Ingabe Wake Wazibuza?
Ingabe ukholelwa ukuthi umuntu unomphefumulo ongafi osindayo lapho umzimba ufa? Izigidi, mhlawumbe izigidi eziyizinkulungwane zabantu, zikholelwa ukuthi umuntu unikezwe umphefumulo ophumayo uyophila kwelinye izwe ngesikhathi sokufa noma uzalwa kabusha ube ngesinye isidalwa. Lithini iBhayibheli ngomphefumulo? Lemibuzo elandelayo uzoyithola ihlaba umxhwele futhi iyicacisa lendaba. Ukuze uthole izimpendulo, sisikisela ukuba uhlole imibhalo ekhonjiwe noma ubheke ikhasi 21.
1. Ingabe u-Adamu wadalelwa ezulwini noma emhlabeni?—Genesise 1:26-28.
2. Ingabe u-Adamu wadalwa engofayo, noma ongafi?—Genesise 2:15-17.
3. Ukuba u-Adamu walalela futhi wangona, ingabe wayezokufa?—Roma 6:23.
4. Ingabe inkambo ka-Adamu yabonisa ukuthi wayengofayo noma ongafi?—Genesise 3:19; 5:5.
5. Ngesono sakhe, ingabe u-Adamu walahlekelwa ikhaya lasemhlabeni, noma elasezulwini?—Genesise 1:26-28.
6. Uma uJesu afikela ukuzobuyisa lokho okwalahleka ngokuwa kuka-Adamu, yini eyobuyiswa?—IHubo 37:29; Roma 5:18, 19; IsAmbulo 21:1-4.
7. Ingabe u-Adamu wayakhiwe ngezingxenye ezimbili ezihlukene, umphefumulo nomzimba?—Genesise 2:7; 1 Korinte 15:45.
8. Uma ukholelwa ukuthi u-Adamu wayengumphefumulo nomzimba, iyiphi ingxenye eyona, umphefumulo noma umzimba?—IHubo 51:1-4.
9. Uma uphendula ngokuthi, “Umphefumulo,” kungani umzimba kumelwe uhlupheke?
10. Uma uphendula ngokuthi, “Umzimba,” kungani umphefumulo kumelwe usindiswe?
11. Uma umuntu eya ezulwini ngokufa, ingabe lokho akubonisi yini ukuthi isono nokufa kuyisibusiso kunokuba kube isiqalekiso njengoba iBhayibheli lisho?—Roma 5:12; 6:21-23.
12. Isiphi isijeziso esanikezwa u-Adamu ngenxa yesono sakhe—ukufa, noma ukuqhubeka ephila ndawana-thile?—Genesise 2:16, 17; 3:19.
13. Ingabe kwakukhona isijeziso somzimba nesinye somphefumulo?—UmShumayeli 9:5, 10; Hezekeli 18:4.
14. Ingabe uNkulunkulu wake wacabanga ngisho nokucabanga ngokuhlushwa phakade esihogweni somlilo?—Jeremiya 7:31.
15. NgokukaPawulu, iyini inkokhelo yesono?—Roma 6:23.
16. Ingabe uPawulu uyakhuluma ngokuhlushwa phakade esihogweni somlilo?—Roma 6:7.
17. Uma isihogo somlilo sikhona ngempela, kungani umuntu ehlushwa phakade ukuze akhokhele isono asenza esikhathini sokuphila esifushane nje? Ingabe ubulungisa bukaNkulunkulu bungaphansi kobomuntu?—Roma 9:14.
18. Ingabe amadoda athembekile asendulo ayekholelwa ukuthi ayenomphefumulo owawuya ezulwini noma esihogweni somlilo?—Genesise 37:35; IHubo 89:48; IzEnzo 2:34.
19. Liyini ithemba langempela ngabantu abafile?—Johane 5:28, 29; 11:23-26; IzEnzo 24:15.
20. Uma ungekho umphefumulo ongafi, kwenzeka kanjani ukuba abanye (abangu-144 000) babuse noKristu emazulwini?—1 Korinte 15:42-49, 53, 54; IsAmbulo 14:1, 4; 20:4.a
Ingabe Wake Wazibuza? Izimpendulo ZeBhayibheli
Okulandelayo kungeminye imibhalo ekhonjwe nemibuzo esekhasini 13:
1. “UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; . . . wabadala owesilisa nowesifazane. . . . UNkulunkulu wathi kubo: Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe.”—Genesise 1:27, 28.
2. “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho, kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.”—Genesise 2:16, 17.
3. “Inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.”—Roma 6:23.
4. “Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.”—Genesise 3:19.
5. Bheka uNo. 1.
6. “Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu . . . Azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.
7. “UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba-kanjalo umphefumulo ophilayo.” (Genesise 2:7) Igama elithi “umphefumulo” lihumusha elesiHeberu elithi neʹphesh, elisho ukuthi “lokho okuphefumulayo.” “Njengoba umbhalo usho, umuntu wokuqala u-Adamu, waba umphefumulo ophilayo.” Phawula ukuthi “waba,” hhayi ukuthi “wanikezwa.”—1 Korinte 15:45, The Jerusalem Bible.
8. “Isono sami siphambi kwami njalo. Ngonile kuwe wena wedwa, ngakwenza okubi emehlweni akho.”—IHubo 51:3, 4.
9, 10. Awukho umbhalo odingekayo.
11. “Isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile.”—Roma 5:12.
12. Bheka uNo. 4.
13. “Abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi-lutho . . . Akukho-msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.” (UmShumayeli 9:5, 10) “Umphefumulo kayise njengomphefumulo womntwana; ingeyami; umphefumulo owonayo uyakufa.”—Hezekeli 18:4.
14. “Bakhile izindawo eziphakemeyo zaseThofeti . . . ukuba bashise amadodana abo namadodakazi abo ngomlilo, engingakuyalelanga nokungangenanga enhliziyweni yami.”—Jeremiya 7:31.
15. Bheka uNo. 3.
16. “Ofileyo ukhululiwe esonweni.”—Roma 6:7.
17. “Ngakho siyakuthini na? Kukhona yini ukungalungi kuNkulunkulu na? Qha nakanye.”—Roma 9:14.
18. “UDavide akenyukelanga ezulwini.”—IzEnzo 2:34.
19. “Nginethemba kuNkulunkulu abalibheka nabo uqobo lokuthi kuyakuba-khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.”—IzEnzo 24:15.
20. “Lokhu okubolayo kumelwe ukwembatha ukungaboli, nalokhu okufayo kumelwe ukwembatha ukungafi.” Uma ukungafi ‘kwembathwa,’ khona-ke akuzuzwa njengefa. (1 Korinte 15:53) “Ngase ngibona; bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane . . . Labo bathengwa ebantwini, babe-lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu.”—IsAmbulo 14:1, 4.
[Umbhalo waphansi]
a Amazwi athi “umphefumulo ongafi” awaveli ndawo eBhayibhelini. Igama elithi “ukungafi” (ngesiGreki, a·tha·na·siʹa) livela izikhathi ezintathu kuphela eBhayibhelini futhi alilokothi livele ngokuphathelene nomphefumulo. (1 Korinte 15:53, 54; 1 Thimothewu 6:16) Ukuze uthole indaba eningiliziwe ngalokho okwenzeka ekufeni nangethemba langempela ngabafile, bheka incwadi ethi Ukubonisana NgemiBhalo, amakhasi 134-41 (Isihogo), 408-15 (Uvuko), 377-82 (Umphefumulo), 369-73 (Umoya), eyanyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.