“Usuku LoFakazi BakaJehova”
OFAKAZI BAKAJEHOVA bajabulela ilungelo lokuhlangana ndawonye ngamanani amakhulu izikhathi eziningi phakathi nonyaka. Bahlangana ukuze bafunde ngoNkulunkulu nezimiso zakhe zokulunga. Lemihlangano futhi ingamathuba amahle okukhuthaza ubungane namanye amaKristu.—Heberu 10:24, 25.
Luhlobo luni lomphumela lamaqembu amakhulu ezivakashi ezingoFakazi aba nawo emadolobheni akhethiwe ngenjongo yalemihlangano? Yiqiniso, kunenzuzo engokwezimali kwezomnotho zendawo. Kodwa futhi kunomphumela “wesibonelo sabo sokuzinikezela okungokomoya nokuziphatha kahle komuntu siqu,” njengoba kwashiwo esimemezelweni esakhishwa umphathi-dolobha laseGainesville, eGeorgia, eU.S.A.
Lencwadi yasemthethweni yathi ngokwengxenye: “OFakazi BakaJehova bebelokhu behlangana eGeorgia Mountains Center ngesilinganiso sezimpela-sonto ezingu-14 minyaka yonke eminyakeni engu-11 edlule, kunababa khona esimisweni ngasinye abalinganiselwa kubantu abangu-2 200; futhi . . . ‘lelifu elingaka lawoFakazi’ ngokuqinisekile liye lanikeza ubufakazi obushukumisayo bokholo nokuzinikela kubo bonke abaye baliqaphela:
“NGAKHO-KE, MANJE, Mina, Emily D. Lawson uMphathi-Dolobha waseGainesville, lapha ngimemezela uMgqibelo, November 23, 1991, ‘NJENGOSUKU LOFAKAZI BAKAJEHOVA’ eGainesville; ngicela zonke izakhamuzi ukuba ziqaphele futhi zamukele lezivakashi ngokufudumele, futhi zifune ukulingisa isibonelo sazo sokuzinikezela okungokomoya nokuziphatha kahle komuntu siqu, ngawo wonke amathuba kulempela-sonto nangesikhathi esizayo.”