Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 6/22 k. 32
  • Isibonelo Sakho Siyabathinta Abanye

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isibonelo Sakho Siyabathinta Abanye
  • I-Phaphama!—1993
I-Phaphama!—1993
g93 6/22 k. 32

Isibonelo Sakho Siyabathinta Abanye

BONKE abantu banethonya elithile kwabanye, elihle noma elibi. Ngo-November odlule umuntu othile osemusha waseNigeria wabhala:

“Ngiyehluleka ukuzibamba. Lapho ngifunda ngomphumela ukholo lukaWyndham olwaba nawo entsheni eningi enjengami (ku-Phaphama! ka-October 22, 1992, esihlokweni esithi “Ukholo LukaWyndham—Indlela Oluye Lwabathinta Ngayo Abanye”), ngazi ukuthi kumelwe nje ngibhale. Amehlo ami ayegcwele izinyembezi. Ngicabanga kakhulu ngoWyndham, ngokungathi ngangimazi.

“Ngalo lelosonto ngangigula kakhulu futhi sengizoyiswa esibhedlela. Ngathandaza kuJehova uNkulunkulu ukuthi angiqinise futhi anginikeze isibindi sokuba ngime ngiqinile ezinkolelweni zami uma udokotela engase asikisele ukungimpompela igazi, njengoba kwenza uWyndham Cook, ngisho noma ngingafa.

“Njengoba ngibhala nje angikalulami ngokuphelele, kodwa ngiyanibonga ngokunyathelisa isihloko esiqinisa nesikhuthaza kangaka.”

I-Phaphama! yenza okwengeziwe kunokusiza abafundi ukuba babhekane nezinkinga. Futhi yakha ithemba esithembisweni soMdali sezwe elisha elinokuthula nelilondekile. Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe noma isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ubhalele ekhelini elifanele kwahlelwe ekhasini 5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela