Ukusuka Ekubeni Yi-hippie Kuya Ekubeni Isithunywa Sevangeli ENingizimu Melika
NGANGICELA ukugitsheliswa ngiya eBirmingham, eNgilandi, nentombi yami engumFulentshi ngo-1974. Sadlulwa oFakazi BakaJehova ababili ababeya ekhaya bevela emsebenzini, futhi njengoba omunye wabo, uJohn Hyatt, ephenduka esibheka, wathi kumngane wakhe ezibuza, “Abantu abanjengalaba balifunda kanjani iqiniso ngoNkulunkulu?” Yiqiniso, angizange ngikwazi lokhu kwaze kwaba kamuva. Nokho, abazange basigibelise; nawe wawungeke. Ngangibukeka njenge-hippie loqobo.
Kodwa ake ngiqale ekuqaleni. Ngazalelwa eRichmond, eVirginia, e-U.S.A., ngo-1948. Into yokuqala ngqá engiyikhumbulayo kulapho ngineminyaka emihlanu ubudala futhi ngingakwazi ukuhamba. Nganginesifo sovendle. Umama wayengigeza ngisohlakeni kubhavu. Ngenhlanhla, ngemva kwamasonto amane noma amahlanu, ngosizo lwabazali bami nodokotela, ngalulama. Ngakwazi ukuphinde ngihambe.
Umkhaya wakithi kwakuwumkhaya ovamile waseNingizimu—odla ngoludala, usonta eSouthern Baptist. Abazali bethu babefuna ukuba thina zingane—mina, abafowethu ababili, nodadewethu—siye esontweni size sibe neminyaka engu-18. Lapho sineminyaka engu-18 saliyeka isonto. Ngangibhapathizwe lapho ngineminyaka eyisikhombisa, emkhankasweni ongokwenkolo kaBilly Graham. Ngangiluthatha ngokungathi sína ubhapathizo lwami; aluzange lwenziwe ngenxa yokushukunyiswa imizwelo. Ngikhumbula ngokucacile ukuthi nganikezela ukuphila kwami kuNkulunkulu, nakuba ngangingamazi ngempela.
Abazali bethu basifundisa ukuziphatha okuhle, ukuhlonipha igunya, nokuhlonipha iBhayibheli. Leyomibono yasekuqaleni yathonya izinqumo engangizozenza kukho konke ukuphila kwami. Kuze kube namuhla, ngikwazisa kakhulu lokho kuqeqeshwa kobuzali.
Lapho ngifunda ibanga lesine, ngikhumbula ngibheka isimo sezwe futhi ngicabanga: ‘Lokhu akunakuqhubeka.’ Ngisho nangalesosikhathi, ngangingacabangi ukuthi izimiso zezombangazwe zizoqhubeka.
Eminyakeni yami yokweva eshumini nambili, ngaba ne-scoliosis, isifumbu, okungenzeka sabangelwa uvendle engaba nalo ngaphambili. Ngaba yinto yokuhlolwa njengoba odokotela babefake umzimba wami kusukela ezinqulwini kuya entanyeni kuyi-Risser cast, uhlaka olwalusebenza njengamathambo.
Kwakungesona isimo engisithandayo. Ngangibukeka njengomfanekiso ohambayo. Ezinye izingane esikoleni zazinomusa, kodwa isifundo engasifunda lapho ngigqoke loluhlaka ebangeni lesishiyagalolunye esikoleni esiphakeme ukuthi: Kumelwe sikwamukele lokho esingeke sikushintshe.
Kwakulindeleke ukuba ngiye ekholishi, ngakho ngaya. Ngangisekilasini elathweswa iziqu ngo-1970. Ngawo-1960 kwakugcwele ithonya lama-hippie, futhi ukuziphatha okubi nezidakamizwa kwakudlangile. Ngangisebenza ukuze ngikhokhele izifundo zami, futhi emsebenzini wami wasehhovisi kwakudingeka ngibe nezinwele ezimfushane futhi ngigqoke isudi. Kodwa umoya wokuzibusa nokungahambisani nezimiso kwabangane bami kwakungikhanga. Lesisimiso sasibacunula ngendlela esasingicunula ngayo. Ngangigqoke ubhogadi ngaphansi kwengubo yami yokuthweswa iziqu.
Imfundo yayinganelisi. Ukuphawula umalume wami ocebile kwangiqinisekisa ukuthi imali ayilona ikhambi. Wayengajabule ngaphezu kwabantu abampofu. Kwakusiza ngani? Ngakho ngashiya konke phansi, ngakhulisa izinwele zami, futhi ngaqala ukufuna injongo yangempela ekuphileni.
Ngahamba elaseYurophu ngethikithi le-Eurail nangokucela ukugitsheliswa. Umgomo wami kwakuwukugingqa izithupha ngizungeze umhlaba. Mhlawumbe izimpendulo ngangizozithola kwenye indawo. Esikhwameni sami ngangiphethe obhogadi ababili, amayembe amathathu, neBhayibheli.
Lapho ngihlezi ezinkantini, ngiphuza ubhiya futhi ngifunda iBhayibheli, ngangibuza abazungezile imibuzo, ngithole izimpendulo ezinhlobonhlobo. Ngangifuna, ngibheka, ngiphumputha—ngifunani? Ngangingaqiniseki.
ELondon ngakhangwa iqembu okuthiwa yi-“Children of God.” Kodwa njengesigijimi sawo wonke ama-hippie asemasha, isigijimi salo sasingesobuntwana—ukubonisana uthando ngokungakhethi. Zazingekho izimpendulo engizifunayo lapha.
Lapho ngivakashele isonto laseSheshi elihle kakhulu, elaliyindlu yesonto ephethwe umbhishobhi wamaKatolika, ngamangala kakhulu. Ngabuza umpristi owayesibonise lendawo ukuthi kungani ayebe umpristi. Waphakamisa isandla sakhe futhi wahlikihla isithupha neminwe yakhe njengomuntu ophethe imali! Ngakhungatheka. Yeka ubuzenzisi! Nginengekile, ngaqoqa zonke izincwadi zami zenkolo ngazishisa.
Ngo-September 1973, ngangisendleleni futhi, ngicela ukugitsheliswa—ngidlulela eLiverpool ukuyobona ama-Beatles nokulalela umculo wawo. UGordon Marler wangigibelisa. Saxoxa ngeBhayibheli ngoba sobabili sasilifunda, futhi ngaleyondlela saxoxa ngemibhalo esiyaziyo.
Ngemva kwalokho, uGordon wangihlanganisa ‘neqiniso.’ Sasibhalelana izincwadi futhi entwasahlobo ka-1974, wangibhalela ethi utadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Angizange ngilixwaye igama elithi oFakazi BakaJehova, njengoba ngangingakaze ngixoxe nabo eRichmond. Ezinyangeni ezithile kamuva kwafika incwadi enesimemo esithi: “Woza uzotadisha iBhayibheli.” Wangitshela ukuthi isifundo sakhe singoLwesithathu kusihlwa. Ngakho ngolunye uLwesithathu ekuseni, ngangicela ukugitsheliswa futhi. Ukuba khona kwentombi yami engumFulentshi kwakwenza kwaba lula ukuthola imoto eyasigibelisa.
Ngahamba noGordon ukuya esifundweni sakhe seBhayibheli. Umuntu owasamukela kwakunguJohn Hyatt, owayesidlule endleleni eminyakeni embalwa ngaphambili futhi wazibuza, ‘Abantu abanjengalaba balifunda kanjani iqiniso ngoNkulunkulu?’ Lapho sethulwa, wababaza: “Oh, umbhangqwana wama-hippie esawubona endleleni, amaYank!”
Kwaqala kanjalo. Nganginemibuzo eminingi ngenxa yokufunda kwami iBhayibheli. Sasingekho isikhathi esanele sokuthola izimpendulo, njengoba umhlangano omkhulu woFakazi wawuzoqala ekuseni ngakusasa. UJohn wanginikeza incwadi ethi IQiniso eliholela ekuPhileni okuPhakade, futhi wangitshela ukuba ngikhethe isihloko, ngiqoqe yonke imibuzo yami, bese ngibuya ngoLwesithathu olulandelayo. Wangimemela emhlanganweni ngeSonto. Bangihlaba umxhwele labantu abahlanzekile nabamnene. Intombi yami yayingenasithakazelo. Lapho ngiyitshela ukuthi ngithanda uNkulunkulu ukudlula yona, yangishiya.
NgoLwesithathu, ngabuyela emzini kaJohn, sengikhethe isihloko esikhuluma ngoJesu Kristu. Nganginemibuzo eqondene nokuziphatha ngokobulili nesiprofetho sikaDaniyeli samasonto ayiminyaka engu-70. UJohn wayengumshumayeli wesikhathi esigcwele, owayelazi ngempela iBhayibheli. Wangitshela ukuthi umbono weBhayibheli uwukuthi ubulili bugcinelwe abantu abashadile kuphela, futhi wangicacisela ngamasonto angu-70 kaDaniyeli. Yonke imininingwane engachaziwe yokufunda kwami iBhayibheli yayichazeka kahle kakhulu. Ngehora lesibili ekuseni, ngathi: “Leli iqiniso.” Ngangihlose ukulala epaki, njengoba ngangivame ukwenza esikhathini esidlule, kodwa uJohn wenqaba futhi wangilalisa phansi ekamelweni lokuphumula.
Kwabonakala kuyinhlanhla ukuthi wenza kanjalo, ngoba ngalobobusuku iqembu lentsha enobudlova lalixokozela ekheshini. Ukubukeka kwami ngokuqinisekile kwakuyongenza isisulu sokushaywa ngonya.
Njengoba izifundo ziqhubeka, ngathola ukuthi ngangiqinisile lapho ngiseyingane. Lesisimiso asinakuqhubeka. Sithambekele ekunganakini. UNkulunkulu ngokwakhe oyolungisa izinto ngohulumeni wakhe, uMbuso engangiwuthandazela kodwa ngingawuqondi. (Daniyeli 2:44; Mathewu 6:9, 10) Ukunengwa kwami ubuzenzisi kwaqinisekiswa. NoJesu wayengabuthandi. (Mathewu, isahluko 23) Ngangimfunile uNkulunkulu, futhi wayenze ukuba ngimthole.—IzEnzo 17:27.
Ngaxoxa nabo bonke abantu engangihlangana nabo ngaleliqiniso. Zisuka nje ngangifuna ukuya ekhaya futhi ngihlanganyele lolulwazi nomkhaya wakithi. Lapho ngibuyela eRichmond, ngenza lokho kanye.
Ngashayela ucingo naseHholo LoMbuso. UMzalwan’ uHerbert Lohwasser waphendula ucingo. Wayesebenza ehholo elisha, elilungiselela ukunikezelwa kwalo. Ngamtshela ukuthi ngifuna isifundo seBhayibheli. Wangitshela ngomhlangano omkhulu wangosuku olulandelayo okwakumenyelwe kuwo bonke abantu basedolobheni ukuba bazolalela inkulumo yeBhayibheli. Ngaya.
Ngangihluke kakhulu, ukubukeka kwami kubonisa ukuthi ngingumuntu ovakashile. Iphayona eliselisha elingashadile okuthiwa uMike Bowles lazethula futhi langicela ukuba ngihlale eceleni kwalo ezihlalweni eziphambili. Ngemva kwalokho, isixuku sasibuza ngokuhlebeza ukuthi, “Ibingubani leyantombazane enezinwele ezinde ezinhle ebihleli eceleni kukaMike Bowles?” Kwakuyimina!
Ngemva kwesifundo sami sesithathu, ngagunda izinwele futhi ngashintsha indlela engigqoka ngayo. Ukubukeka kwami kwangaphandle kwaqala ukufana nemizwa yami yangaphakathi. Ngangenela iSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini ngo-October futhi ngaqala emsebenzini wokushumayela obala ngo-November. Ngokushesha ngangiqhubela abanye izifundo zeBhayibheli. Ngo-March 1975, ngaphinde ngabhapathizwa, kulokhu njengophawu lokuzinikezela kwami kuJehova, uNkulunkulu engase ngimazi ekugcineni.
Ngaqala inkonzo yesikhathi esigcwele, njengalabo ababengisize kakhulu. IBethel yaseBrooklyn, indlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova, yaba yikhaya lami ngo-May 1976. Ngangenza imisebenzi emibili, ukuhambisa ikheshi neposi. Yomibili yayinginikeza ithuba lokuxoxa nabazalwane abangokomoya nsuku zonke.
Ngemva kweminyaka emibili, ngaphindela ekhaya eVirginia futhi ngashumayela isikhathi esigcwele okwesikhashana. Ekugcineni ngaba umdala ebandleni. Lomsebenzi wawujabulisa, kodwa nganginomuzwa wokungakhululeki ngaphakathi. Ngangilokhu ngicabanga: ‘Kumelwe kube nokwengeziwe engingakwenza enkonzweni kaNkulunkulu.’ Inkonzo yezithunywa zevangeli? Kungaba yiyo yini? Ngafaka isicelo e-Watchtower Bible School of Gilead futhi ngamukelwa ukuze ngiqeqeshelwe ukuba yisithunywa sevangeli ekilasini lasebusika buka-1983.
Ngaphambi kokuthweswa iziqu, kwamenyezelwa isabelo sami sobuthunywa bevangeli: eColombia, eNingizimu Melika. Ngangena endleleni futhi kodwa manje ngingagingqi izithupha.
Indawo yokuqala engafika kuyo kwakusehhovisi legatsha le-Watch Tower eSanta Fe de Bogotá, lapho ngafunda khona iSipanishi ngokuzimisela izinyanga ezintathu. Kamuva nganikezwa isabelo ekhaya lezithunywa zevangeli eMedellín, lapho kwakufundwa khona iSipanishi amahora amane ngosuku, izinsuku eziyisithupha ngesonto.
Ukuqala ukushumayela ngolimi olusha kwakunezikhathi ezikhumbulekayo. Ekuqaleni ngangqongqoza emnyango ngingedwa vó njengoba udade okhuluma iSipanishi ayebeke iso ebangeni elifushane. Ngahambisa omagazini bethu bobuKristu kowesifazane othile ngama-peso angu-30. Lowesifazane wabonakala ecasukile wayesevala umnyango! Lapho ngiphindela kudade engangihambisana naye, ngathola incazelo. “Uboqaphela indlela ophimisela ngayo,” esho. “Uthe ama-beso, hhayi ama-peso.” Ngangicele lowesifazane ukuba angiqabule izikhathi ezingu-30!
IColombia iyindawo enhle. Okukhanga kakhulu, abantu. Banozwela, bathobekile kunabantu basemazweni aphucuke kakhulu. Ngakho-ke, ukufundisa iBhayibheli kuhlukile. Abantu baseColombia bayazamukela izindaba, imifanekiso, okuhlangenwe nakho okungokoqobo okungenayo imininingwane eyinkimbinkimbi. Bathambekele kakhulu ezimweni ezingokoqobo ekuphileni. Kulendawo abantu bakhelene eduze. Banemizwa enamandla futhi bayasabela. Izilaleli zami zinjengezilaleli uJesu axoxa nazo, abantu abathobekile; lokhu kungenza ngizame ukumlingisa ngokuseduze uJesu ekufundiseni. Labantu bangikhumbuza eyabase-Efesu 3:19, lapho uPawulu akhuluma khona ‘ngothando lukaKristu oludlula ukwazi.’
Ngo-1989, nganikezwa isabelo esisha, sokuba umbonisi wesifunda. Lokho kusho ukuthi ngivakashela ibandla elihlukile loFakazi BakaJehova isonto ngalinye futhi ngihlale nalo, ngihambisane nalo ekufuneni labo abafuna ukwazi uNkulunkulu endlini ngendlu, nginikeze izinkulumo eHholo LoMbuso, futhi ngihambisane nabazalwane nodade bendawo ezifundweni zeBhayibheli.
UJehova uyaqhubeka engiqondisa futhi engilungisisa ngezindlela eziningi. Ngikhumbula esinye isenzakalo ngokukhethekile. Kwakufanele ngikhonze ibandla laseMosquera, ngaphandle nje kwaseBogotá, futhi njengokuvamile abazalwane babehlele ukuba ngihlale nomkhaya othile—udade, umyeni wakhe ongakholwa, nezingane ezimbili.
Lapho ngifika, ngathola nje ikamelo elilodwa elincane, elinemibhede omunye ngaphansi komunye, elalihlukaniswe ngekhethini nje kuphela. Ngaboniswa leyondawo, futhi sengitsheliwe ukuba ngikhethe umbhede, ngakhetha ongaphansi. Usuku kwakuwuLwesibili. Njengoba ngicambalele ngifunda iBhayibheli cishe ngo-9:30 ebusuku, kwangena izingane ezimbili, futhi zakhwela embhedeni ongenhla.
Ngafikelwa imicabango eminingi. ‘Cha-bo! Ngidinga indawo yokuba ngedwa enkulu kunalena. Mina, umuntu owayejwayele ukuba nekamelo lakhe (noma okungenani indawo yakhe siqu epaki), ngenzani lapha?’ Ngazimisela ukuthi ngangizofuna enye indawo yokulala ekuhambeleni okulandelayo ngase ngilala. Ubusuku ngabunye kwakwenzeka into efanayo. Kodwa ngoLwesine lapho ngisafunda, kwalunguza ikhanda elincane ngenhla kombhede. Kwakungu-Andrés, oneminyaka eyisishiyagalolunye. “Mzalwan’ uFleet,” ebuza, “ingabe usulele?” Impendulo yami yaba ucha osheshayo. Omunye umbuzo. “Mzalwan’ uFleet, ingabe usuthandazile?” Ngaphinde ngathi cha.
Khona-ke u-Andrés wabuza, “Lapho uthandaza, ngingehla yini ukuze ungithandazele nami?” Ngathinteka. Isimo sami sengqondo sashintsha. Eqinisweni, isimo sami sengqondo ngakho konke lokhu kuhambela sashintsha. ‘Wayeyintandane’ efuna umuntu ongathandaza naye. Ngangiyilowomuntu. Ngathandaza naye. Futhi ngahlala nalomkhaya ekuhambeleni kwakamuva. U-Andrés wangisiza ukuba ngingazinaki ngokweqile izidingo zami kodwa nginake ezabazalwane ngokwengeziwe. Ngaqala ukufuna ‘izintandane’—labo abafuna uNkulunkulu, njengami lapho ngiseyingane. (IHubo 10:14) Uyise ka-Andrés manje uba khona emihlanganweni eHholo LoMbuso futhi usehlanganyela nathi emsebenzini wokushumayela obala.
Selokhu ngafika eColombia, inani labakhulekela uJehova liye lakhula lisukela ku-22 000 liya ku-50 000. Angisalwi naloyamuzwa wokungakhululeki wokuthi kufanele ngabe ngenza okwengeziwe. Ngenelisekile ngokuba kulendawo enhle. Ngizombonga phakade uNkulunkulu onomusa owabheka ngalé kokubukeka kwami kwangaphandle kobu-hippie futhi wabona umuntu olwela ukuthola uNkulunkulu weqiniso, ogama lakhe linguJehova.—Njengoba ilandiswa uRichard Fleet.
[Isithombe ekhasini 19]
URichard ngo-1973
[Isithombe ekhasini 21]
URichard Fleet, isithunywa sevangeli eNingizimu Melika