Ngijabula Kakhulu Ngokuthi Ngiyaphila!
“NGIJABULA kakhulu ngokuthi ngiyaphila!” kusho uBernice ngokushiseka, intombazana ephilile eneminyaka eyisishiyagalolunye ubudala ehlala eningizimu yeJalimane. Unesizathu esikhethekile sokuthokoza.
Ngolunye usuku ngenkathi uBernice ekhula esibelethweni sikanina, udadewabo wagula. Wayenesimungumungwane saseJalimane! Umama wayethukile, njengoba lesifo esithathelwanayo singadluliselwa kumntwana ongakazalwa ngesikhathi sokukhulelwa futhi singadala ukukhubazeka okungathi sína kumntwana.
Ngemva kokuhlola amasampula egazi, udokotela wasabela ngokushesha etusa ngokunamandla ukuba akhiphe isisu. Ngokusekelwe ekuhlolweni kwegazi, wayengangabazi ukuthi bobabili umama nengane engakazalwa babenesimungumungwane saseJalimane. Futhi, ukuhlola kwabonisa ukuthi kungenzeka kakhulu ukuthi lowomntwana azalwe ekhubazeke kabi.
Nokho, abazali babekholelwa ukuthi ukukhipha isisu kuphambene nemithetho kaNkulunkulu. NjengoFakazi BakaJehova, benqaba ukwamukela isinyathelo esinjalo. Nakuba kunjalo, udokotela waphikelela, ebanikeza umbono owesabekayo walokho ukwenqaba kwabo okwakungaholela kukho. Wababonisa izinkinga ezihlobene nokukhulisa ingane ekhubazeke kakhulu. Kodwa abazali babengayekethisi, bechaza umbono wabo ongokweBhayibheli ngokukhipha isisu. Babekulungele ukubhekana nanoma yisiphi isimo esasingaphakama nokuyithanda leyongane kungakhathaliseki ukuthi kungenzekani.
Udokotela wahlabeka umxhwele ngokujulile. Wavuma ukuthi naye ngokwakhe akahambisani nokukhipha isisu, ekholelwa ukuthi akulungile ngokokuziphatha. Kodwa wayephoqelekile ukuba abatshele ngokucace kakhulu amaqiniso nemiphumela.
Eminyakeni eyisishiyagalolunye kamuva, uBernice, ingane ephile saka, kwakudingeka ayobonana nodokotela. Ukuhlolwa kwegazi lakhe kwembula ukuthi wayengakaze abe nesimungumungwane saseJalimane. Ngokusobala, ukuhlola okwenziwa ngaphambi kokuzalwa kwakhe kwakuyiphutha. Yeka ukuthi kwaba ngokuhle kanjani ukuba abazali bame beqinile enkolelweni yabo! Yingakho uBernice engathi: “Ngiyajabula kakhulu ngokuthi ngiyaphila!”