Intsha Iyabuza . . .
Ngingawugcina Kanjani Umculo Usendaweni Yawo?
“NGICABANGA ukuthi ukuthanda umculo sazalwa nakho,” kusho omusha uJackie, “ngoba ungaveza indlela ozizwa ngayo. Uyingxenye enkulu yokuphila kwakho lapho usemncane.”
UJackie uqinisile. Nakuba intsha ibonakala iwuthanda ngokukhethekile umculo, ikhono lokujabulela umculo kanye nokuvumelana kubonakala sengathi sazalwa nakho sonke. Futhi kudingeka nje uzwe umculo omnandi wenyoni eculayo noma umsindo owelaphayo wamagagasi agxumagxumayo ukuze wazi ukuthi umculo uyisipho sothando esivela kuMdali wethu ojabulayo. (1 Thimothewu 1:11; Jakobe 1:17) Nakuba kunjalo, uyisipho ngokuvamile esisetshenziswa kabi. Empeleni, uma umculo ungagcinwa usendaweni yawo, ungaba nemiphumela eminingi elimazayo kunemihle.
Ingabe Uluthwe Umculo?
Umculo omnandi ungaba nempilo, uzuzise. Nokho, ngisho nento enhle uma yeqiswa ingaba engakulungele. Isaga esihlakaniphile siyaxwayisa: “Uma utholé izinyosi, yidla okwanele wena, funa udinwe, ubuye uhlanze.” (IzAga 25:16) Uju lunezakhi ezaziwayo ezelaphayo. Nokho, “ukudla izinyosi eziningi akukuhle” futhi kungakwenza ube nesicanucanu. (IzAga 25:27) Liyini iphuzu? Izinto ezinhle kufanele zijatshulelwe ngokusesilinganisweni.
Nokho, cishe umculo uyakubusa ukuphila kwenye intsha. Ngokwesibonelo, owesifazane osemusha okuthiwa uJodie uyavuma ukuthi esanda kweva eshumini nambili, “cishe wayewulalela ngaso sonke isikhathi umculo.” Ingabe nawe uzama ukugcwalisa sonke isikhathi sakho ngokuthile okukhalayo? Khona-ke lokho ongakubekela izaba zokuthi kuwukwazisa umculo kungase kufane kakhulu nokuluthwa umculo.
Omusha okuthiwa uSteve uyakhumbula: “Ngangifunda nezingane ezazize ngisho ziwulalele nasekilasini umculo.” Nokho, uyavuma: “Ukufaka [izinto zokulalela ezifakwa ezindlebeni] zesidlali makhasethi i-Walkman kwakukuphazamisa ngempela ukutadisha kwazo.” Ngokufanayo, ingabe uzithola udlala umculo ophazamisayo ngisho nalapho wenza umsebenzi wakho wesikole owenzelwa ekhaya? Futhi kuthiwani ngalezozikhathi ezibekelwe eceleni zokutadisha iBhayibheli noma ukulungiselela imihlangano yobuKristu? Ingabe kunomculo wengoma yakho oyithandayo okhalela phansi?
Ake ubheke futhi ukuthi kukubiza malini ukuba nawo wonke amaculo amuva akhululiwe. Ingakanani imali oyiholayo noma onayo nje manje oyichithela kumarekhodi, amakhasethi, noma ama-compact disc? Ingabe enye yaleyomali ingasetshenziswa ngendlela engcono?
Kuthiwani ngobuhlobo bomkhaya? Ingabe uyahileleka ezingxoxweni zomkhaya, eziba khona ngezikhathi zokudla—noma ingabe uhlala ekamelweni lakho ulalele umculo? IBhayibheli liyaxwayisa: “Ozahlukanisayo ufuna esakhe isifiso, uphika konke ukuhlakanipha.”—IzAga 18:1.
Ukulungisa Imikhuba Yakho Yokulalela
Uma umculo uthatha isikhathi esiningi ekuphileni kwakho siqu, uyobe wenza kahle ukucabangela amazwi akweyabase-Efesu 5:15, 16: “Bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi-njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.” Lokhu kungahlanganisa ukuzibekela imingcele ethile nokulinganisela okukhulu emikhubeni yakho yokulalela umculo. (Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 3:2.) Ngokwesibonelo, kungase kudingeke ugqashuke emkhubeni wokuvula umculo lapho nje ufika ekhaya. Funda ukujabulela ukuba nezikhathi ezithile zokungabibikho komsindo.
Okungenani, ukwenza kanjalo kungasiza ekukhuphuleni amamaki akho esikole. Izikhathi zokungabibikho komsindo ziyasiza ekutadisheni. Manje, ungase ube nomuzwa wokuthi ukudlala umculo kuyakusiza ukuba uphumule. Kodwa kungani ungazami ukutadisha ngaphandle komculo, futhi ubone ukuthi ukugxilisa kwakho ingqondo kuyathuthuka yini? “Ungase ukwazi ukutadisha [kukhala umculo],” kusho uSteve osemusha, “kodwa uyozuza kakhulu uma umculo ungakhali.”
Uyofuna futhi ukuthengisisa isikhathi, noma wenze isimiso sokufunda nokutadisha iBhayibheli kanye nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. Ngezinye izikhathi uJesu Kristu wayefuna ‘indawo eyihlane’ ethulile ukuze akhuleke futhi azindle. (Marku 1:35) Ingabe indawo otadishela kuyo inokuthula kanye nokuzola okunjalo? Uma kungenjalo, kungenzeka ukhinyabeza ukukhula kwakho okungokomoya.
Ukufunda Ukuzicabangela
Nokho, mhlawumbe isici esikhulu kakhulu sokukhathalelwa, uhlobo lomculo owulalelayo. USteve ukubeka ngalendlela: “Kungani wonke umculo omnandi uhambisana namazwi angcolile?” Ezikhathini zeBhayibheli, kwakunamaculo ayekhuthaza ukuphuza kakhulu nobufebe. (IHubo 69:12; Isaya 23:15, 16) Ngokufanayo, umculo omningi othandwayo namuhla ukhuthaza ukusetshenziswa kabi kwemilaliso, ubulili ngaphambi komshado, kanye nobudlova.a
Ontanga bangase bakucindezele kakhulu ukuba ulalele umculo onjalo. Kunokucindezela futhi okuvela ebhizinisini lezomculo. Ngosizo lomsakazo nethelevishini, umculo we-rock uye waba ibhizinisi elinamandla, lezigidigidi zamaRandi. Ochwepheshe abaseqophelweni eliphezulu kwezokudayisa bayaqashwa ukuze balolonge—futhi balawule—umculo owukhethayo.
Kodwa lapho uvumela ontanga noma imithombo yezindaba ukuba kukukhethele lokho okulalelayo, ulahlekelwa amandla akho okuzikhethela. Uba isigqila esingenangqondo. (Roma 6:16) IBhayibheli lisinxusa ukuba sizicabangele. Lisitshela ukuthi ‘sihlole ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini.’ (Efesu 5:10) Ngokuqinisekile besingenakulindela ukuba ibandla lobuKristu lihlaziye izinkulungwane zamaculo akhishwa unyaka ngamunye futhi lisinikeze uhlu lwezinhlobo ezivumelekile noma ezingavumelekile. Cha, kufanele uqeqeshe ‘umqondo ulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.’—Heberu 5:14.
Ungakwenza kanjani? Cabangela ukusikisela okulandelayo:
Hlola Isembozo: Ngokuvamile, ukuthi nje nhlá esembozweni noma ekwazisweni kokukhangisa kwanele. Imifanekiso ebukisa ngobulili obala, enobudlova, noma ukulumba kufanele ibe isixwayiso. Umculo ongaphakathi cishe nawo unyanyeka ngendlela efanayo. Uma kungenzeka, funda amazwi asesembozweni.
Hlaziya Elikuqukethe: ‘Vivinya amazwi’ eculo ngokucabangela izihloko nezosha. (Jobe 12:11) Athini? Ingabe ngempela uyafuna ukulalela noma ukuphindaphinda lemiqondo? Ingabe lemiqondo iyavumelana nezindinganiso zakho zokuziphatha kanye nezimiso zobuKristu?—Efesu 5:3-5.
Phawula Umphumela: Unaliphi ithonya kuwe? Ingabe umculo uthambekele ekukucindezeleni noma ekukwenzeni ujabule ngokweqile? Ingabe uzithola ugxila emicabangweni emibi ngemva kokuwulalela? Ingabe amagama amaqembu athile asetshenziswa eculweni aseqala ukungena ngokunyenya engxoxweni yakho?—1 Korinte 15:33.
Cabangela Abanye: Abazali bakho bazizwa kanjani ngomculo owulalelayo? Cela umbono wabo. Cabanga futhi ngendlela amaKristu enikanye nawo angazizwa ngayo ngomculo wakho. Ingabe kungenzeka amanye uwakhathaze?—Roma 15:1, 2.
Ukuba Nomqondo Ovulekile Ekukhetheni Kwakho Umculo
Kungenzeka ukuthi kudingeka wenze izinguquko ezithile emculweni owukhethayo. Kodwa njengoba lokho okuthandayo kungesiyo into ozalwa nayo, kungashintshwa. Omunye umculi ovelele uthi: “Izingane eziningi azikaze ziwazi omunye umculo ngaphandle kwaloluhlobo lomculo olukhuthazwa kakhulu ochwepheshe bezokudayisa.” Liyini ikhambi? Ungagxili nje ohlotsheni olulodwa lomculo. Zama ukwandisa uhlobo lomculo owuthandayo.
Yiqiniso, kusadingeka ube okhethayo. Kodwa khona emkhakheni womculo wesizwe, we-jazz, kanye nowezinsimbi, kunomculo omningi owakhayo ongafunda ukuwujabulela. Empeleni, kungenzeka kakade uyawujabulela lowomculo kodwa awukuqapheli. Ngokwesibonelo, umculo wezinsimbi kungenzeka uye wakha umoya othile wemibukiso yamafilimu athile kanye neyethelevishini. Cabangela indlela lowomculo obungajabulisa ngayo ukube ubuwuzwa ngaphandle kwesiphazamiso.
Enye intsha engamaKristu isiqalile ukushintsha umculo ewuthandayo ngokulalela amakhasethi e-Kingdom Melodies akhishwa iWatch Tower Society. Lamaculo, abawajwayele bonke oFakazi BakaJehova, ahlanganisa izinhlobonhlobo zezitayela zomculo ezinhle. Kunezinhlobo eziningi zomculo omnandi abangane abangase bawutuse. “Omunye umngane wangifundisa ukuba ngijabulele umculo wezimfijoli—njengoka-Beethoven,” kusho uMichelle. Uyavuma: “Ngangiwuzonda.”
Enye indlela yokuba nomqondo obanzi iwukufunda ukushaya insimbi yomculo. Lokhu ngeke nje kube inselele futhi kwanelise, kodwa kungase kukwenze wazi ezinye izinhlobo zomculo ngaphandle kwe-rock. “Ukushaya insimbi yomculo kuhle ngempela,” kusho uJackie, “ngoba unethalenta futhi uyalisebenzisa.” Ngomzamo othile ungase ngisho ukwazi nokujabulisa abanye ngendlela eyakhayo.
Umculo ngempela uyisipho esivela kuNkulunkulu, kodwa kufanele uqaphele ukuba ungasisebenzisi kabi. Omunye omusha uyavuma: “Nginomculo engaziyo ukuthi kufanele ngiwulahle. Kodwa uzwakala kamnandi.” Nokho, cabanga ngomonakalo lona omusha awenzayo engqondweni nasenhliziyweni ngokulalela okubi! Lugweme lologibe. Ungawuvumeli umculo ukuba ukonakalise noma ubuse ukuphila kwakho. Namathela ezindinganisweni zobuKristu eziphakeme emculweni owulalelayo. Thandazela isiqondiso kanye nosizo lukaNkulunkulu ekukhetheni umculo owulalelayo. Funa abangane abanezinkolelo ezifana nezakho.—Roma 12:2, 12.
Umculo ungakusiza ukuba uphumule. Ungaqeda umuzwa wokungabi nanjongo lapho unesithukuthezi. Kodwa lapho uthula, izinkinga zakho zisuke zisekhona. Futhi izingoma aziyithathi indawo yabangane beqiniso. Ngakho ungawuvumeli umculo ukuba ube yinto enkulu ekuphileni kwakho. Wujabulele, kodwa uwugcine usendaweni yawo.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka i-Phaphama! ka-February 8 neka-February 22, 1993.
[Isithombe ekhasini 15]
Ingabe umculo uphazamisa izifundo zakho?