Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Isizungu Ngiyabonga ngochungechunge oluthi “Isizungu—Lokho Ongakwenza Ngaso.” (September 22, 1993) Ngakhala kusukela ekuqaleni ngaze ngaluqeda. Lungenze ngayihlolisisa imizwa ebenginayo muva nje. Manje ngiyaqaphela ukuthi akumina ngedwa umuntu onesizungu. Ngithemba nje ukuthi ngingasithatha iseluleko senu futhi ngisisebenzise ekuphileni kwami.
S. G., United States
Lezozihloko zangithinta ngokujulile. Bengilashelwa ukucindezeleka okukhulu futhi ngithola ukuthi isizungu siyisitha sami esikhulu kunazo zonke. Umuntu ocindezelekile ukhandleka njalo elwa nalombulali othulile. Izihloko ezinjengalezi ziwumthombo wethemba.
G. P., United States
Ngineminyaka engu-21 ubudala futhi ngikhonza njengenceku ekhonzayo ebandleni loFakazi BakaJehova. Ngiye ngakhonza futhi njengephayona (umshumayeli wesikhathi esigcwele). Kodwa ngiye ngabhekana nesizungu ngokuphindaphindiwe. Izihloko zenu beziyimpendulo yemithandazo yami. Abadala bebandla lakithi baye babonisa uthando futhi baba usizo kakhulu, kodwa manje ngiyayibona indlela yokuthuthukisa isimo sami. Ngiye ngenza izinguquko eziningi esimweni sengqondo nezenzo.
R. P., United States
Muva nje ngiye ngahlushwa isizungu. Kunzima ukuchaza indlela ebengikhungatheke ngayo. Kodwa ningayicabanga yini indlela engamangala ngayo lapho ngithola i-Phaphama! ka-September 22, 1993? Ngabamba ongezansi! Ngabonga uJehova futhi ngayifunda ngokushesha ngangokunokwenzeka. Ngiyabonga ngalolochungechunge olubhalwe kahle neseluleko salo esinengqondo.
C. F., England
Izindaba Zothando Ezisontekile Ngamangala lapho ngibona isihloko esithi “Indaba Yothando Ehlukile” kwesithi “Ukubuka Okwezwe.” (October 22, 1993) Ngaphambi kokuba ngiqale ukufunda iBhayibheli, ngangivame ukubhala lezindaba ezisontekile ngokuthandana kongqingili. Lapho ngifunda lesihloko, sangiqaphelisa ngokunamandla ukuthi ngangisacabanga ngalezozindaba, ngezinye izikhathi ngakhe ezintsha engqondweni yami. Ngenxa yokuthi niye naxoxa ngalendaba, ngiye ngakwazi ekugcineni ukuqeda ukucabanga ngalezinto.
S. S., Japan
Ushushiso Olungokwenkolo Ayikho enye indaba yokuphila engithinte njengaleyo enesihloko esithi “Oh, Jehova, Gcina Intombazanyana Yami Ithembekile!” (September 22, 1993) Yagcizelela engqondweni nasenhliziyweni yami ukuthi kungakhathaliseki ukuthi yini engingase ngibhekane nayo ukuze ngigcine ubuqotho bami kuJehova, uzongisekela ngaso sonke isikhathi.
C. D., United States
Kwakungenakwenzeka ukungathintwa yilendaba yokuphila. Indodakazi yethu u-Esther icabanga ukuthi lesihloko sihle kakhulu! Kwangathi uJehova angasiza izingane zethu ziqine okholweni ngendlela efanayo!
A. C., France
Ngiyabonga ngesihloko esithi “Ukunqoba Nakuba Bebhekene Nokufa.” (May 8, 1993) Sijabulela inkululeko engokwenkolo lapha. Kodwa ngithandazela ukuba ngikwazi ukulandela isibonelo salabazalwane futhi ngigcine ubuqotho bami lapho ngibhekene nezinye izinhlobo zobunzima.
S. M., Brazil
Wazisa Imidwebo Lapho ngibona umfanekiso wezwe elisha likaNkulunkulu ekhasini langaphandle le-Phaphama! ka-October 22, 1993, ngachichima injabulo. Ngangilokhu ngibuke lomfanekiso, ngithandazela ukuba ngikwazi ukuphila lapho. Ngawubuka futhi ezinsukwini ezimbalwa kamuva, futhi wawusangithinta ngendlela efanayo. Ngiyabonga ngesikhuthazo esimangalisa kangaka.
S. H., United States
Angibazi abadwebi benu bemifanekiso, kodwa umsebenzi wabo uhlaba umxhwele ngempela! Obunye bobuciko obuhle kakhulu engake ngabubona busezincwadini zenu. Ngingumdwebi wemifanekiso nami, futhi ngiyakwazi ukubona ubuciko obuhle ngempela.
D. W., United States