakazi BakaJehova eGeorgetown. Bengilokhu ngicabanga ukuthi labobantu abakholelwa ekusebenziseni imithi, futhi manje omunye wabo wayesenginikeze ukwelapha kosizo lokuqala. Lokhu kungiholela kwesesibili isizathu esibangele ukuba ngibhale.
‘Ngifisa ukuxolisa kubo bonke oFakazi BakaJehova ngokuba luhlaza kubo lapho befika kwami. Bengilokhu ngikholelwa ukuthi ningabantu abashiseka ngokungenangqondo. UMnu. Saunders wabonisa ukuthi akulungile lokhu kucabangela okubi. Nonke ningabantu abavamile abazama ukwenza lokho abanomuzwa wokuthi kulungile.
‘Ngiphinde ngiyabonga, Mnu. Saunders, uqhubeke ubambelele okholweni lwakho. UNkulunkulu akubusise.
‘T.M., Toronto’
OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi ‘kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’ (Luka 10:27) Uma uthanda ukufunda okwengeziwe ngoFakazi BakaJehova noma uthanda ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ubhalele ekhelini elifanele kwasohlwini olusekhasini 5.