Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 2/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1993
  • Ukukhipha Isisu​—Akulona Ikhambi Elingenazinkinga
    I-Phaphama!—2009
  • Ingabe Lezinkolo Zinayo Impendulo?
    I-Phaphama!—1993
  • Ukukhipha Isisu—Ingabe Kuyikhambi?
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 2/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ubuhlanga Ochungechungeni lwenu oluthi “Ingabe Zonke Izinhlanga Ziyoke Zihlangane?” (August 22, 1993), nithinta udaba lobandlululo lobuhlanga. Kodwa kungani nigcina lapho? Ingabe akukhona yini ukuthi kumane nje kuyingxenye yendlela umuntu adalwe ngayo ukuba nomuzwa wokungakhululeki ngomunye umuntu ohlukile? Cabangani ngobandlululo oluphakathi kwabantu abenza imisebenzi evamile nochwepheshe, phakathi kwabantu abahlala edolobheni nabahlala emaphandleni, phakathi kwabasha nabadala. Namuhla sekunomkhuba wokukhulisa ubandlululo lobuhlanga ngezizathu ezingokombangazwe nezinye.

B. G., Germany

Zikhona ezinye izinhlobo ezandile zobandlululo, kodwa ngokuvamile azizange zikubangele ukuhlupheka, ukungabikho kobulungisa, nokwehlukana okuye kwabangelwa ubandlululo lobuhlanga. Ngakho-ke sazizwa sibophekile ukuba silucabangele ngokukhethekile loludaba olwenzeka kulezizikhathi.—ED.

Umculo Wezinyoni Ngiqedile ukufunda isihloko esithi “Umculo Wezinyoni—Ingabe Ungomunye Nje Umculo Omnandi?” (June 22, 1993) Ngakujabulela ukufunda ukuthi izingoma zezinyoni, abanye mhlawumbe ababekholelwa ukuthi zimane nje ziwukutshiloza okumnandi, empeleni zisho okuthile. Ngiyanibonga kakhulu ngokukhipha izihloko ezisitshela ngemisebenzi yendalo kaJehova emangalisayo.

A. P. C., Brazil

Isihloko senu sakhuluma ngososayensi othile waseBrithani owaqaphela ukuthi ama-thrush ambalwa aculayo ayethathe nomsindo wokukhala kocingo awunezela ezingomeni zawo. Mina nomkami saba nokuhlangenwe nakho okufanayo. Ngonyaka odlule ama-thrush athile aculayo akha isidleke sawo eduze kwebhentshi lasengadini yethu. Ukuze singawethusi, sasicula ingoma emfishane efanayo ngekhwela njalo uma sisondela ngasesidlekeni. Kulentwasahlobo, ama-thrush amaningana ayesecula lengoma esasiyicule ngekhwela ngonyaka odlule!

K. M., Germany

Ukukhishwa Kwezisu Ngineminyaka engu-14 ubudala, futhi uchungechunge lwenu oluthi “Ukukhishwa Kwezisu—Ukwenziwa Nokuqedwa Kokuphila” (May 22, 1993) lwangisiza ukuba ngikuqonde ngisho nangokwengeziwe ukuthi ibaluleke kangakanani lendaba namuhla. Lwagcizelela ukuthi nakuba umbungu uphila ngaphakathi emzimbeni wowesifazane, akuwona umzimba wakhe kuphela othintekayo ngokukhishwa kwesisu. Umbungu ungukuphila kusukela ngesikhathi sokukhulelwa—awusona nje isicucwana sesicubu. Nginomuzwa wokuthi ukukhishwa kwezisu kufanele kuvalwe.

J. R. W., United States

Nakuba imiBhalo iwulahla ngokusobala umkhuba wokukhishwa kwezisu, i-“Phaphama!” ayithathi hlangothi kwezombangazwe futhi ayihlangene nanoma imaphi amaqembu alwela ukuvalwa kokukhishwa kwezisu. Kunalokho, izihloko zethu ziklanyelwe ukusiza abantu ngabanye ukuba basebenzise iZwi likaNkulunkulu ekuphileni kwabo.—ED.

Izingane Ezicindezelekile Ngithanda ukunibonga kakhulu ngochungechunge lwezihloko oluthi “Izingane Ezicindezelekile—Zingasizwa Kanjani?” (July 22, 1993) Lwanikeza ukwaziswa okuwusizo kokusiza thina bazali ukuba siqonde ukuthi, ngenxa yokungabi nakho okuhlangenwe nakho noma ngenxa yokucindezeleka, singazibangela kanjani ukulimala okukhulu izingane zethu.

M. L. S., Italy

Izwe seliyindawo lapho ngisho nezingane zicindezeleka khona. Ngangivame ukucindezeleka ngenxa yamagama abazali bami ababengibiza ngawo uma ngithathe kancane ekwenzeni izinto. Kwakungiphatha kabi kakhulu. Sengiyabona kulezizihloko ukuthi abazali balolonga izingane kusukela ngosuku ezizalwa ngalo. Uma kungase kwenzeke ngibe umzali, ngifuna ukuba nesineke sokubonisana nezingane zami.

N. K., Japan

Lezizihloko ziyithinté kakhulu inhliziyo yami. Umama wami wayengiphatha kabi. Lezizihloko zingisizé ukuba ngiqonde ukuthi kungani ngisabela ngendlela engisabela ngayo ezimweni ezithile nokuthi kungani ngokuvamile ngizizwa ngingento yalutho futhi ngintula ukuzethemba. Ningisizé ngempela ukuba ngethembele kuJehova. Ubuhlungu obungokomzwelo busekhona, kodwa ngiyazi ukuthi uthembise ukuzesula lezizinkumbulo ezimbi enhliziyweni nasengqondweni. Lokhu kuyangiduduza kakhulu.

E. B., England

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela