ISonto—Izinguquko Nokudideka
“Amakholwa amaningi aphazanyiswa izinguquko ezibekwe phezu kwawo.”—L’Histoire, July/August 1987.
“Bhidliza insika eyodwa . . . futhi isakhiwo silahlekelwa yikho konke ukuhlakanipha. . . . Beka isidlo [‘isinkwa esingcwele’ esisetshenziswa eMiseni] esandleni esikhundleni sokusibeka ezindebeni, ngalokho ‘ubhidliza ukholo lwabantu abaningi baseFrance.’”—Voyage à l’intérieur de l’Église Catholique.
“Ngokuvuselela imidanti yokukhulekela nangokwamukela ulimi lwendawo, ngokusobala lelisonto lalahlekelwa iningi labantu abasontayo [ababe]bambelele emasikweni athile ayebhekwa njengangaguquki. . . . Ngokungazelele, umuzwa wokuba nesibopho waphela ngokushesha, futhi ukholo lwazanyazanyiswa.”—Nord Eclair, April 24-25, 1983.
LEZINGCAPHUNO ezandulelayo zibonisa ngokucacile ukudideka okusezingqondweni zamaKatolika amaningi. Umbuzo uyaqhubeka uphakama: “Abazali bethu nogogo babehlanganyela eMiseni elaliqhutshwa ngesiLatini futhi bethandaza ngendlela ethile. Kungenzeka kanjani ukuthi lendlela yokwenza izinto iphelelwe isikhathi ngokuphazima kweso?”
Indlela entsha lelisonto elibheka ngayo ezinye izinkolo nayo iwumthombo wezinkinga. I-Monde yesiFulentshi ephuma nsuku zonke iyachaza: “Amakholwa amaningi azizwa ekhohlisiwe. Ayelokhu etshelwa izikhathi eziningi ukuthi inkolo yawo iyona kuphela eyeqiniso, noma okungenani engcono kunazo zonke.” Yiqiniso, inani elikhulu lamaKatolika liyawujabulela umqondo wokuxoxisana “nabafowabo abahlukene” nabo, kungakhathaliseki ukuthi bangama-Orthodox noma amaProthestani. Kodwa labo ngaphambili ababefundiswe ukuthi ‘ngaphandle kwalelisonto ayikho insindiso, abakuqondi lokhu kushintsha kwesimo sengqondo.’ Lesimo sengqondo esisha sesonto siyimbangela enkulu yoqhekeko oluphakathi kweVatican nababambelela emasikweni esonto, abamholi wabo ongokomoya, umufi umbhishobhi omkhulu uMarcel Lefebvre, waxoshwa esontweni, uPapa John Paul II ngo-1988.
Ukwenqatshwa Kwegunya
Ngokuvamile amaKatolika abonakalisa isimo sawo sokudideka ngokuba angabaze igunya lesonto. Ngisho nakuba uJohn Paul II etuswa ngenxa yokusekela kwakhe ubulungisa bezwe, amaKatolika amaningi ayenqaba ukulandela izimiso zokuziphatha azisekelayo ezinkulumweni zakhe zasobala. Ngakho, ingxenye enkulu yemibhangqwana engamaKatolika isebenzisa izindlela zokuvimbela inzalo ezenqatshelwe yisonto. Abanye bakhipha izisu.
Igunya lesonto liyangatshazwa kuyo yonke imikhakha. Iqiniso lokuthi upapa nabanye ababhishobhi abakhulu baye bathatha ukuma okuthile ngendaba ethile alizange livimbele amalungu alelisonto, abapristi, ngisho nababhishobhi ukuba babaphikise. Incwadi i-Réception de Vatican II iyachaza: “Ngokwalombono, isimo esibangelwe yilomkhandlu siye sadlulela ekuphileni kwesonto. Manje iSonto LamaRoma Katolika seliyisizinda sezimpikiswano ezishubile, ezihlala zikhona. Ngisho nezinto upapa atusa ukuba zenziwe kuphikiswana ngazo futhi ngokuvamile ziyagxekwa. Inani labantu abangamaRoma Katolika abathi bayehluleka ukwamukela izinkulumo ezithile zikapapa—ngokwengxenye noma ngokugcwele—liyanda.”
Amanye amaKatolika aye azamukela lezinguquko ngenxa yokufuna ukwethembeka esontweni futhi ayaqhubeka eqhuba imidanti yalo yokukhulekela. Abanye bazizwa bephazanyiswa yilesimo futhi baneliswa ukuphila njengamalungu angavumelani nayo yonke imibono yesonto. Ngokwezibalo ezikhona, kukhona neqembu lesithathu elikhulu labangamaKatolika ngegama abahluleka ukuqhubeka besekela isonto.
Ukudideka okungokwenkolo akugcini nje eSontweni LamaKatolika eFrance kuphela. ENetherlands nakhona, izimo ezibucayi ziye zaphakama ngokufanayo kumaKatolika nakumaProthestani, njengoba isihloko sethu esilandelayo sizochaza.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]
Impi Yangaphakathi ESontweni LaseSheshi?
Ngumlobeli we-Phaphama! eBrithani
ISENZAKALO esingajwayelekile? Akunjalo ngokwe-Sunday Times yaseLondon. “ISonto LaseSheshi Lihlukene Phakathi,” limemezela. “ISonto Elihlukene Phakathi Likhukhulekela Empini Yangaphakathi.” Yini eye yabangela isimo esidabukisa kangaka esontweni lesizwe laseNgilandi? Ukugcotshwa kwabesifazane okuhlongozwayo.
Esinqumweni esiyingqopha-mlando ngo-November odlule, iningi eliyizingxenye ezimbili kwezintathu lomkhandlu weSonto LaseSheshi lavotela ukugcoba abesifazane babe abapristi. Abefundisi abangaba ngu-3 500, abayingxenye yesithathu yenani labefundisi balelisonto, kubikwa ukuthi bamelene nalesinqumo, futhi abanye kakade sebelishiyile isonto ngenxa yokudideka. Abanye, ngaphansi kobuholi bowayengumbhishobhi waseLondon, bazimisele ukulondoloza ubunye babo nesonto laseSheshi kuyilapho bezifunela ukuba “nobuhlobo nopapa,” eRome.
Umbhishobhi Omkhulu waseCanterbury wahola kulomkhankaso osekela lenguquko. “Ukugcotshelwa ubupristi kwabesifazane,” esho, “akuguquli nazwana linye ezivumweni zokholo, emibhalweni noma okholweni lweSonto lethu.” Wanezela: “Eqinisweni kungase kusize ekuthenjweni kwesonto yizwe lonke. Eqinisweni kuwukwenza lokho elikushumayelayo lapho likhuluma ngokulingana.”
Kodwa akubona bonke abavumayo. Ilungu elithile lesonto, lichaza isahlulelo salomkhandlu ngokuthi “ukuhlubuka,” ngokushesha lashiya lelisonto laba umRoma Katolika lapho isinqumo sesaziwa. “Isinqumo sokugcotshwa kwabesifazane siye sashaqisa. Kukhona ukudideka okukhulu okungokomoya. Abantu abaningi abazi ukuthi yini abangayenza,” kububula umfundisi othile waseLondon. Ngesikhathi esifanayo iVatican, nakuba yamukela ngokucophelela amambuka, ibheka lesinqumo “njengesithiyo esisha nesingathi sína enqubweni yokubuyisana.”
Abesifazane abalinganiselwa ku-1 400 balindele ukugcotshwa, kodwa iPhalamende laseBrithani alikasigunyazi lesinqumo, ngemva kwalokho okuyodingeka sithole Imvume YeNdlovukazi YaseBukhosini. Konke lokhu kungase kuthathe iminyaka emibili. Kuyothakazelisa ukubona ukuthi liyoba likusiphi isimo iSonto LaseSheshi ngalesosikhathi.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 7]
Camerique/H. Armstrong Roberts