Ukululama Kungenzeka
“Sibhekene nokukhetha: Yeka ukuphuza futhi ululame, noma qhubeka uphuze futhi ufe.”—Umlutha wotshwala olulamayo.
CABANGA nje ngobunye ubusuku uvuka ngokungazelele futhi uthola ukuthi indlu yakho iyasha. Ngemva kwesikhashana kufika usizo, futhi ekugcineni umlilo uyacinywa. Ingabe ubungabuyela phakathi futhi ushaye sengathi akwenzekanga lutho? Ngokusobala akunjalo. Indlu icekeleke phansi, futhi kuzodingeka yakhiwe kabusha ngaphambi kokuba kuqaliswe futhi ukuphila okuvamile.
Umlutha wotshwala ubhekene nenselele efanayo lapho uqala ukululama. Ukuphila kwawo kuye koniwa utshwala, mhlawumbe iminyaka eminingi. Manje ubuyekile. “Umlilo” ucinyiwe, kodwa kuzodingeka ukwakhiwa kabusha okukhulu kwesimo sengqondo, indlela yokuphila, kanye nokuziphatha ukuze umlutha wotshwala uhlale ungaphuzi. Ukusikisela okulandelayo kungawusiza umlutha wotshwala ukuba uhlale ungaphuzi unomphela.
1. Sazi Isitha
IBhayibheli lithi izifiso zenyama “zilwa nomphefumulo.” (1 Petru 2:11) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “zilwa” ngokwezwi nezwi lisho ukuthi “ukwenza inkonzo yezempi,” futhi linomqondo wempi eyonakalisayo.—Qhathanisa neyabaseRoma 7:23-25.
Njengoba nje noma iliphi isotsha elihle liba nesikhathi lifunda amasu esitha salo, umlutha wotshwala kufanele uzifundise ngokuphathelene nokuluthwa utshwala nanokuthi kuwubhubhisa kanjani umlutha wotshwala kanye nalabo abaseduze nawo.a—Heberu 5:14.
2. Shintsha Indlela Yokuphuza Kanye Nokucabanga
Omunye udokotela wathi: “Ukungadakwa kusho ukulahla ibhodlela kanye nobuntwana.” Ngamanye amazwi, kufanele kushintshe okungaphezu kokuphuza; umuntu wangaphakathi naye kumelwe ashintshe.
IBhayibheli lisiyala ngokuhlakanipha: “Niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu.” (Roma 12:2) “Nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe.” (Kolose 3:9) Uma izenzo zishintsha kodwa ubuntu bungashintshi, umlutha wotshwala uyomane nje udlulele kokunye ukuncika entweni ethile—noma ubuyise yona endala.
3. Thola Umuntu Ongamethemba Oqondayo
Isaga seBhayibheli sithi: “Ozahlukanisayo ufuna esakhe isifiso, uphika konke ukuhlakanipha.” (IzAga 18:1) Ngisho nalapho ungadakiwe, umlutha wotshwala uthambekele ekubekeni izaba. Khona-ke, udinga umuntu ongamethemba oqondayo kodwa oqinile (ngokuvamile obizwa ngokuthi umxhasi). Kuba yinzuzo uma lowomuntu omethembayo yena ngokwakhe ewumlutha wotshwala olulamayo oye waphumelela ekubhekaneni nezinselele zokungadakwa. (Qhathanisa nezAga 27:17.) Lowomuntu owethenjwayo kufanele ahloniphe izinkolelo ezingokwenkolo zomlutha wotshwala futhi kumelwe abe umuntu ozidelayo futhi ongatholakalela ukunikeza ukusekela okuqhubekayo.—IzAga 17:17.
4. Yiba Nesineke
Ukululama kwenzeka kancane kancane. Kuthatha isikhathi ngomlutha wotshwala ukuba wakhe ukuphila kwawo kabusha. Kungenzeka kube nokucindezeleka okungokwezimali, ukucindezeleka emsebenzini, izingxabano ekhaya. Ukuhlukana notshwala kusho ukuhlukana nezinkinga. Umlutha wotshwala olulamayo ekuqaleni ungase uzizwe ukhathazekile njengoba ubhekana nokuphila ngaphandle kwekhemikhali ‘eliwumxazululi-zinkinga.’ Lapho lokho kukhathazeka kubonakala kungaphezu kwamandla, umlutha wotshwala olulamayo kufanele ukhumbule amazwi aduduzayo omhubi: “Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.”—IHubo 55:22.
5. Yiba Nabangane Abahle
Umlutha wotshwala kufanele uzibuze ngokwethembeka: ‘Ingabe abangane bami bayakusekela ukungadakwa kwami noma ingabe bakhuluma njalo “ngezinsuku ezimnandi esezadlula,” bengenza ngizizwe sengathi ngiyaphuthelwa?’ IzAga 18:24 zithi: “Umuntu wabangane uyazilimaza, kepha kukhona abangane ababambelela kuneselamani.” Kudinga ukuqonda ukubona ukuthi obani abangabangane beqiniso nalabo okungenzeka babe abangane abalimazayo.
6. Gwema Ukuzethemba Ngokweqile
“Ngizizwa ngiwumqemane—angisenaso ngisho nesifiso sokuphinde ngiphuze!” Umlutha wotshwala osho lamazwi uyithathela phezulu indaba yempumelelo yawo futhi ukuthatha kancane ukuba umlutha wotshwala. Injabulo yokululama kokuqala, eyisimo esingokomzwelo esingesiso esingokoqobo, ingeyesikhashana. “Lwela ukuba nombono olinganiselwe,” kutusa incwadi iWillpower’s Not Enough. “Ngaphandle kwawo uyobe uzibeka esimweni sokuphinde ube nenkinga yokuphuza, futhi kuyindlela ende usuka efwini.”—Qhathanisa nezAga 16:18.
7. Qaphela Okunye Okungakulutha
Abaningi bayayeka ukuphuza, kodwa babe sebeba nokuphazamiseka kwemikhuba yokudla noma babe imilutha yomsebenzi, imilutha yokugembula, njalonjalo. ‘Iyini ingozi? Okungenani angiphuzi,’ ungase ucabange kanjalo umlutha wotshwala olulamayo. Yiqiniso, ezinye izindlela zokwanelisa umzimba zingase zibe nempilo. Kodwa lapho noma iyiphi into noma umsebenzi kusetshenziselwa ukwenza imizwa yakho ibe ndikindiki, lokhu kumane nje kuholele emzweni wokulondeka ongamanga, nowesikhashana.
8. Vumelana Nezindima Ezintsha Zomkhaya
Imilutha yotshwala eminingi iyakudebeselela ukululama kwayo lapho izinto ziqala ukuhamba kahle! Kungani? Kungenxa nje yokuthi ukungadakwa kungokuhlangenwe nakho okusha. Umlutha wotshwala ungase udonsekele endleleni evamile yokuphila. Ngokungaphezulu, lapho umlutha wotshwala ungadakiwe, udala inxushunxushu emkhayeni. Khona-ke, ilungu ngalinye lomkhaya kufanele lishintshe indima yalo. “Wonke umbhalo olotshiwe womdlalo womkhaya kufanele udatshulwe futhi kubhalwe omusha endaweni yawo,” kuphawula incwajana iRecovery for the Whole Family. Ngesizathu esihle, ukululama kuye kwabizwa ngokuthi indaba ehlanganisa wonke umkhaya.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 12:26.
9. Qaphela Ukubuyela Emuva
Ukuzethemba ngokweqile, abangane ababi, izinto ezenziwa ngokungathandi esikhundleni sokuphuza, kanye nokuba inkom’ idla yodwa okukhulayo kungaba izinto eziholela ekubuyeleni emuva. Londoloza ukuxoxa ngokukhululekile nomuntu omethembayo ngokuphathelene nanoma ikuphi kokuthambekela okunjalo.
Umlutha wotshwala othile olulamayo uthi: “Yonke imilutha yotshwala iyakuyeka ukuphuza. Abanye bethu sinenhlanhla yokuyeka sisaphila.”
[Umbhalo waphansi]
a Kunezikhungo eziningi zezokwelapha, izibhedlela, kanye nezimiso zokululama ezinganikeza lokhu kwaziswa. IPhaphama! ayitusi noma iyiphi indlela yokwelapha ngokukhethekile. Labo abafisa ukuphila ngezimiso zeBhayibheli bayofuna ukuqaphela ukuba bangahileleki emisebenzini eyodela izimiso ezingokomBhalo. Umuntu ongomunye woFakazi BakaJehova uyothola iziqondiso eziwusizo kuNqabayokulinda, kaSeptember 15, 1983, amakhasi 7-11.
[Ibhokisi ekhasini 7]
LAPHO UKWELASHWA KUDINGEKA NGEMPELA
Noma imuphi umuthi onealcohol ungasivusa kabusha isifiso futhi wenze umuntu abuyele emuva.
UDkt. James W. Smith uyabhala: “Akukhona okungavamile ngesiguli esiwumlutha wotshwala ukuba sibuyele emuva ngemva kweminyaka yokungadakwa ngenxa yokuzelapha ngomuthi wokukhwehlela onealcohol.” Umuntu owumlutha wotshwala zonke izidambisa-zinhlungu ziyingozi kuye. Uma udingeka ngempela umuthi oyisidambisa-zinhlungu, umuntu owumlutha wotshwala kufanele . . .
1. abonane nosokhemisi ukuze abone izingozi ezingenzeka.
2. azise umuntu amethembayo, futhi uma kungenzeka, ambize ngaphambi kokuba asebenzise isilinganiso ngasinye.
3. agcine umbhalo wesilinganiso ngasinye asisebenzisayo.
4. awuyeke ngokushesha ngangokunokwenzeka lowomuthi.
5. awulahle umuthi angawusebenzisanga lapho ukugula abewusebenzisela khona sekuphelile.