Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 12/22 k. 25-k. 27 isig. 7
  • Ngingakulungiselela Kanjani Ukuyosebenza?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingakulungiselela Kanjani Ukuyosebenza?
  • I-Phaphama!—1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umbono Olinganiselwe Ngomsebenzi
  • Khetha Izifundo Ezifanele
  • Lapho Kukuncane Ongakhetha Kukho
  • Ukuzidela
  • Kungani Kufanele Ngifunde Ngokuzikhandla Esikoleni?
    I-Phaphama!—1992
  • Zuza Ngokugcwele Esikoleni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Ingabe Kumelwe Ngisebenze Lapho Ngisesesikoleni?
    I-Phaphama!—1991
  • Bazali—Nizifunela Ikusasa Elinjani Izingane Zenu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 12/22 k. 25-k. 27 isig. 7

Intsha Iyabuza . . .

Ngingakulungiselela Kanjani Ukuyosebenza?

“NGIZIZWA ngesaba futhi ngesikhathi esifanayo ngijabulile!” Washo kanjalo uMaureen oneminyaka engu-16 ubudala lapho ebuzwa ukuthi wayeyozizwa kanjani mhla eqala ukusebenza umsebenzi wokuziphilisa. Kumane nje kungokwemvelo ukuzizwa okungenani unovadlwana lapho ucabanga ngokufuna umsebenzi​—⁠ngisho noma ubheke phambili enseleleni oyilethayo. Ngaphambi nje kokuba uRené aphume esikoleni, wathi: “Ngemva kweminyaka engu-12 yomthwalo wesikole, umsebenzi uyoba yinto ejabulisayo.”

Kungakhathaliseki ukuthi iyini imizwa yakho, ngokunokwenzeka ngolunye usuku uyothola umsebenzi wokuziphilisa. Ungalulungiselela kanjani lolosuku? Ukufunda esikoleni kukunikeza ithuba lokuhlakulela imikhuba emihle, njengokugcina isikhathi. Ngaphezu kwalokho, intsha esafunda ingazuza okuhlangenwe nakho ngokubamba amatoho. Nokho, ukuze ukulungiselele kahle ukusebenza, kubaluleke ngokukhethekile ukuba uzicabangele kahle izifundo ozikhethayo esikoleni.

Umbono Olinganiselwe Ngomsebenzi

Okokuqala, kufanele wazi ukuthi yini oyifunayo emsebenzini. Enye intsha ayibheki ngalé kobukhulu bomholo. Kuyavunywa, “imali iyisivikelo” futhi ibalulekile ekuphileni. (UmShumayeli 7:​12) Kodwa iBhayibheli lineqiniso uma lithi “ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.” (Luka 12:​15) Encwadini ethi Yes​—⁠I Can!, kaBarkai, uBarkai, noYeo, labalobi banikeza lesiseluleko: ‘Ungangeni ogibeni lokufuna kuphela imbuyiselo enkulu yemali.’ Bayanezela: “Ukwaneliseka ngomsebenzi kubaluleke ngendlela efanayo ukuze ube nekusasa elijabulisayo.” UPaulo oneminyaka eyishumi nesikhombisa ubudala wakubonisa lokho kulinganisela lapho ethi: “Ngingathanda ukuthola ukuphila okuhloniphekayo kuyilapho ngikujabulela engikwenzayo.”

Nokho, uma ungumKristu kunezinye izinto zokucatshangelwa. Ngisho nohlobo lomsebenzi olujabulisa kakhulu, noluyinselele ngeke lusanelise isidingo sakho esingokomoya. Empeleni, ‘isibopho esiphelele somuntu’ siwukuba ‘esabe uNkulunkulu weqiniso futhi agcine imiyalo yakhe.’ (UmShumayeli 12:​13, NW) Njengoba umyalo kaNkulunkulu kumaKristu uwukuba ‘enze abafundi,’ oFakazi BakaJehova abaningi abasebasha balungiselela imisebenzi enjengokuphayona, noma ukuba abavangeli besikhathi esigcwele. (Mathewu 28:​19, 20) Intombazane yaseNingizimu Afrika okuthiwa uShulamite yenza lokho kanye. Futhi ithi kwayilethela “ukwaneliseka okukhulu ukusiza ekwaneliseni isidingo sabantu esingokomoya.”

Mhlawumbe nawe unesifiso sokuhlanganyela enkonzweni yesikhathi esigcwele. Nakuba kunjalo, ngokunokwenzeka kuyodingeka ukuba usebenze ukuze ukwazi ukuzondla. Ngolunye usuku kungase kudingeke ngisho nokuba wondle umkhaya. Ngakolunye uhlangothi, izimo zingase zingakuvumeli ukuba ube iphayona, futhi kungase kudingeke ukuba ufune umsebenzi wokuziphilisa wesikhathi esigcwele. Kunoma ikuphi, ubungeke yini ufune ukuthola umsebenzi ozokuvumela ukuba ube nengxenye egcwele ngangokunokwenzeka enkonzweni kaNkulunkulu? Okuningi kuyoxhomeka ezifundweni ozikhetha esikoleni.

Khetha Izifundo Ezifanele

Kwamanye amazwe osemusha angakhetha imfundo ehlanganisa izifundo eziningi, izifundo zezamabhizinisi, ezobuchwepheshe, kanye nezokufundela umsebenzi. Ngokuvamile kuhlakaniphile ukucabangela ukuthi iziphi izinhlobo zomsebenzi ezitholakala endaweni yakini. Ngesikhathi esifanayo, ungahlola amakhono akho kanye nezinto onesithakazelo kuzo. Kanjani? Ngokwenza uhlu lwazo zonke izinto onesithakazelo kuzo noma ozenza kahle kakhulu. Ingabe isifundo sezibalo? Isayensi yamacomputer? Isayensi ephathelene nokusebenza kwemishini? Hlanganisa nemisebenzi ozilibazisa ngayo kanye nezinye nje izinto onesithakazelo kuzo. Lokhu okungenani kuyokunikeza umqondo othile ngokuthi luhlobo luni lomsebenzi olungakufanela kangcono kakhulu nanokuthi luhlobo luni lwezifundo olungakuholela ngakulolohlangothi. Ukuxoxa nabazali bakho noma abanye abantu abadala kungakusiza futhi ukuba ubone amakhono akho nokuthambekela ngendlela engokoqobo.​—⁠Qhathanisa nezAga 15:⁠22.

Ngokwesibonelo, ingabe ungumuntu othanda abantu? Khona-ke mhlawumbe uzofuna ukucabangela ukuthatha izifundo ezingakwenza ukwazi ukuthola umsebenzi emkhakheni wezokuthengisa noma kweminye imikhakha efuna ukusebenzelana eduze nabantu. Ngakolunye uhlangothi, uma unekhono lokusebenzisa izandla zakho, ungase ufune ukucabangela ukuthatha izifundo zomsebenzi wezandla. Kunoma ikuphi, abavangeli besikhathi esigcwele abaningi bayazondla bona ngokwabo ngamakhono abaqala ukuwafunda esikoleni esiphakeme (esekhondari). Abanye baye bathola amatoho ezinkontilekeni zokwakha, ezindaweni okulungiswa kuzo izinto, endaweni yokubaza izinto ngokhuni, ukwenza izinto ezithile bese bezidayisa, ukubhala ngecomputer, noma umsebenzi wokuba umabhalane.

NgoDamaris, ongowesifazane osemusha waseColombia, eNingizimu Melika, ukufunda ukubhala ngomshini kanye nendlela yokugcinwa kwamabhuku ezimali kwamzuzisa. Wathola umsebenzi wokuba umabhalane wokusebenza ingxenye yosuku owamsekela emsebenzini wakhe wobuvangeli. Amanye amaKristu aye akwazi ukuhlangabezana nezidingo zawo ngomsebenzi wokuhlanza, ukulungisa amagceke, njalonjalo.

Lapho Kukuncane Ongakhetha Kukho

Nokho, akuzona zonke izikole ezinikeza ukuqeqeshelwa umsebenzi okwanele; ezinye zihluleka ngisho nokufundisa abafundi bazo amakhono ayisisekelo okufunda nokubhala. Kwezinye izindawo kungase kudingeke imfundo eyengeziwe ukuze uthole cishe noma iluphi uhlobo lomsebenzi. Ezimweni ezinjalo, ungase ufune ukuthi zikhona yini izimiso zokuqeqeshela emsebenzini noma zokufunda ulokhu usebenza ezitholakalayo endaweni yakini. Imfundo yesikole yesikhashana efundisa ikhono lomsebenzi elingakwenza uqashwe, ingokunye ongakwenza. Ngokuthakazelisayo, abanye baye bathatha lokho kuqeqeshwa ngaphezu kokusebenza kwabo njengabavangeli besikhathi esigcwele.

