Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 3/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kubi Ngani Ukugembula?
    I-Phaphama!—2002
  • Amalungu Amasha Okugembula—Intsha!
    I-Phaphama!—1995
  • Gwema Ugibe Lokugembula
    I-Phaphama!—2002
  • Ingabe Ukugembula Ngempela Kubi Kangako?
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 3/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukuthumba Ngiyanibonga kakhulu ngesihloko esithi “Ungenzi Lutho Oluwubuwula, Kungenjalo Ngizokubulala.” (November 22, 1991) Ngafikelwa izinyembezi. Angikaze ngehlelwe okuthile okufana nalokho uLisa Davenport adlula kukho, kodwa njengoba bengicindezelekile isikhathi esithile, ngezinye izikhathi ngiye ngaba nomuzwa wokufuna ukufa. Nokho, lesihloko sangenza ngacabanga ngokujulile ngokusekela okunamandla uJehova uNkulunkulu akunikezayo nanokuthi ulunikeza kanjani njalo usizo lapho ludingeka.

N. O., Japan

Mikhaya Sondelanani Ngiyajabula kakhulu ngochungechunge lwezihloko ezithi “Mikhaya—Sondelanani Kungakephuzi Kakhulu.” (September 22, 1991) Amehlo ami agcwala izinyembezi lapho ngibona isembozo esihle. Futhi, wonke amagama nemishwana kwakukhethwe ngokucophelela okukhulu futhi kubhalwe ngomusa omkhulu! Ngiyanibonga ngokusikhumbuza ngokubaluleka kokuba nomkhaya onobunye.

K. E., United States

Lezihloko zaziphakathi kwezithinta inhliziyo kakhulu kwengake ngazifunda. Iningi lethu liye lakholelwa ukuthi uma nje litadishe iBhayibheli nezingane zethu, laya nazo emihlanganweni yobuKristu, futhi lahlanganyela nazo emsebenzini wokushumayela, liyoba nempumelelo njengabazali. Nokho, ngiye ngathola ukuthi abazali abaphumelelayo futhi banobuhlobo bomuntu siqu obuseduze nengane yabo—isibopho esiqinisekisa ingane ngothando lwabazali. Leliphuzu liye lavezwa ezihlokweni ezingaphambili, kodwa ithonya lalo kimi manje liye laba likhulu kakhulu.

T. H., United States

Ngaphambi kokuba ngishade, ngangiwumgcini wezincwadi. Ngangiwujabulela kakhulu umsebenzi wami. Ngemva kokuthola abantwana, nganquma ukuwuyeka umsebenzi futhi ngihlale ekhaya nabantwana. Nokho, ngezinye izikhathi ngiye ngaba nomuzwa wokungabi yilutho futhi ngafisa ukuphindela emsebenzini. Ngemva kokufunda isihloko senu, ngizizwa nginomuzwa ovuselelwe wokuba nomthwalo wemfanelo kubantabami.

S. M., United States

Ukugembula Ngiyanibonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Ukugembula Ngempela Kubi Kangako?” (November 8, 1991) Esikoleni engifunda kuso, ukugembula kuthandwa kakhulu. Omunye umdlalo wokugembula ukhokhela lowo owinile amayen angu-20; abanye engifunda nabo ekilasini baphatha amayen angu-2 000 esikoleni! Ngake ngamenywa ukuba ngibe nengxenye. Ngaqala ukuzibuza ukuthi ngempela ukugembula kwakukubi kangako yini, futhi ngalingekela ekubeni ngikuzame kanye nje kuphela. Kodwa ngemva kokufunda lesihloko, sengiyazi ukuthi ukugembula akulungile nanokuthi uma ukuzama kanye nje, ungase ufune ukukwenza ngokuphindaphindiwe.

N. N., Japan

Ukuthembeka Ngibhala ngokuphathelene nesihloko esithi “Ingabe Kunenzuzo Ukwethembeka?” (October 22, 1991) Njengoba oFakazi BakaJehova bengayitusi imidlalo yangemva kwesikole, ngaba nomuzwa wokuthi lesihloko sasinikeza isigijimi esididayo.

C. P., United States

Lesihloko salandisa ngendlela umfana omncane owayedlala emdlalweni we“baseball” avuzwa ngayo ngokwethembeka. Nokho, lokhu okuhlangenwe nakho kwathiwa kuthathwe kumagazini i“Sports Illustrated.” Khona-ke, omusha owayehilelekile wayengeyena omunye woFakazi BakaJehova. Kunoma ikuphi, lesihloko sashicilelwa, hhayi ukuze kugqugquzelwe ukuhlanganyela emidlalweni, kodwa ukuze kuboniswe ukubaluleka kokwethembeka.—ED.

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini Njalo ngibheka phambili ekufundeni isihloko esithi “Okuphawulwa Abafundi Balomagazini.” Ayangimangalisa amasu okungacunuli eniwabonisayo ekuphenduleni kwenu. Uma kukhona amagama angabhalekanga kahle noma iphutha, niyakuvuma ngokuzithoba. Nokho, kungathaliseki ukuthi umfundi ucasuka kangakanani, anihlehli eqinisweni leZwi likaNkulunkulu. Futhi nize nibe namahlayana athile! Ngahleka ngedwa lapho ngifunda impendulo yenu ngaphansi kwesithi “Umuntu Okungeyena” kumagazini kaFebruary 22, 1991.

C. W., United States

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela