Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 3/8 k. 3
  • Umzabalazo Othandwayo WeNkathi Entsha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umzabalazo Othandwayo WeNkathi Entsha
  • I-Phaphama!—1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umzabalazo Womhlaba Wonke
  • Uyini Umzabalazo WeNkathi Entsha?
    I-Phaphama!—1994
  • Iyofika Kanjani INkathi Entsha Yangempela?
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Kungani Abantu Bezishiya Izinkolo Ezivamile?
    I-Phaphama!—2002
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 3/8 k. 3

Umzabalazo Othandwayo WeNkathi Entsha

SIPHILA enkathini ebucayi. Izindinganiso ezingokwesiko nezindlela zokuphila zihlala zingatshazwa. Ingxubevange eguquguqukayo yezombangazwe nenkolo isidudula isisusa kwenye inhlekelele isiyise kwenye. Isayensi nezobuchwepheshe akuwalethanga amakhambi ahlala njalo ezinkinga zesintu. Abaningi bayaqiniseka ngokuthi isimo sezinto esinjengalesi ngeke sixazululwe ngaphandle kokuba kuqalwe isimiso esisha sezwe.

Kodwa inkathi enjalo iyoba khona kanjani? Ngokungenela kukaNkulunkulu? Uma kunjalo, ingabe kumelwe siqhubeke silindile? Noma ingabe thina ngokwethu singenza okuthile ngakho? Ingabe thina singayiletha lenkathi entsha efunwa ngamehlo amnyama? Izigidi zabantu emhlabeni wonke ezivela kuzo zonke izizinda zokuphila zikholelwa ukuthi zingaba nengxenye ebalulekile ekuletheni inkathi entsha yokuthula nobuzalwane. Lababantu bangabomzabalazo weNkathi Entsha wokuletha izinguquko, futhi bafuna ukuba wena ubajoyine!

Umzabalazo Womhlaba Wonke

Ingabe uke wezwa ngomzabalazo weNkathi Entsha? Emazweni amaningi igama elithi “iNkathi Entsha” liye lasetshenziswa ngokukhululekile ezinhlotsheni ezithile ezidumile zezincwadi, umculo, nezobuciko. Phela, kukhona namathilomu eNkathi Entsha! Amaqhawe ezemidlalo nezilomo zaseHollywood ziyawukhuthaza lomzabalazo. Amalungu awo aba nemihlangano nemibukiso njalo. Igama elithi “iNkathi Entsha” liye lahlanganiswa kakhulu futhi nezimpahla ezisetshenziswayo, njengezimonyo, imithi yokuziphoshonga, amavithamini, nezinto zokunakekela impilo. Izincwadi ezikhuluma ngeNkathi Entsha zithengiswa ngezigidigidi. Ezinye izitolo zinendawo yazo ehlukile. Eziningi zalezizincwadi zinethonya elinamandla elingokwenkolo kwabazifundayo.

Encwadini yakhe ethi The Cosmic Self—A Penetrating Look at Today’s New Age Movements, umlobi uTed Peters ubhekisela kulomzabalazo “njengolingana nebhomu le-hydrogen elingokwenkolo cishe osekuyiminyaka engamashumi amathathu manje lilindele ukuqhuma.” Unezela ngokuthi “abaprofethi bomzabalazo wenkathi entsha baguqula abantu; futhi izimfundiso zabo ziyemukelwa . . . amaProthestani, amaRoma Katolika, amaJuda, abaphika ubukhona bukaNkulunkulu, kuhlanganise nenani elandayo lamaBuddha namaHindu eNyakatho Melika.”

I-Times yaseLondon ibika ukuthi “uMzabalazo WeNkathi Entsha . . . cishe manje usuyinkolo ekhula ngokushesha kunazo zonke eNtshonalanga. Kulinganiselwa ukuthi ngokushesha amaphesenti angu-25 abantu baseMelika azowungenela ngezinga elithile uMzabalazo WeNkathi Entsha.” Umagazini waseSwitzerland i-Fundamentum waphawula ukuthi, eNetherlands, cishe izazi zenkolo eziyikhulu zazihlangana njalo ukuze “zidingide ukuthi indlela yokucabanga yeNkathi Entsha ingangeniswa kanjani ekuphileni kwesonto nasezintshumayelweni.” Omunye umagazini uthi “amazwe emhlabeni wonke anezindlela zawo ezihlukahlukene zokuqhuba umzabalazo weNkathi Entsha, kodwa uthandwa emhlabeni wonke.”

Izinhlangano zezamabhizinisi ziye zachitha izigidigidi zama-dollar kubeluleki bomzabalazo weNkathi Entsha futhi zifaka izisebenzi zazo ezinhlelweni zeNkathi Entsha. I-San Francisco Chronicle ibika ukuthi “ukucabanga kweNkathi Entsha kuye kwangena ezikhungweni eziphakeme kakhulu zezinhlangano zaseMelika zezamabhizinisi.” Leliphephandaba linezela ukuthi okunye ukuhlolwa kwezinkampane ezingu-500 kwembula ukuthi ezingaphezu kwamaphesenti angu-50 zinokuhileleka okuthile ekucabangeni kweNkathi Entsha.

Kodwa kuyini lokhu kuthambekela kweNkathi Entsha, futhi kwaqala kanjani? Ingabe kuzokuletha ngempela ukuthula nokuzwana emhlabeni? Yini okuyifundisayo, futhi kukuthinta kanjani wena?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela