Intatheli YaseKiev Itusa OFakazi
U-OLEKSA KURPAS wawutusa kakhulu umhlangano woFakazi BakaJehova owawuseKiev, e-Ukraine, ngo-August 5 kuya ku-8, 1993. Wabhala lokhu kuyi-Democratic Ukraine yaseKiev ngo-August 10:
“Sekuyisikhathi eside iRepublican Stadium yagcina ukuba nabantu abaningi kangaka . . . Cabanga abantu abangu-64 000 (phakathi kwabo kukhona nezinkulungwane zezihambi) behlala emahhotela, behambela izitolo, behamba ngezinto zokuhamba zomphakathi. . . . Lomhlangano woFakazi BakaJehova ubusezingeni eliphezulu. Izikhulumi ebezinikeza izinkulumo bezishayelwa ihlombe kakhulu (njengasezinsukwini zakudala), ngiye ngakhala izinyembezi.
“Akubona bonke abantu abayaziyo lenkolo. Ngokungefani nenkolo yobu-Orthodox, oFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi uJesu Kristu wayemane eyiNdodana kaNkulunkulu, nokuthi umoya ongcwele ungamandla kaNkulunkulu, (okungukuthi, abakwamukeli ukuthi bonke bamunye kuZiqu-zintathu Ongcwele). Bafundisa ukuthi isihogo asikho. Ngemva kokwahlulelwa okusabekayo, umhlaba uyoguqulwa ube ipharadesi, okuyohlala kulo abantu abalungile bese kuthi izoni zife. Abalandeli balenkolo banikeza imikhaya yabo ukunakekela okuyinhloko. Lokhu kuyinto engcwele, kuyisisekelo sangempela sezinto, into enhle nefudumele kunazo zonke emhlabeni. Banesimo sengqondo sobungane kubafowabo nodadewabo (futhi okuphawuleka nakakhulu—nakubantu bezinye izinkolo). Angikaze ngiyibone into enjena. . . .
“NgoMgqibelo, ngo-August 7 kwenzeke into ethakazelisa kakhulu. Ngalolusuku kuloMhlangano Wezizwe WoFakazi BakaJehova, kubhapathizwe inani labantu elingakaze lifinyelelwe, okungukuthi, abangu-7 402. Ukuze kuqalwe lenqubo engavamile nebalulekile, emzileni wokugijima waleNkundla bekubekwe amadamu amakhulu axhunywayo ayisithupha. Amadoda angamashumi ayisithupha avuthiwe ngokomoya abebabhapathiza ngokubacwilisa emanzini labashumayeli bezindaba ezinhle abasha. Sonke lesisenzakalo sithathe amahora amabili nemizuzu engu-15. . . .
“Labafundi abasha bebephuma belandelana ezingxenyeni ezinhlanu zalenkundla futhi behlangatshezwa yihlombe loFakazi BakaJehova abebesemhlanganweni. Inani lalabo ababhapathizwe eKiev lidlule inani elikhulu langaphambili elafinyelelwa ngo-1958 [labangu-7 136], emhlanganweni wezizwe eNew York. Ngokuvamile, njengoba oFakazi BakaJehova benenhlangano esebenza kahle kangaka, ngokuqinisekile esikhathini esizayo esiseduze lenhlangano yenkolo izozuza imiphefumulo eminingi engama-Orthodox ebilokhu ikulenkolo isikhathi eside.
“Ngicela abaholi bezinkolo ezihlukahlukene bangixolele, kodwa uma bengakuyeki lokuxabana kwabo kobuwula, bazolahlekelwa amakhulu ezinkulungwane zabantu benkolo. Lomhlangano ubonise ukuthi kungaba khona ngempela ukuthula nokuzwana phakathi kwabantu bezizwe ezihlukene nabavela emazweni ahlukahlukene.”
[Isithombe ekhasini 24]
Abanye babantu abangu-7 402 ababhapathizwa emhlanganweni waseKiev, e-Ukraine