Abahlanzi Abancanyana Abakhucululayo
Ngumlobeli we-Phaphama! eNingizimu Afrika
IZIKHALA ezisemahlathini emvula ase-Afrika zivamise ukugcwaliswa isihlahla esinamagatsha anezimbobo esibizwa ngokuthi i-barteria. Ukuze lesihlahla sikhule sibe side ngokwanele, kumelwe sincintisane nezinye ezinobunzima bokufinyelela ubude bezinye izihlahla ehlathini. Ukuze i-barteria iphumelele kulomshikashika, idinga usizo ukuze ingacinaniswa izitshalo ezenabayo notshani obuyivukuzi obuvimbela ilanga ukuba lifinyelele emaqabungeni. Yilapho-ke lapho izintuthwane ezimnyama ezincinzayo zifeza khona indima ebalulekile njengabahlanzi. EKorup, okuyihlathi lemvula laseCameroon, kwenziwa ifilimu elibonisa ubudlelwane phakathi kwalentuthwane nalesihlahla njengengxenye yohlelo lwe-TV olunesihloko esithi African Rainforest: Korup, olwenziwa uPhil Agland noMichael Rosenberg.
Loluhlelo lubonisa indlovukazi esentsha yentuthwane ifuna isihlahla i-barteria. Ngokomzwelo, iyazi ukuthi amagatsha aso anembobo ayindawo ekahle yokuhlala. Ngemva kokumba imbobo egatsheni, izalela amaqanda ngaphakathi. Lamagatsha anezimbobo ayikhaya futhi lezinambuzane ezincanyana ezinamazenga ezidla inkovu yalesihlahla. Izintuthwane zinakekela lezinambuzane njengemfuyo futhi zizisenge ukuze zithole isiphuzo esinomsoco.
Lapho izintuthwane seziziningi ngokwanele, ziqala ukuxosha ezinye izakhamuzi zikhuculule isihlahla. Yeka indlela okuhlaba umxhwele ngayo ukubukela labahlanzi abahlakaniphile abancanyana! Ezinye zehlela phansi esiqwini sesihlahla zihlasele izitshalo ezenabayo ezisongela ukusicinanisa. Ziyasiququda isiqu futhi ngaleyondlela zibulale izitshalo ezinabayo. Ezinye izintuthwane zibonakala zisusa amahlamvu ayimfucumfucu, utshani obuyivukuzi, ne-lichen. Ngisho nesibungu esizicashele ngaphansi kweqabunga siyaxoshwa.
Loluhlelo lwe-TV luyachaza: “Ngokucophelela lezintuthwane zisusa yonke imfucumfucu. Lapho sezisusiwe zonke izinambuzane eziyingozi nezitshalo ezinabayo, i-barteria isingancintisana ngokuphumelelayo nezinye izihlahla ivikelwe izintuthwane zaso. Ngakolunye uhlangothi, lezintuthwane zingasebenzisa amagatsha anezimbobo e-barteria ukuze zinakekele izinambuzane zazo ezinamazenga—eziwukuphela komthombo wazo wokudla—futhi zikhulise abantwana bazo.”
Yeka ukuthi lezizintuthwane ziyizisebenzi ezikhuthele kanjani! Isaga sakudala sithi: “Yana entuthwaneni, vilandini, ubone izindlela zayo, uhlakaniphe.”—IzAga 6:6.