Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Isizungu Ngifisa ukunibonga kakhulu ngochungechunge oluthi “Isizungu—Lokho Ongakwenza Ngaso.” (September 22, 1993) Lwafika ngosuku engangizizwa nginesizungu kakhulu ngalo. Nakuba lwangenza ngakhala, ngizizwa ngingcono kakhulu ngemva kokulufunda. Ngicabanga ngabanye abangane bami abaningana abayothola isikhuthazo ngokulufunda.
B. H., United States
Nakuba sekuyisikhathi esithile ngifisa ukubona isihloko esinjena, safika ngokungalindelekile ngempela. Ngithanda ukuveza ukwazisa kwami okusuka enhliziyweni ngeseluleko esasisiqukethe. Kunzima ngempela ukuqonda isizungu uma ungakaze ubhekane naso.
C. G., Italy
Ngineminyaka engu-38 ubudala futhi ngiye ngaba nesizungu kakhulu, ngenxa yokuba ukuphela kwengane ekhaya futhi kamuva ngabhekana noshintsho lwemisebenzi nesehlukaniso. Lokhu kwaziswa kwakuletha ukukhanya futhi kufundisa. Nokho, anizange nisho ukuthi isizungu singaholela ekuziphatheni okubi ngokobulili, ukusebenzisa kabi izidakamizwa, nabangane ababi.
J. B., United States
Kulesisihloko okukhulunywa ngaso, sakhetha ukugxila ezindleleni zokunqoba isizungu kunokugxila ezingozini zaso. Nokho, siyakwazisa lokhu kuphawula.—ED.
Amabhu Nezivemvane Njengomuntu onesithakazelo kusayensi yezinto eziphilayo, ngithanda ukunezela iphuzu elilodwa esihlokweni esithi “Ibhu Noma Uvemvane—Ungakwehlukanisa Kanjani?” (May 8, 1993) Indlela elula kakhulu yokusheshe uhlukanise phakathi kwebhu novemvane iwukuqaphela indlela ezihlala ngayo. Lapho ibhu lihlala phansi izimpiko zalo ziyavuleka zilale; uvemvane, izimpiko zalo zisongeka ndawonye ziphakamele phezulu.
Y. Y., United States
Siyakubonga ngalokhu kwaziswa okwengeziwe. I-“World Book Encyclopedia” ithi lokhu kuyiqiniso ‘ngezivemvane namabhu amaningi.’—ED.
Intsha Iyabuza . . . Ngiyabonga ngesihloko esithi “Ingabe Ngikhula Ngendlela Efanele?” (September 22, 1993) Ngimdala kudadewethu ngonyaka owodwa, kodwa mude kakhulu. Manje sengiyazi ukuthi angizukuhlala ngimfushane.
C. L., United States
Ngiyabonga ngesihloko esithi “Kuthiwani Ngokuchitha Isikhathi Uzulile?” (June 22, 1993) Angikaze ngibe osemusha ochitha isikhathi ezula nenye intsha. Ngenxa yalokhu nganginomuzwa wokuthi kwakukhona okungalungile ngami. Kodwa lesisihloko sangisiza ngaqaphela ukuthi ukuchitha isikhathi uzula kungakufaka ezinkathazweni eziningi. Ukupheka, ukudweba, ukubhala izincwadi, nokushumayela kuyizindlela ezingcono kakhulu kimi zokusebenzisa isikhathi sami.
K. R., United States
Ngineminyaka engu-11 kuphela ubudala, kodwa ngasijabulela ngokugcwele isihloko esithi “Ngingakugwema Kanjani Ukuthola Ingculaza?” (September 8, 1993) Saxoxa ngaso ndawonye nomama. Ngiyanibonga ngokuyichaza ngokuningiliziwe indlela yokulondeka egciwaneni lengculaza. Ngangicabanga ukuthi ungalithola ngezindlela eziningi ezihlukene!
L. K., United States
Umnyuziyamu WokuQothulwa Kwesizwe Muva nje umqondisi wami emsebenzini wahlela ukuvakashela i-Holocaust Memorial Museum. Ngamnikeza isihloko sika-May 8, 1993, esithi “Umnyuziyamu Wokuqothulwa Kwesizwe NoFakazi BakaJehova” ukuze senze ukuvakasha kwakhe kuthakazelise ngokwengeziwe. Lomnyuziyamu unikeza abantu amakhadi anokuhlangenwe nakho komuntu siqu kwabantu abangu-500. Ikhadi lakhe lalinokuhlangenwe nakho komunye woFakazi BakaJehova—u-Emma Arnold. Umkhaya wakithi wahlangana nabakwa-Arnold ngo-1951 futhi wawunezithombe zabo kuyi-album yezithombe. Umqondisi wami wahlabeka umxhwele ngokuthi wayengazange athole okuhlangenwe nakho kukaFakazi nje kuphela kodwa wathola nokuhlangenwe nakho kothile owayaziwa umkhaya wakithi! Ngambonisa yena nabanye emsebenzini izithombe zethu futhi ngahlanganyela nabo okuhlangenwe nakho komkhwenyana kaDade Arnold, uMax Liebster, okwakhishwa ku-Phaphama! ka-March 22, 1979.
J. K., United States