Ukubhula Ngenduku Ingabe Kungokwesayensi Noma Kuwukulumba?
“KUYAMANGALISA!” kubabaza umlimi odayisa ubisi waseUnited States eseNtshonalanga Ephakathi. Uswazi oluncane lompentshisi lwalugobeka futhi lushwileka ngamandla ezandleni zakhe. Wafaka izinzipho zakhe egxolweni ukuze abambe igatsha linganyakazi, kodwa amandla adonsela phansi ayenamandla. “Lwaze ngisho lwashiya nezingcezu zegxolo ezandleni zami,” ekhefuzela, egcwele ukwesaba. Kamuva wamangala nangokwengeziwe lapho ethola amanzi ngokwemba kuyo kanye indawo uswazi olwalukhombe kuyo. Kwakwenzekani lapha?
Lomlimi wayenza lokho ngokuvamile okubizwa ngokuthi ukubhula ngenduku, ukuthola amanzi ngokulumba. Ngokuvamile, umuntu obhula ngenduku ubamba igatsha elinjengemfologo ngezandla zakhe abese ehambahamba, egxilise ingqondo ekufuneni kwakhe amanzi. Ngokungazelele, induku yakhe yokubhula ingase yenze izinto ezingavamile. Ezinye izinduku zigobela emhlabathini, ezinye zidluthukele phezulu, zize ngisho zishaye nobuso noma isifuba somuntu obhula ngenduku, kuyilapho ezinye zinganyakazi nhlobo. Kunoma isiphi isimo esinjalo, umuntu obhula ngenduku uba nomuzwa wokuthi kunamanzi ngaphansi. Ukubhula ngenduku kwenziwa emhlabeni wonke. Ngokokunye ukulinganisela, eUnited States iyodwa abantu ababhula ngenduku abangu-25 000 abenza lomsebenzi.
Ingabe Kungokwesayensi?
Ingabe sikhona isimiso esingokwesayensi esenza ukubhula ngenduku kusebenze? Sekuyisikhathi eside lombuzo uyimpikiswano. Eminyakeni engaphezu kwengu-70 edlule, umagazini iWatchtower wakubeka ngalendlela: “Asinakuthanda ukuba nesimo sengqondo sokungayinaki noma imiphi imithetho yemvelo, kodwa kubonakala kuyinqaba ngempela ukuthi umsedlana wamanzi [osemamitheni amahlanu noma ayisithupha] ngaphansi kobuso bomhlaba ungaba namandla anozibuthe anele ukuba agobe igatsha lomyezane kuyilapho wonke umsele ogcwele amanzi ungeke neze uyinyakazise leyonduku efanayo. . . . Khona-ke kumelwe ukuba kube nokuthile ngaphandle kokusebenza kwemithetho yemvelo.”
Nakuba kunjalo, abantu abaningi ababhula ngenduku bagomela ngokuthi ukubhula ngenduku kuyisayensi. Empeleni, iAmerican Society of Dowsers izibiza ngokuthi “iyiNhlangano engenzi inzuzo, efundisayo nengokwesayensi.” Eminyakeni eminingi, kuye kwavela ososayensi abaningi becaphuna umkhakha othile omusha wesayensi njengegunya labo ekuchazeni ukubhula ngenduku. Ngawo-1700 bathi “izinto eziphuma” ezilongoshaneni zama-athomu ezazenza ukubhula ngenduku kusebenze. Ngawo-1800 bathi kwakuwugesi. Ekhulwini lethu leminyaka kuye kwaba yikho konke kusukela emisebeni yenuzi kuya kuzibuthe obangelwa ugesi kuye nasekusebenzeni kwengqondo yomuntu.
Muva nje kakhulu, ngo-1979, umagazini odumile iNew Scientist washicilela izimfundiso ezazibonakala zikholeka eziphathelene nokubhula ngenduku. Uchwepheshe kwezokulondolozwa kwamandla kanye nesazi sokwakheka komhlaba bacabangela ukuthi umzimba womuntu ngokwawo ungakwazi ukuzwela kakhulu ezinguqukweni eziwumshoshaphansi ezindaweni ezinogesi, uzibuthe, noma uzibuthe obangelwa ugesi okubangelwa amanzi angaphansi komhlaba noma umthombo wezinto eziyigugu.a
Kodwa izimfundiso ezinjalo ziye zehluleka ukuzuza ukwamukeleka okukhulu kososayensi. Empeleni, kuyiEncyclopedia Americana, ososayensi baseYunivesithi yaseHarvard uE. Z. Vogt noL. K. Barrett balahla ukubhula ngenduku ngalendlela: “Ukuhlola okwenziwa esimweni sendawo esingokwemvelo kanye nasezindlini zokucwaninga zesayensi kuye kwehluleka ukuqinisekisa ukusebenza kokubhula ngenduku, futhi lapho wahlulelwa ngokwezindinganiso zesayensi lomkhuba awunaso isisekelo esiyiqiniso.” NgoNovember 1990, abantu ababhula ngenduku bavuma ukuba kwenziwe ukuhlola okungu-720 eKassel, eseJalimane. Nakuba babezijabulela izimo okwenziwa kuzo ukuhlola futhi beqiniseka ngokuthi kwakuzophumelela, abantu ababhula ngenduku behluleka; bephumelela nje ngenhlanhla ekutholeni amanzi kanye nokusansimbi okungaphansi komhlaba. Umagazini wanyanga zonke iNaturwissenschaftliche Rundschau waphetha ngokuthi lapho kubhekwa ngokwesayensi, ukubhula ngenduku “kungokuqiniseke njengokupininizisa uhlamvu lwemali.” Okunye ukuhlola okunjalo kuye kwaphetha ngendlela efanayo.
Abantu ababhula ngenduku bachaza ukwehluleka okunjalo ngamagama angavamile. Ngokwesibonelo, abanye bakhonona ngokuthi ukuhlola kubenza bangabaze amakhono abo noma kubaholela ekubeni babhule ngezisusa ezingezinhle noma ezingezona ezingathi sína ngokwanele. Bathi izici ezinjalo zibenza balahlekelwe amandla abo okwesikhashana. Empeleni, abantu ababhula ngenduku abaningana baye bathola ukuthi ngemva kwesikhathi sabo sokuphila sokubhula ngokuphumelelayo, kungesikhathi esisodwa lapho kudingeka ngempela ukuba bazibonakalise lapho amandla abo enyamalala khona ngokungazelele—noma abakhohlise. Khona-ke abanye baphetha ngokuthi amandla okubhula ngenduku ahlekisa ngendlela engaqondile.
Ingabe lokhu kuwe kuzwakala njengesayensi? Naphezu kwalokho, amandla angokwemvelo (lawo akalwa ngezindlela ezaziwayo kwezesayensi) awanawo umuzwa wokuthambekela, awasontekile noma abe ngenye indlela; futhi awashintshi ngendlela engalindelekile. Awaguquguquki. Awashintshashintshi kuye ngesimo abazizwa bekuso, ukuthambekela kwengqondo, noma izisusa zalabo abawahlolayo noma abawakalayo. Ngakho-ke, kososayensi abaningi ukubhula ngenduku kuyinkolelo-ze—akukho okungalé kwalokho. Empeleni, ngisho nabantu ababhula ngenduku abavelele baye bavuma ukuthi awekho amandla aziwayo kwezesayensi okungathiwa abangela ukubhula ngenduku.
Ingabe Kuwukukhohlisa?
Kodwa ingabe lokhu kungabikho kwencazelo engokwesayensi kusho ukuthi zonke izimo ezabikwa zokubhula ngenduku ngokuphumelelayo ziwukuqondana nje kwezinto noma ziwukukhohlisa ngokuqondile? Kuthiwani ngokuhlangenwe nakho komlimi okukhulunywe ngaye ekuqaleni—ingabe kwakumane nje kuyinhlanhla, kuyisimo esihlukile kwezinye?
Empeleni, umkhakha wezokubhula ngenduku uye waveza izindaba eziningi kakhulu ezifakazelwa kahle. Ngokwesibonelo, owesifazane othile waseVermont wabiza umuntu obhula ngenduku lapho amanzi enqamuka endlini yakhe. Kubonakala sengathi ipayipi elide elisuka emthonjeni okude liye endlini lalivuza. Lona owesifazane wayengazi nokuthi ipayipi lalikuphi—laligqitshwe eminyakeni engu-30 edlule—ingasaphathwa eyokuthi indawo eyayivuza yayikuphi. Kodwa umuntu obhula ngenduku wabuza induku yakhe buthule, futhi yadonseleka ngasohlangothini oluthile. Emasentimitheni angu-15 ukusuka lapho, yatholakala ingxenye evuzayo yepayipi.
Ngokunokwenzeka indaba edume kakhulu iphathelene nomuntu obhula ngenduku odumile waseMelika uHenry Gross. Izazi zokwakheka komhlaba zaziqiniseka ukuthi amanzi ahlanzekile ayengenakutholakala ngaphansi komhlaba eBermuda. ISaturday Evening Post yabika: “UGross wendlala ibalazwe laseBermuda ekhaya [lombhali wamanoveli uKenneth] Roberts eKennebunkport, eMaine, futhi edlulisa induku yakhe yokubhula phezu kwalo, waphawula izindawo ezintathu okwakungatholakala kuzo amanzi ahlanzekile . . . Ukuze bahlole lokho ayekutholile, uGross noRoberts bahamba ngendiza baya eBermuda, banxusa uhulumeni ukuba abanikeze imishini yokubhola, futhi bahamba bayosebenza. Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, ngoApril 1950, yonke imithombo emithathu yayikhipha amanzi njengoba uGross ayeshilo ukuthi yayiyokwenza kanjalo.”
Abantu ababhula ngenduku bathi baye bathola amanzi asemithonjeni eyizinkulungwane. Izintatheli ziye zahamba nabantu ababhula ngenduku, zabona izinduku zinyakaza ngamandla kangangokuba izandla zabantu ababhula ngenduku zize zibe namabhamuza, futhi ziye zezwa abantu ababhula ngenduku bebikezela ngisho nokujula kwamanzi ngaphansi komhlaba. Baye babona imithombo imbiwa futhi okubikezelwe kuba yiqiniso. Nakuba isayensi ingase inganikezi izizathu eziphathekayo zokuthi kungani lesici sisebenza, ngokucacile siyasebenza—okungenani kubantu abathile, ngezinye izikhathi. Kungani?
Umlando Owembulayo
Umlando wokubhula ngenduku uyembula ngempela ngokuphathelene nalendaba. Kungenzeka sekuyizinkulungwane zeminyaka lomkhuba ukhona. Kodwa ngesikhathi udokotela wekhulu le-16 leminyaka uGeorgius Agricola ebhala incwadi yakhe eyaqopha umlando ngokuphathelene nokumba imicebo, iDe Re Metallica, incazelo yokuqala enemininingwane yabhalwa. Abembi bemicebo baseJalimane babesebenzisa lomkhuba ukuze bathole imikhondo eholela emithonjeni yensimbi. Kodwa ngisho nangalesosikhathi kwakunempikiswano ngokuphathelene nokuthi ukubhula ngenduku kwakuyisici esingokwemvelo yini noma ukulumba. UAgricola waphawula ukuthi abanye babewenqaba lomkhuba, njengoba “amagatsha [izinduku zokubhula] zazinganyakazi kunoma ubani, kodwa kulabo kuphela abasebenzisa amazwi okwenza imilingo kanye nokulumba.” Njengoba ukubhula ngenduku kwakusakazekela eYurophu, nempikiswano yasakazeka nakho. UMartin Luther wakulahla, futhi kamuva nabanye abaholi benkolo benza okufanayo. Ukuze badambise ulaka lwalabobefundisi, abanye abantu ababhula ngenduku benza ukuba izinduku zabo zibhapathizwe, futhi babenxusa uNkulunkulu wabo onguZiqu-zintathu lapho bebhula ngenduku.
Kubantu abaningi ababhula ngenduku, ukufuna amanzi kanye nezinsalela zokusansimbi kwakunganele. Bathola izindlela ezengeziwe zokusebenzisa induku. EFrance yekhulu le-17 leminyaka, uJacques Aymar waqala ukubhula ngenduku ukuze athole izigebengu! Kubikwa ukuthi ngolunye usuku wayefuna amanzi ngokubhula ngenduku lapho induku yakhe igobela ngamandla ethuneni lowesifazane owayebulewe. Khona-ke induku yabe isigobela ngasendodeni yalona wesifazane, eyabaleka ngokushesha ngemva kwalokho. UAymar—kanye nabalingisi abaningi—basebenzisa induku yokubhula ukuze badalule izigebengu kulo lonke elaseYurophu. Abashisekeli benkolo bamaKatolika baze ngisho basebenzisa uAymar kanye nenduku yakhe yokubhula ukuze kubasize ekuzingeleni amaProthestani ukuze abulawe.
Ukuxhumana Nokulumba
Akumangalisi ukuthi ngisho nangosuku luka-Aymar “kwakunochwepheshe” ababecabanga ukuthi babengazichaza ngokwesayensi izenzo ezinjalo. Bakha imfundiso yokuthi induku ka-Aymar yokubhula yayikwazi ukuzwa “izinto eziphumayo” eziyisimangaliso ezaziyizimpawu zababulali kuphela, abazetha ngokuthi “indaba ebulalayo.” Nokho, ngokusobala izenzo zika-Aymar zazingahlangene nesayensi. Amandla ayebangela lokho uAymar akwenza ayehlakaniphile. Ayengathungatha izigebengu, ahlukanise phakathi komProthestani nomKatolika, futhi athole amanzi kanye namaminerali ngokufanayo.
Ngokufanayo, kungenzeka kanjani ukuba okuthile ngaphandle kwamandla ahlakaniphile kubangele ukubhula ngenduku ebalazweni, lapho induku ikhomba khona imithombo yamanzi ebalazweni nje lendawo ekude? Abanye abantu ababhula ngenduku baye bathola izikhwama zemali ezilahlekile, amapassport, izinto eziyigugu, futhi ngisho nabantu ngokubhula ngenduku ejikizayo elengiswa phezu kwebalazwe. Abanye babheka ukusabela kwethuluzi lokubhula lapho bebuzwa imibuzo ephendulwa ngoyebo noma cha. Ngawo-1960 eminye imiKhumbi Yezempi yaseU.S. yasebenzisa izinduku zokubhula ukuze ithole imihume yokucasha, amabhomu atshalwayo, kanye nezingibe eVietnam. Namuhla, induku yokubhula iya ithandwa ngokuqhubekayo njengethuluzi lamandla angaphezu kwawemvelo. Isetshenziselwa ukubikezela isikhathi esizayo, ukufuna ‘izipoki,’ kanye nokuhlola ‘ukuphila komuntu kwangaphambili.’
Ekuqaleni umlobi uBen G. Hester wayekholelwa ukuthi ukubhula ngenduku kwakumane nje “kuyisici esingokoqobo esingakaqondwa.” Kodwa ngemva kweminyaka eyisishiyagalombili yokuhlola lendaba, wabhala incwadi iDowsing—an Exposé of Hidden Occult Forces. Kuyo ufanisa induku yokubhula nezinto ezifana namaOuija board. Wathola ukuthi abanye ababhula ngenduku bathi banamandla okuphilisa abantu—noma okubagulisa—ngenduku yokubhula! Ngokufanayo, umuntu obhula ngenduku uRobert H. Leftwich wabhala encwadini yakhe iDowsing—The Ancient Art of Rhabdomancy: “Amandla asetshenziswayo ngokunokwenzeka . . . ahlangene eduze nalawo asetshenziswa ekuthakatheni. Ngakho-ke ukuhlola budedengu kungaba yingozi.”
KumaKristu eqiniso, okungenhla akuzwakali kahle. Kungakhathaliseki ukuthi kuyiqiniso noma kuyinkohliso, ukubhula ngenduku ezimweni ezinjengalezi ezishiwo ngenhla akuyona ngokucacile isayensi; kubonakala kuwukulumba. Njengoba ososayensi uEvon Z. Vogt noRay Hyman bakufinqa kuyiWater Witching U.S.A.: “Khona-ke siphetha ngokuthi ukubhula amanzi kuyisimo esicacile sokulumba okuwumlingo.”
Ingabe UmKristu Kufanele Ahileleke Ekubhuleni Ngenduku?
Njengokulindelekile, uma ukubhula ngenduku ngempela kuyisenzo sokulumba, umKristu weqiniso akanakufuna neze ukuhileleka kukho. Abantu bakaNkulunkulu bayalwa, njengoba sifunda eBhayibhelini kuDuteronomi 18:10: “Makungafunyanwa kuwe . . . umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi.” Umprofethi uHoseya wadabuka ngokwehluleka kwamaIsrayeli ukulalela lomyalo, ebhala: “Abantu bami babuza ukhuni lwabo, induku iphendule imibuzo yabo.”—Hoseya 4:12, The Jerusalem Bible.
Nakuba kunjalo, abanye bangase baphikise ngokuthi bamane nje bahileleka ohlotsheni olulula lokubhula ngenduku: ukuthola amanzi. Kodwa ingabe ukufuna amanzi ngokubhula ngenduku akuhlangene ngazo zonke izindlela nokulumba? Kuyathakazelisa ukuphawula ukuthi abafundisi bokubhula ngenduku ngokuvamile bafundisa abafundi ukuba batshele induku ngokuqondile lokho abakufunayo, njengokungathi iyinto enengqondo. Omunye umfundisi wokubhula ngenduku uze ngisho atshele abafundi bakhe ukuba bethe induku igama futhi bayibize ngegama! Ngokuvamile ababhula ngenduku babuza izinduku zabo zokubhula ukuthi umthombo wamanzi ujule kangakanani. Induku iqala ukunyakaza, bese umbhuli obhula ngenduku ebala ukuthi ikwenza izikhathi ezingaki. Ingqikithi ilingana nokujula, ngamamitha, komthombo wamanzi! Ingabe lokhu akusikiseli ukuthi kukhona ukuhlakanipha okucashile okusebenzayo?
Ngaphezu kwalokho, ukufuna amanzi ngokubhula ngenduku kuhlanganiswa nomunye umkhuba osekuyisikhathi eside oFakazi BakaJehova becophelela ukuba bawugweme—iESP (extrasensory perception [umuzwa ongaphezu kovamile wokuqonda]). IWatchtower yakuphawula lokho kuhlangana emuva ngo-1962. Ngokushesha ngemva kwalokho, iAmerican Society of Dowsers yaphendula ngencwadi: “Siyavumelana nemfundiso yokuthi ukubhula ngenduku kuwuhlobo oluthile lwe-ESP nanokuthi ukuhileleka kunoma iluphi uhlobo lwe-ESP kungaholela ‘ekungenweni’ noma ekubeni nobudlelwano ‘namandla emimoya emibi’ ngaphandle kokuba kuthathwe izinyathelo zokuphepha eziqondile. Nokho, asivumelani neseluleko senu esiwujuqu sokuhlukana nakho ngokuphelele.”b
Yini oyicabangayo? Uma ngisho nabasekeli abashisekayo bokufuna amanzi ngokubhula ngenduku bevuma ukuthi kunengozi yokusebenzelana namandla omoya ababi noma yokungenwa yiwo, ingabe akufanele umKristu afune ukudeda emkhubeni onjalo?
‘Kodwa ingabe ukubhula ngenduku kunobuhle obukhulu okubenzayo?’ abanye bangase babuze. ‘Ingabe lokho akubona yini ubufakazi bokuthi amandla abangela ukubhula ngenduku anenhloso enhle?’ Ngokudabukisayo, akunjalo. Khumbula, “uSathane uqobo uziguqula ingelosi yokukhanya.” (2 Korinte 11:14) Ngisho nangezikhathi zeBhayibheli amademoni ayezama ngezikhathi ezithile ukuthandwa nokuba nethonya ngokukhuluma amaqiniso.—IzEnzo 16:16-18.
Kuyavunywa, asinakugomela ngokuqinisekile ukuthi isimo ngasinye sokubhula ngenduku (kanye ne-ESP ngokufanayo) asichazeki ngokwesayensi futhi kumelwe ukuba sibangelwa amademoni. Ngokungangabazeki, kunokuningi ngokuphathelene nengqondo yomuntu kanye namandla emvelo okusabadida abezesayensi. Futhi akungabazeki ukuthi kunokubhula ngenduku okuningi kakhulu kanye nezenzo ze-ESP zobuchwepheshe okungase kuchazwe ngokucacile njengokukhohlisa okusobala, okudala. Kodwa njengoba umlando kanye nomkhuba wamanje wokubhula ngenduku kuhlangene ngendlela engenakuhlukaniseka nokulumba, iESP, kanye nokusebenzisa imimoya, ngokusobala kuyingozi kakhulu ukungakunaki njengokuwukukhohlisa okungenangozi.
Cha, uma kuziwa ekubhuleni ngenduku, ukuthi “ningathinti okungcolileyo” kusabonakala kuyiseluleko esifanelekayo.—2 Korinte 6:17.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngo-1989 umbiko oningiliziwe ophathelene nokubhula ngenduku kumagazini iNew Yorker waphawula ukuthi namuhla ngisho nabantu ababhula ngenduku baseMelika ababambelele kakhulu kulomkhuba bayavuma—nakuba bengakusho ngamazwi—ukuthi iESP ingamandla abangela ukubhula ngenduku.
b Enye imfundiso enjalo yabikwa kumagazini wePhaphama! yesiNgisi kaJune 22, 1979.
[Ibhokisi ekhasini 15]
Ingabe Induku Yokubhula?
IZINDUKU zokubhula namuhla ziyizinhlobonhlobo eziningi ngaphandle kwegatsha elinjengemfologo. Abanye ababhuli basebenzisa izinduku ezimbili zensimbi ezakha isiphambano lapho “zithola” leyonto efunwayo. Abanye basebenzisa induku abayibamba bayigobe ezandleni zabo. Abanye basebenzisa amahenga ensimbi. Abanye abalisebenzisi nhlobo noma iliphi ithuluzi; bamane balinde umuzwa wokucanuzela kwenhliziyo noma ukukitazeka ezandleni zabo. Ezitolo kudayiswa futhi nezinduku zokubhula zobuchwepheshe bezinga eliphezulu, ezinezibambo kanye nendawo yokubeka isampula laleyonto efunwayo. Njengokulindelekile, kunezinye izinto zokufuna ezenziwe ngensimbi ezivumelekile. Zidinga umthombo wamandla, njengamabhethri, futhi ngaleyondlela kulula ukuzihlukanisa nezinduku zokubhula.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 12]
Woodcut of dowser from Georgius Agricola’s De Re Metallica