Intsha emazweni asathuthuka ingase ithole ukuthi izifundo engazikhetha kanye nezikole ezikhona kulinganiselwe kakhulu. UKatiti, insizwa yasedolobheni elisemaphandleni eAfrika eseningizimu, wayengenakho okunye ukukhetha ngaphandle kokuba afunde isiLatini, isifundo sezibalo, kanye nephysical science, ngisho nakuba lezozifundo zazingenanzuzo kangako emisebenzini yasendaweni yakubo. Nakuba kunjalo, uKatiti waphumelela ekutholeni umsebenzi. Kanjani? Ngokuvumelanisa amakhono akhe nezidingo zendawo. Lapho uKatiti eqeda isikole, wazondla ngokulima kanye nokudayiza imifino, eluka futhi edayisa izikhafu nezigqoko zewuli, futhi ngisho nangokudayisa imithi engadingi imvume kadokotela ezindaweni zasemaphandleni. Ngenxa yokuthi isikole sasimhlomise ngamakhono adingekayo okukhuluma, wayeyisingatha ngokuphumelelayo lemisebenzi ehlukahlukene ethakazelisayo.

Incwadi ethi Choosing Your Career and Your Higher Education ithi ikhono “lokukhuluma, ukuqonda nokuqondwa libaluleke kakhulu” emsebenzini. Imikhakha eminingi, kungakhathaliseki ukuthi eyezobuchwepheshe, ezentengiselwano, noma imfundo evamile, idinga amakhono okukhuluma. Ngakho ngisho nakuba isikole ofunda kuso singakunikezi ukuqeqeshelwa umsebenzi okuqondile, zikhandlele ukuba nekhono lokubhala, ukukhuluma, kanye nokulalela. Ukuhlaba kwakho umxhwele lowo ongase akuqashe kuyoxhomeka kakhulu ekhonweni lakho lokukhuluma; lokho kungase kube isici esinquma kakhulu ekutholeni umsebenzi owufunayo. Phakathi koFakazi BakaJehova, intsha eningi iye yalola amakhono ayo okukhuluma ngokuhlanganyela eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini ebandleni lobuKristu.

Ukuzidela

Incwadi ethi Your Child at School iyaphawula: “Asenziwanga sonke ngendlela efanayo.” Enye intsha ithambekele endleleni yokusebenza kwemishini, kuyilapho enye inekhono lemfundo evamile. Nokho enye iphiwe iziphiwo namakhono emkhakheni womculo, ukudweba, noma kwezemidlalo. Ukuziphilisa njengochwepheshe wemisebenzi yezokuthengisa noma umqeqeshi wezomculo kungenye into, kodwa ukuphishekela ingcebo noma udumo emikhakheni enjalo kungaletha izingozi ezingokomoya kumKristu. Ngaphezu kwalokho, njengoba lemisebenzi ingakushiyela isikhathi esincane semisebenzi yobuKristu, njengokuya emihlanganweni nokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela, ingabe kungaba ukuhlakanipha ukuchitha iminyaka eminingi uzuza imfundo futhi uthuthukisa amakhono owadingayo ukuze uphumelele kuyo?​—⁠1 Korinte 7:⁠29.

UFakazi osemusha othiwa uPhilip wazama ukuphishekela umsebenzi owawuthembisa wethenisi. “Ngokuhamba kwesikhathi,” kuvuma uPhilip, “kwadingeka ngikhethe phakathi kobuKristu kanye nethenisi. Sasingekho neze isikhathi sokukuphishekela kokubili ngokugcwele. Nganquma ukuyiyeka ithenisi, futhi nakuba kwakunzima ngalesosikhathi, angikaze ngizisole ngakho.”

Umphostoli uPawulu wenza isinqumo esifanayo. Nakuba ayefundele ezomthetho, wakhetha ukuphishekela inkonzo yobuKristu, eziphilisa ngomsebenzi wokwakha amathende. (IzEnzo 18:⁠3; 22:⁠3) Kodwa uPawulu akazange azisole ngokukhetha kwakhe. Wathi: “Lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu. . . . engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu.”​—⁠Filipi 3:​7, 8.

Mhlawumbe uzoshukumiseleka ukuba wenze ukukhetha okufanayo. Kunokuthuthukisa amakhono akho emfundo evamile, umculo, noma ubuchwepheshe, ungase unqume ukuhlakulela amakhono akho angokomoya. Lokhu kungasho ukufunda umsebenzi wezandla noma uhlobo oluthile lomsebenzi obhekwa abantu abaningi njengophansi. Ngezinye izikhathi omusha angase afunde umsebenzi wezandla ngokusebenza nabazali bakhe, mhlawumbe afunde ukubaza, ukufaka amapayipi, noma omunye umsebenzi wezandla onjalo.

Kungakhathaliseki ukuthi yini oyinqumayo kulokhu, cabangela ikusasa lakho. Khetha izifundo zakho ngokuhlakanipha, nangokucophelela. Ngosizo lukaNkulunkulu, uyokulungela ngokugcwele ukusebenza!

[Isithombe ekhasini 26]

Abaningi baziphilisa ngamakhono afundwa esikoleni

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela