Ikhasi Lesibili
Izinkinga Zemali—Ingabe Ziyoke Ziphele? 3-8
“Imali iyinto evelele,” kubhala isazi sezomnotho uGalbraith. “Iyefana nothando ngokuba umthombo omkhulu wenjabulo yomuntu. Futhi iyefana nokufa ngokuba umthombo omkhulu wokukhathazeka kwakhe.” Isimiso sezwe sezomnotho esikhona manje siletha izingozi, izinkinga, kanye nokukhathazeka. Izihloko zethu zokuqala zakha Ingxenye 1 ochungechungeni lweziyisithupha ezinyangeni ezintathu ezizayo ezizohlanganisa umkhakha wezentengiselwano kanye nendima yemali entuthukweni yesintu.
Sasinda Ekuqhumeni Kwebhomu Lombulali 9
Inzondo embi yenza othile ukuba aqhumise iHholo LoMbuso ngebhomu eAustralia. Ababili abasinda balandisa indaba yabo.
Ukushada Noma Ukuhlala Ndawonye—Ikuphi? 26
Izigidi namuhla zikhetha ukuhlala ndawonye ngaphandle kwenzuzo yomshado. Uyini umbono weBhayibheli ngalokhu?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]
With kind permission of the Kunsthistorisches Museum, Vienna