USuku LukaValentine—Lwavelaphi?
INGABE wake wathumela noma wathunyelelwa ivalentine, ikhadi noma isipho? Emazweni amaningi kungumkhuba ukuwathumela ngo-February 14, okuwuSuku lukaValentine. Usuku okumelwe lugujwe izithandani. Kodwa waqala kanjani lomkhuba?
IBrewer’s Dictionary of Phrase and Fable ithi: “USt. Valentine, umpristi waseRoma owagqunywa ejele ngenxa yokusiza amaKristu ayeshushiswa. Waguquka, . . . futhi washaywa ngesagila waze wafa. Usuku lwakhe umhlaka-14 February. . .
“Umkhuba wasendulo wokukhetha amaValentine unokuhlobana okuyingozi kuphela n[al]osanta, ngokuyisisekelo kungumkhuba oyinsalela yeLupercalia endala yamaRoma . . . noma oxhumene nenkathi yokuzalela kwezinyoni. Wawuphawulwa ngokunikezana izipho futhi ezikhathini zanamuhla ngokuthumela ikhadi okuboniswa kulo imifanekiso yabafana abancane abanezimpiko, izinhliziyo ezigwaziwe, njll.”
Futhi uhlangene ngani uCupid noSuku lukaValentine? Umthombo ofanayo uthi: “UCupid, (ngesiLat[ini] cupido, okusho isifiso, uthando). Unkulunkulu wamaRoma wothando, ofana no-Eros wamaGreki. Ngokuvamile ufanekiselwa umfana omuhle onezimpiko, ovalwe amehlo ngendwangu, futhi ophethe umnsalo nemicibisholo.”
IWorld Book Encyclopedia inikeza ukwaziswa okwengeziwe, inikeza imiqondo ehlukahlukene ngemvelaphi yemikhuba yoSuku lukaValentine. “Ngokwenye indaba, uMbusi wamaRoma uClaudius II ngawoA.D. 200 wakwenqabela ukushada kwezinsizwa. Lombusi wayecabanga ukuthi amadoda angashadile ayengaba ngamasosha akahle kakhulu. Umpristi obizwa ngokuthi uValentine akawulalelanga umyalo walombusi futhi washadisa ngasese imibhangqwana esemisha. . . . Izindaba eziningi zithi uValentine wabulawa ngoFebruary 14 cishe ngawoA.D. 269. NgoA.D. 496, uSanta Pope Gelasius I waqamba uFebruary 14 njengoSuku lukaSanta uValentine.”
Kungakhathaliseki ukuthi uyini umsuka wangempela walelisiko, kuyakhanya ukuthi ligxile ezinkolelweni zobuqaba zasendulo nakulokho okubizwa ngokuthi “osanta” kweLobukholwa. USuku lukaValentine lungelinye ibhaxa lokuxhaphaza ngokwezentengiselwano umphakathi ongazi lutho—2 Korinte 6:14-18.
Uma, ngemva kokufunda lomagazini, unanoma yimiphi imibuzo yeBhayibheli, siza uzizwe ukhululekile ukuthintana noFakazi BakaJehova eHholo LoMbuso endaweni yakini noma ubhalele abanyathelisi balomagazini. (Bheka ikhasi- 5.)
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
Dover Publications, Inc.