Ingabe Likhona Ikhambi?
Ilukuluku lomuntu elingapheli lokufuna ukwazi limphoqelela ukuba adele amandla, imali, izinto ezibonakalayo, futhi ngisho nokuphila ekufuneni kwakhe ulwazi ngendawo yonke. Nakuba ukuhamba phakathi kwamaplanethi kuwumgomo oseduze ngabathile, kwabanye inselele iwumhlaba ngokwawo. Ubugebengu, ubudlova, kanye nempi kubhubhisa ukuphila nsuku zonke. Umuntu wonakalisa umhlaba futhi ubongela ukuphazamiseka kwezinto eziphilayo nokuzizungezile ngokuwungcolisa kwakhe nokusebenzisa kabi kwezentengiselwano imithombo yawo elinganiselwe. “Amaphaphu” omhlaba, amahlathi awo, ayaphundlwa. Amanzi omhlaba afakwa ushevu futhi asaphazwe. Ingabe likhona ikhambi elisebenzayo lalezinkinga? IPhaphama! inikezelwe ukuba ilethe ekunakekeleni kwakho ikhambi likaNkulunkulu njengoba litholakala eBhayibhelini. Uma ungathanda ukwazi okwengeziwe ngalomagazini, siza uthintane noFakazi BakaJehova endaweni yakini noma ubhalele ekhelini eliseduze ohlwini olusekhasini 5.