Intsha Iyabuza . . .
Kuthiwani Ngokuchitha Isikhathi Uzulile?
IZINDAWO ezinemidlalo ye-video edlalwa ngemali, izindawo zokudla okusheshayo, amakhona emigwaqo, izitolo ezivulwa isikhathi eside—kokubili ezindaweni zabacebile nabampofu—ziye zaba izindawo zokuhlangana lapho intsha ichitha khona isikhathi izulile.
Izindawo ezinezitolo eziningi ziyizindawo ezithandwa kakhulu okuchithelwa kuzo isikhathi e-United States. Lapho amaqembu entsha ngokuvamile abonakala ezula amahora amaningi. “Izindawo ezinezitolo eziningi ziyoba izindawo esiya kuzo njalo,” kusho enye intombazane eyeve eshumini nambili, “ngoba kuningi okwenzekayo khona, futhi kuhlala kunokuthile okuzokukhanga—njengabafana kanje!”
Kuthiwani uma ingekho indawo enezitolo eziningi eseduze? Khona-ke indawo engenalutho noma ikhona lomgwaqo kungalunga. UTari oneminyaka engu-15 ubudala uthi: “Mina nabangane bami siphuma ngezimoto siye ezindaweni ezinkulu zokupaka izimoto ezisepaki eliseduze, sihlale phezu kwama-bonnet ezimoto zethu bese siyaxoxa amahora amaningi.”—Umagazini i-’Teen, ka-September 1990.
Yiqiniso, akukho lutho ngempela olusha ngokuchitha isikhathi ungekho ekhaya. IBhayibheli lilandisa ngabantu bezikhathi zangaphambili ababehlangana ezindaweni zomphakathi futhi “babengazilibazisi ngokunye, kuphela ngokukhuluma nokuzwa izindaba ezintsha.” (IzEnzo 17:21) Kodwa kungani lendlela yokuzilibazisa ithandeka kangaka entsheni namuhla?
Ngokwencwadi i-Adolescent, kaF. Philip Rice, intsha “iya iziqaphela izidingo zayo zokuba seqenjini elithile. Ifuna ukuthandwa ontanga.” Ngaleyondlela, ukuchitha isikhathi ungekho ekhaya unabangane kubonakala kusigcwalisa isidingo sokuba nabangane kanye nokusekelwa.
Enye intsha imane ikubheke njengendlela yokulwa nesithukuthezi. UMichelle osemusha uyachaza: “Kunesicefe ukuhlala ekhaya ebusuku. Ufuna ukuphuma ushaywe umoya futhi ujabule ngoba uma ungakwenzi lokho uzoba nobusuku obunesicefe.” U-Ed oneminyaka engu-16 ubudala uthi ukuchitha isikhathi ungekho ekhaya “kungokuthile okufanele kwenziwe futhi ngandlela thile kukwenza ungangeni ezinkathazweni.” Kodwa ingabe ngempela kuyakwenza lokho?
Lapho Abantu Bechitha Isikhathi Bezula
IBhayibheli alikulahli ukuba nesikhathi esijabulisayo nabangane. Nakuba kunjalo, liyaxwayisa: “Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.” (IzAga 13:20) Ingaki intsha emi emakhoneni emigwaqo ngokungenanjongo okungathiwa ihlakaniphile—abantu abazihlonipha ngempela izimiso zeBhayibheli? Bangase bangabi ngempela abaphehli bodweshu, kodwa iqembu elikhulu lentsha enesithukuthezi, engaqondiswa kanye nesikhathi esiningi esingenziwa lutho kalula nje kungabangela inkathazo.
Kungenxa yalesizathu iBhayibheli lingakhulumi kahle ngokuchitha isikhathi uzula. Cabangela isikhathi umphostoli uPawulu noSila abavakashela ngaso umuzi waseThesalonika. Abaphikisi besigijimi sobuKristu “bafaka eqenjini labo amadoda athile amabi ayehlala ezimakethe ngokungenanjongo [“abantu abangasebenzi abangento yalutho,” Today’s English Version] base bakha umshungu wezichwensi owaxokozelisa umuzi.” (IzEnzo 17:5) Ngokwe-Vine’s Expository Dictionary of Old and New Testament Words, labalisa babehlala ezimakethe ngokungenanjongo babengabantu “ababevamile ukuya ezimakethe, bese bethilileka ngokungenanjongo.” Ingabe kuzwakala kujwayelekile? Akukhathaliseki ukuthi ikuphi, ngokunokwenzeka lamavila ayengenaso isithakazelo esigijimini sikaPawulu, kodwa njengoba ayengenzi lutho, kalula nje anxenxelwa ukuba abhikishe.
Ukuganga Nobudlova
Ake ucabange ngamathuba akhona okudala inkathazo lapho iqembu lentsha elingenzi lutho lihlangana. Akukhona ukuthi othile uhlela ukwenza ubudlova. “Akukho lutho olungako olwenziwayo,” kusho uKen oneminyaka engu-16 ubudala ochitha isikhathi endaweni yokupaka izimoto yasesikoleni. “Sihlala phezu kwezimoto zethu bese sixoxa ngamahlaya abhedayo noma simane nje sixoxe ngokuphola nabobulili obuhlukile.” Yebo, okwesikhashana, ukudla ingevu ngezemidlalo, umculo, nangabobulili obuhlukile kungagcina wonke umuntu ejabulile. Nokho, ngokushesha intsha ivele ikhathale ukuxoxa nje kuphela.
Abacwaningi uMihaly Csikszentmihalyi noReed Larson bayabika: “Ngokuphindaphindiwe, [intsha] yayichaza lezenzakalo [zokuchitha isikhathi] ngokuthi ‘ezokuchwensa,’ ukubanga umsindo, ukusangana, kanye nokungalawuleki. . . . Kunokuthile okuphathelene nokuthonyana kweqembu lentsha okwenza kube khona ukuchwensa, ngisho nakuba intsha ngayinye ehilelekile ingathambekele kukho. . . . Izenzo zokuchwensa zazihilela ukuhamba ngezimoto bememeza, bejikijela amathini angenalutho emagcekeni abantu, kanye nokulwa.” (Omalukeke sizenzele.)—Being Adolescent.
Yiqiniso, ungase ungathambekeli ekwenzeni okuthile okuwubuwula ngenxa nje yokuthi abangane bakho bayakwenza. Kodwa ungase uzibeke ekucindezelweni okukhulu kokwenza okungalungile uma uphakathi kwabantu abenza okubi. (1 Korinte 15:33) Futhi ngisho noma wenqaba ukuhlanganyela ekuchwenseni, ukuba khona kwakho lapho kunganikeza abanye umbono ongaqondile ngawe. Yilokho okwenzeka ngentombazanyana okuthiwa uDina, indodakazi yenzalamizi engumHeberu uJakobe.
UDina wakhuliswa ukuba abe umkhulekeli kaJehova uNkulunkulu, nakuba umkhaya wakubo wawuhlala ezweni laseKhanani—izwe elaligcwele ubulili obuphendukezelwe nokukhonza izithombe. Khona-ke uyise, uJakobe, wazama kanzima ukuba angakuvumeli ukuhlangana nabantu baseKhanani abaziphatha kabi ngokuba agxumeke itende lakhe ngaphandle komuzi waseShekemi futhi akhe nendawo ehlukile yokukha amanzi. (Genesise 33:18; Johane 4:12) Nakuba kunjalo, uDina “wayevame ukuhamba ayobona amadodakazi alelozwe,” mhlawumbe ekwenza njalo. (Genesise 34:1, NW) Kungenzeka ukuthi uDina wayebheka ukuchitha isikhathi nabantu baseKhanani njengokuzijabulisa okungenangozi. Kodwa abesifazane baseKhanani babenedumela lokuziphatha okuxekethile. Ngakho lapho indoda ethile engumKhanani okuthiwa uShekemi ibona uDina esemshungwini wabesifazane abanjalo, “wamthatha, walala naye, wamona.”—Genesise 34:2.
Ngendlela efanayo, ukuchitha isikhathi neqembu elingafanele kungakufaka enkathazweni yangempela. Insizwa okuthiwa uLeonard ikhumbula ukuthi naphezu kokuba yakhuliswa njengomKristu, yaqala “ukuthilileka neqembu elivukelayo. Sasigijima futhi siphuze utshwala ndawonye—ngisho nakuba ngangiseneminyaka yobudala engavumelekile ngokomthetho. Lapho ngineminyaka engu-18, ngase ngibhema insangu.”
Ukusisebenzisa Kangcono Kakhulu Isikhathi
Okunye ukuhlola kwathola ukuthi amaphesenti angu-44 entsha eyahlolwa ayechitha amahora amathathu kuya kwamahlanu noma ngaphezulu isikhathi ngasinye ayevakashela ngaso indawo enezitolo eziningi; amaphesenti angu-14 ayechitha amahora ayisithupha. Kodwa kunokuchitha isikhathi ngokwenza izinto ezingenamsebenzi, intsha ehlakaniphile ‘ithengisisa isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.’—Efesu 5:15, 16.
Ingabe awuwenzi umsebenzi wakho wesikole nowasekhaya ngenxa yesikhathi osithicha uthilileka nenye intsha? Kuthiwani ngemisebenzi yakho engokomoya—isifundo seBhayibheli somuntu siqu, imihlangano yobuKristu, umsebenzi wokufakaza kwabanye? Ingabe uyayidebeselela leyomithwalo yemfanelo? Uma ‘unokuningi okwenzayo emsebenzini weNkosi,’ kungokungenakwenzeka ukuthi uyoba nesikhathi esiningi sokuthilileka.—1 Korinte 15:58.
Ezinye Izinto Ezakhayo Ezingenziwa
Ukuzilibazisa kuyingxenye ebalulekile yokuphila. (UmShumayeli 3:4) Kodwa ukuchitha isikhathi ungekho ekhaya akukhona okuwukuphela kwendlela yokuzijabulisa. “Ngiyakujabulela ukuba ngedwa,” kusho owesifazane osemusha uLucy. “Ngiyakuthanda ukufunda, futhi lokhu kuye kwangisiza ukuba ngibe nesithakazelo emlandweni wamanye amazwe, impucuko, kanye nolimi. Ngivakashela amamnyuziyamu nezindawo ezibukisa ngemisebenzi yobuchwepheshe, ngithunge futhi ngipheke. Ngiyakujabulela futhi nokudweba kanye nokubhala izincwadi, ngize ngisho ngizame nokubhala izinkondlo kancane ngezikhathi ezithile.” Cha, ukuba wedwa akufanele kukwenze ube nesithukuthezi.
Umkhaya wakini ungase ube omunye umthombo wokuzilibazisa okwakhayo. Ngaphambi kokuba uwunqabe lombono, lalela insizwa okuthiwa uJack. Iyakhumbula: “Abazali bami babehlala benokuthile abasihlelele ukuba sikwenze. Sasihamba siyoshibilika eqhweni futhi sidlale ama-roller skate; sasiya emapaki, ezindaweni zezilwane, nakumamnyuziyamu. Ngisho nokuhlanza igceke noma indlu kwakujabulisa lapho sikwenza njengomkhaya.” Mhlawumbe umkhaya wakini usuwuyekile umkhuba wokwenza izinto ndawonye. Uma kunjalo, kungani ungavezi imibono yokuthi niyoshaywa umoya njengomkhaya? Ungase ukujabulele ngaphezu kwalokho obukulindele!
Lokhu akusho ukuthi awunakukujabulela ukuhlangana nontanga—kuhlanganise nezikhathi lapho nihlanganyela nje ingxoxo ejabulisayo noma ukuphumula ndawonye. Kodwa bakhethe abangane bakho. Kwasho insizwa okuthiwa u-Enrique: “Ngangivame ukuchitha isikhathi nentsha yezwe, kodwa lapho senginikezele ukuphila kwami kuJehova, ngaba nobudlelwane nentsha yasebandleni. Sasiya emsebenzini wokushumayela ndawonye, sidlale ibhola ndawonye—ngangizama ukwenza okuningi ngangokunokwenzeka nabo.”
UShelleace naye wayevame ukuchitha isikhathi engekho ekhaya eneqembu elingafanele. Ukhumbula abangane bakhe bangaphambili: “Ukuphila kwabo kwakungenanjongo. Kwangithatha isikhathi ukuba ngimonyuke kubo, kodwa lapho ngikwenza, ngangihlala nginabangane abahle. Kwaba yilapho-ke lapho ngathuthuka khona ngokomoya.”
Ngakho nakuba ukuchitha isikhathi ungekho ekhaya kungase kujabulise ngezikhathi ezithile, ngeke kukusize ngokomoya, futhi ngokunokwenzeka kuyokulimaza. Hlakanipha. Thola izindlela ezingcono zokusebenzisa isikhathi sakho.
[Isithombe ekhasini 13]
Ingabe ukuchitha isikhathi ungekho ekhaya kuyindlela engcono kakhulu yokusebenzisa isikhathi sakho?