Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 3/22 k. 12-k. 15 isig. 6
  • Ukusiza Abanengculaza

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusiza Abanengculaza
  • I-Phaphama!—1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uthando LukaNkulunkulu Ngabahluphekayo
  • Obani Abathola Igciwane Lengculaza?
  • Okwaziwayo Manje
  • Uyosabela Kanjani?
  • Izisulu Zengculaza Nazo Zingasiza
  • Ingculaza—Lokho Abazali Nezingane Okufanele Bakwazi
    I-Phaphama!—1991
  • Kungani I-AIDS Iye Yanda Kangaka?
    I-Phaphama!—1988
  • Ingculaza—Inhlekelele Yentsha
    I-Phaphama!—1991
  • Ingculaza—Ingabe Ngisengozini?
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 3/22 k. 12-k. 15 isig. 6

Ukusiza Abanengculaza

“NJENGOBA Ehlobene Nabanengculaza, UMfundisi Akamukeleki” leso kwakuyisihloko esasikuyi-New York Times. Leliphephandaba lalandisa indaba yomfundisi waseBaptist omkakhe nabantwana ababili bangenwa igciwane lengculaza ngenxa yokumpontshelwa kukanina igazi ngo-1982 (abantwana bathola leligciwane besesibelethweni). Ngenxa yalokho, yena nomkhaya wakhe kwathiwa bangabe beseza emasontweni ahlukahlukene aseBaptist ngenxa yalesisifo. Edumele, wayeka ukuzama ukuya esontweni futhi wayeka ukuba umfundisi waseBaptist.

Ukukhungatheka kwalendoda ngenxa yokuhluleka kwesonto layo kuphakamisa imibuzo eminingana: Ingabe uNkulunkulu uyabakhathalela abantu abagulayo, kuhlanganise nalabo abanengculaza? Bangasizwa kanjani? Yiziphi izinyathelo zokuphepha okudingeka zithathwe lapho kunikezwa induduzo yobuKristu kulabo abanengculaza?

Uthando LukaNkulunkulu Ngabahluphekayo

IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu uMninimandla onke ubonisa ububele obukhulu kulabo abahluphekayo. Lapho esemhlabeni, noJesu wabonisa uzwela olusuka enhliziyweni kwabagulayo. Futhi uNkulunkulu wamnika amandla okuphulukisa abantu kuzo zonke izifo zabo, njengoba iBhayibheli lilandisa: “Kwase kusondela kuye izixuku eziningi zinezinyonga‚ nezimpumputhe‚ nezimungulu‚ nezilima‚ nabanye abaningi‚ zababeka ngasezinyaweni zakhe; wabaphulukisa.”—Mathewu 15:30.

Yebo, namuhla uNkulunkulu akanikanga muntu emhlabeni amandla okuphulukisa abantu ngokuyisimangaliso njengoba kwenza uJesu. Kodwa isiprofetho seBhayibheli sibonisa ukuthi ngokushesha, ezweni elisha likaNkulunkulu, “abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.” (Isaya 33:24) IBhayibheli liyathembisa: “[UNkulunkulu] azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka‚ nokukhala‚ nobuhlungu akusayikuba-khona.” (IsAmbulo 21:4) Ngenxa yothando lwakhe olukhulu ngesintu, uNkulunkulu uye walungiselela ikhambi laphakade lazo zonke izifo, kuhlanganise nengculaza.

IHubo 22:24 lithi ngoNkulunkulu: “Akadelelanga, akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo; akamfihlelanga ubuso bakhe, kepha nalapha ekhala kuye, wezwa.” Uthando lukaNkulunkulu lutholakalela bonke abambiza ngobuqotho befuna usizo.

Obani Abathola Igciwane Lengculaza?

Ngokuyinhloko ingculaza iyisifo esibangelwa indlela yokuphila. Lapho sebecabangisisa kahle abantu abaningi abanayo bavumelana neHubo 107:17 (NW), elithi: “Labo ababeyiziwula, ngenxa yendlela yokona kwabo nangenxa yamaphutha abo, ekugcineni bazibangela ukuhlupheka.”

Lapho umuntu elahla izindinganiso zeBhayibheli futhi eba nobuhlobo bobulili ngaphandle kwelungiselelo likaNkulunkulu lomshado, uba sengozini enkulu yokuthola ingculaza noma ukuyidlulisela kwabanye. Futhi, lapho abantu behlanganyela imijovo ukuze bafake izidakamizwa emithanjeni, bangayithola ingculaza futhi badlulisele leligciwane kwabanye. Ngaphezu kwalokho, abaningi baye bathola ingculaza ngokumpontshelwa igazi elivela kubantu abanayo abathekelise ngalo.

Nokho, ngokudabukisayo, amanani ashaqisayo abantu abangenacala angenwa igciwane lengculaza, futhi libangena ngezindlela eziningana. Ngokwesibonelo, abangane bomshado abaningi abathembekile, kungengaphutha labo, bathola ingculaza ngokuba nobuhlobo bobulili nomngane womshado onayo. Bese-ke, ikakhulukazi ezindaweni ezithile, kuba namaphesenti ashaqisayo ezingane athola igciwane lengculaza konina abanalo, okwenza ingane esanda kuzalwa enengculaza ibe ngesinye sezisulu ezidabukisa kakhulu. Futhi, izisebenzi zezempilo nabanye baye bathola lesisifo ngenxa yezingozi ezenzeka lapho besebenza ngegazi elinaleligciwane.

Kungakhathaliseki ukuthi umuntu uyithola kanjani ingculaza, imiBhalo ikubeka ngokucacile ukuthi uNkulunkulu akanacala ngokudluliswa kwalesisifo esibulalayo. Nakuba namuhla iningi lalabo abanengculaza beye bazibangela yona futhi bayidlulisela kwabanye ngokuziphatha okungavumelani nezindinganiso zeBhayibheli, amaphesenti ayashintsha, ebonisa ukuthi kunamanani amakhulu ezisulu ezingenacala, njengezingane nabangane bomshado abathembekile.

I-World Health Organization ithi abesifazane emhlabeni wonke manje bathola igciwane lengculaza ngezinga elifanayo nabesilisa ithi futhi ngonyaka ka-2 000, iningi labantu abayoyithola kuyoba abesifazane. Izisebenzi zezempilo e-Afrika zithi kumaphesenti angu-80 eziguli ezinengculaza kuleyondawo “idluliselwa ngokuba nobuhlobo bobulili kwabantu bobulili obungafani, futhi cishe kubo bonke abanye idluliselwa isuka kumama iye enganeni phakathi nesikhathi sokukhulelwa noma sokuzalwa.”

Nokho, nakuba uNkulunkulu emelene nanoma yikuphi ukweqiwa kwemithetho yakhe, kuhlanganise nokwephulwa kwaleyo okuthi uma yephuliwe ibangele ukuhlupheka okunjalo, uyashesha ukubonisa isihe sakhe kubo bonke abahlupheka kanjalo. Ngisho nalabo abathole ingculaza ngezenzo ezingalungile bangazuza esiheni sikaNkulunkulu ngokuphenduka futhi bayeke ukwenza okubi.—Isaya 1:18; 1 Korinte 6:9-11.

Okwaziwayo Manje

Ingculaza iyinkinga yempilo esemhlabeni wonke. Nakuba izazi zesayensi ziqinisekisa abantu ukuthi “i-HIV ayilona igciwane elidluliselwa kalula,” akuziduduzi kangako izigidi esezinalo kakade nezigidi ezingenakubalwa ezisazolithola eminyakeni ezayo. Amaqiniso abonisa ukuthi lisakazeka emhlabeni wonke.

Sifingqa izindlela ezivamile zokudluliselwa kwalo, isikhulu esithile sithi: “Cishe bonke abantu abanegciwane le-HIV balithole ngokuba nobuhlobo bobulili noma ngokuthola igazi elinalo.” Ubonisa iziphetho zezisebenzi eziningi zokwelapha, lombiko uthi: “Ukuze umuntu alithole, kumelwe kube noketshezi lomzimba (cishe ngaso sonke isikhathi igazi noma isidoda) oluvela kumuntu onaleligciwane olufakwa emzimbeni womuntu ongenalo.”

Nokho, izinkulumo ezithi “cishe bonke” nethi “cishe ngaso sonke isikhathi” zibonisa ukuthi izimo zingase zihluke. Ngakho nakuba namuhla labo abasemkhakheni wezokwelapha bezazi izindlela zokudlulisela ingculaza, ezimweni ezimbalwa kakhulu, indlela yokuthola leligciwane ingase ingaziwa. Ngakho, kungenzeka kusenesidingo sokuqapha.

Uyosabela Kanjani?

Abantu abangaba izigidi ezingu-12 kuya ezigidini ezingu-14 emhlabeni wonke sebenalo kakade igciwane lengculaza. Futhi izibalo zibonisa ukuthi ezinye izigidi eziningi ziyobe sezinalo ekupheleni kwalelikhulu leminyaka. Ngakho, cishe uye waba phakathi kwabantu abanalesisifo, noma kuzoba njalo ngokushesha. Ngokwesibonelo, kunoma yiliphi idolobha elikhulu, ukuhlangana nabantu abanjalo kwenzeka nsuku zonke ezindaweni zomsebenzi, ezindaweni zokudlela, ezinkundleni zemidlalo, emabhasini, ezindleleni ezingaphansi komhlaba, ezindizeni, ezitimeleni, nakwezinye izindawo okuhlangana kuzo umphakathi.

Ngakho, ngokwandayo, amaKristu angase ahlangane nabantu abanengculaza abafuna ukufunda iBhayibheli, ukuba khona emihlanganweni yobuKristu, futhi bathuthukele ekuzinikezeleni kuNkulunkulu, bese eshukunyiselwa ukuba abasize. UmKristu kufanele asabele kanjani kulezizidingo zezisulu zengculaza? Ingabe zikhona izinyathelo zokuphepha ezingaba usizo ukuze kuzuze lowo esimphethe nalabo abasebandleni lobuKristu?

Ngokombono wamanje okuvunyelwana ngawo, ukuhlangana nje okuvamile akuyidluliseli ingculaza. Ngakho kubonakala kunengqondo ukuthi umuntu akudingekile esabe ngokungadingekile ukuba phakathi kwabantu abanengculaza. Futhi njengoba abantu abaphethwe ingculaza benesimiso sokuvikeleka ezifweni esibuthaka ngokuphawulekayo, kumelwe siqikelele ukuthi abangenwa izifo zamagciwane ezivamile thina okungenzeka sinazo. Ungase ube mkhulu umonakalo emizimbeni yabo ongase ubangelwe izifo ezinjalo ezivamile.

Ngenxa yokuthi ingculaza isongela ukuphila, kuwukuhlakanipha ukukhumbula izinyathelo ezifanelekile zokuphepha lapho kwamukelwa umuntu onengculaza ebudlelwaneni bethu noma bebandla lobuKristu. Okokuqala, nakuba kungenakwenziwa simemezelo ebandleni, kungase kudingeke sazise omunye wabadala ebandleni ngalesisimo ukuze akulungele ukuphendula ngomusa nangokufanelekile noma ubani ongase abuze ngalendaba.

Njengoba leligciwane lingase lidluliselwe ngegazi lomuntu onalo, kungase kube okunengqondo ukuba amabandla asebenzise lokho okuthiwa izinyathelo zokuqapha ezisebenza yonke indawo lapho ehlanza izindlu zangasese nezinto ezichithekile, ikakhulukazi uma kunegazi kulokho okuchithekile. Inkulumo ethi “izinyathelo zokuqapha ezisebenza yonke indawo” iye yamukelwa izisebenzi zokwelapha ukuze zichaze iqoqo lemithetho ethi lonke igazi elivela kunoma ubani libhekwa njengelinegciwane nelingase libe yingozi futhi ngenxa yalokho kufanele liphathwe ngendlela ekhethekile. Ngenxa yokuthi iHholo LoMbuso liyindawo yomphakathi, kungase kube ukuhlakanipha ukuba kuhlale kunezinto zokuhlanza nebhokisi lamagilavu e-Latex noma e-vinyl ukuze kunikezwe ukunakekela okufanele nokuhlanza uma kungenzeka ingozi. Ngokuvamile kutuswa ukuba kusetshenziswe amanzi ahlanganiswe namaphesenti ayishumi e-bleach (Jik) lapho kusulwa igazi elichithekile.

Kukho konke ukusebenzelana kwethu nabanye, kuhlanganise nezisulu zengculaza, amaKristu ayalwa ukuba alandele isibonelo sikaJesu. Isihawu ayenaso kulabo ababehlupheka, kodwa ababenesifiso esiqotho sokujabulisa uNkulunkulu, sikufanele ukuba sisilingise. (Qhathanisa noMathewu 9:35-38; Marku 1:40‚ 41.) Nokho, njengoba njengamanje lingekho ikhambi lengculaza, kuyafaneleka ukuba umKristu athathe izinyathelo ezifanelekile njengoba enikeza usizo lozwela kulabo ebaphethe.—IzAga 14:15.

Izisulu Zengculaza Nazo Zingasiza

Umuntu onengculaza ohlakaniphile uyaqaphela ukuthi abanye bayashesha ukuzwela uma bezwa ngalesisifo. Ngakho-ke, ngenxa yokuhlonipha imizwa yalabo abafuna ukusiza, kuyoba ngcono ukuba isisulu sengculaza kungabi yisona esithatha isinyathelo kuqala ekuboniseni uthando obala njengokwanga nokuqabula. Ngisho nakuba lilincane noma lingekho ithuba lokuba izenzo ezinjalo zingadlulisela lesisifo, lokhu kuzibamba kuyobonisa ukuthi isisulu siyabacabangela abanye, bese nabo bemcabangela ngendlela efanayo.a

Ngenxa yokuqaphela ukuthi abaningi bayayesaba into abangaqiniseki ngayo, umuntu onengculaza akufanele asheshe acasuke lapho engamenyelwa emizini yabantu zisuka nje noma uma kubonakala sengathi umzali uyayenqabela ingane yakhe ukuba isondelane naye. Futhi uma esinye seziFundo Zencwadi Zebandla siqhutshelwa eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova, kungase kube ukuhlakanipha ukuba umuntu onengculaza akhethe ukuhlanganyela lapho, kunokuba aye emzini womuntu, ngaphandle kwalapho eye waxoxa ngalesisimo nomninikhaya.

Abantu abanengculaza kufanele futhi ngokuqapha babakhathalele abanye, ngokwesibonelo, njengalapho kuthi uma bekhwehlela kube nezikhwehlela futhi kwaziwa ukuthi banesifo sofuba. Khona-ke bayofuna ukusebenzisa iziqondiso zezempilo zomphakathi ngokuqondene nalesisimo ngokuphathelene nezinqubo zokuzihlukanisa nabantu.

Esinye isimo umuntu ongenacala angasithola kuso lesisifo kulapho eshada nomuntu onaleligciwane lengculaza engazi. Isidingo sokuqapha ezimweni ezinjalo singase sibe esibalulekile ikakhulukazi uma oyedwa noma bobabili abantu abahlose ukushada babeziphethe ngokuxekethile noma besebenzisa imijovo ukuze basebenzise kabi izidakamizwa ngaphambi kokuba babe nolwazi oluqondile lweZwi likaNkulunkulu. Njengoba landa inani labantu abanegciwane le-HIV kodwa kungabonakali (okusho ukuthi, abakabi nezimpawu ezibonakala ngaphandle), akunakuba okungafanelekile ukuba umuntu noma abazali abakhathalelayo bacele ukuba kuhlolwe ingculaza egazini lalowo ozoba umngane womshado ngaphambi kokuthembisana noma umshado. Ngenxa yokuthi lesisifo siletha inhlekelele futhi siyabulala, lowo ozoba umngane womshado akufanele acasuke lapho kwenziwa lesisicelo.

Uma ukuhlola kubonisa ukuthi unalo leligciwane, ngeke kufaneleke ukuba lowo onalo acindezele lowo abehlose ukuba abe umngane womshado ukuba aqhubeke ethandana naye noma ukuba bathembisane uma lowo obezoba umngane womshado efisa ukubuqeda ubuhlobo. Futhi bekuyoba ukuhlakanipha ukuba noma ubani owake waphila ngendlela eyingozi, waziphatha ngokuxekethile noma wasebenzisa izidakamizwa ezifakwa emithanjeni ngemijovo, ukuba azikhethele ukuyohlolwa ngaphambi kokuba aqale ukuqomisa. Ngalendlela, kungagwenywa ukulimala kwemizwa.

Ngakho, njengamaKristu sifuna ukuba nesihawu futhi singabagwemi abantu abanengculaza, nokho, siqaphela ukuthi imizwa yabantu ingase ihlukahluke ngokuqondene nalendaba ebucayi. (Galathiya 6:5) Kusekhona okungakaziwa ngesifo sengculaza, ngakho abaningi bangase banqikaze ukusingatha izinkinga ezihilelekile. Umbono olinganiselwe ngalendaba uyoba ukuqhubeka samukela izisulu zengculaza ebandleni lobuKristu futhi sibonise uthando nobungane kuzo, kuyilapho ngesikhathi esifanayo sithatha izinyathelo zokuphepha ezifanelekile ukuze sizivikele thina nemikhaya yethu kulesisifo.

[Umbhalo waphansi]

a Yini umuntu owaziyo ukuthi unengculaza okufanele ayenze uma efuna ukuba ngomunye woFakazi BakaJehova futhi abhapathizwe? Ngenxa yokuhlonipha imizwa yabanye, kungase kube ukuhlakanipha ukuba bacele ukubhapathizwa ngasese, nakuba bungekho ubufakazi obusikisela ukuthi ingculaza iye yadluliselwa emadanyini okubhukuda. Nakuba amaKristu amaningi ekhulu lokuqala ayebhapathizwa emibuthwaneni yeningi emikhulu, amanye abhapathizwa ngasese ngenxa yezimo ezihlukahlukene. (IzEnzo 2:38-41; 8:34-38; 9:17, 18) Okunye okungenziwa kungaba ukugcina ngalowo ozobhapathizwa onengculaza.

[Ibhokisi ekhasini 13]

Ngamdabukela

Ngolunye usuku lapho ngisenkonzweni yasobala, ngaya kowesifazane osemusha ocishe abe neminyaka engu-20. Amehlo akhe amakhulu ansundu ayebonakala enokudabuka. Lapho ngizama ukuqala ngikhulume ngoMbuso kaNkulunkulu, ngamhambisela elinye lamapheshana engangiwaphethe. Ngokunganqikazi wakhetha elithi Induduzo Ngabacindezelekile. Wabheka lelipheshana wayesengibuka, ngezwi eligcwele usizi wathi: “Udadewethu usanda kubulawa ingculaza.” Ngingakaqedi nokuzwakalisa ukuzwelana naye, wathi: “Nami iyangibulala ingculaza, kanti nginabantwana ababili abasebancane.”

Ngamdabukela, ngase ngimfundela eBhayibhelini ngekusasa uNkulunkulu alithembise isintu. Wangingena emlonyeni ethi: “Kungani uNkulunkulu engangikhathalela manje kuyilapho mina ngingazange ngibe nandaba naye?” Ngamtshela ukuthi lapho esefunda iBhayibheli, uyoqonda ukuthi uNkulunkulu wamukela wonke umuntu ophenduka ngobuqotho futhi othembela kuye nasemhlatshelweni wesihlengo weNdodana yakhe. Waphendula: “Ngiyakwazi ukuthi uwubani. Uvela eHholo LoMbuso ezansi nomgwaqo—kodwa ingabe umuntu onjengami angemukelwa eHholo lenu LoMbuso?” Ngamqinisekisa ukuthi uyokwemukelwa.

Lapho ekugcineni eqhubeka nendlela yakhe, ephethe incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? nepheshana lakhe, ngacabanga, ‘Ngifisa sengathi angathola induduzo okuwuNkulunkulu kuphela ongayinikeza.’

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela