Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngezilimi Eziningi
LAPHO uJesu enikeza isibonakaliso esasiyophawula izinsuku zokugcina, esinye sezici zaso sasiwukushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso emhlabeni wonke. (Mathewu 24:14) Ukuze siqonde ukuthi kungani lokhu kushumayela emhlabeni wonke kuzo zonke izizwe kungenzekanga ngaphambi kwalesizukulwane, nokuthi kungani kungenzeka futhi kwenzeka manje, kumelwe sibheke emuva emlandweni. Njengoba isichaza-mazwi sikaWebster sikuveza, kuze kwaba ngekhulu le-15 leminyaka, eminyakeni engaphezu nje kwengu-500 edlule, lapho uGutenberg eba umsunguli wokunyathelisa ngesishicilelo esiphendukayo. Kusukela kulesiqalo, umuntu wasungula izindlela zokukhiqiza amaphepha anyathelisiwe ngobuningi ukuze asakazwe kabanzi.
Kuhle ukukhumbula ukuthi ngaphambi kokusungulwa komshini wokunyathelisa, iBhayibheli laliyinto eyivela-kancane, njengoba kwakudingeka ukuba likopishwe ngesandla. Ukukopisha ngesandla kwakukhandla futhi kubiza. Ukusungulwa kwesishicilelo esiphendukayo nomshini wokunyathelisa kwakuyinqubekela phambili enkulu ekukwenzeni kube nokwenzeka ukunyathelisa iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngazo zonke izilimi.
Kusukela ngo-1914 kuye kwaba nezinyathelo ezinkulu eziwukuqhubekela phambili ekunyatheliseni nasekushicileleni, njengoba ekugcineni umshini wokunyathelisa weoffset wathatha wonke umsebenzi ekuqaleni owawenziwa imishini yeletterpress.
Eminyakeni yamuva kakhulu, ukusungulwa kwamacomputer kuye kwayisheshisa futhi lenqubo. Izinhlamvu, izimpawu zokugcizelela, neminye imifanekiso kwakungadwetshwa, kukopishelwe kuyicomputer, futhi kwenziwe kutholakalele ukusetshenziswa okusheshayo ngokucindezela inkinobho ebhodini lezinkinobho lecomputer. Lokhu kuye kwakwenza kwaba lula kakhulu ukunyathelisa ukwaziswa kwabantu bazo zonke izilimi emhlabeni wonke.
Ngo-1979 iWatchtower Society yaqalisa lokho eyakubiza ngokuthi ukwakhiwa kweMEPS. Elithi MEPS liyisifushaniso selithi “Multilanguage Electronic Phototypesetting System.” Izinkampane zezentengiselwano zazenza amacomputer ezilimi ezikhethiwe kuphela lapho zazingenza khona inzuzo ngemishini yazo. Umsebenzi weNhlangano uhlukile. IBhayibheli lithi izindaba ezinhle kumelwe zishunyayelwe “kuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu.”—IsAmbulo 14:6.
Ngamahhovisi egatsha eNhlangano amaningi kwangu-93 akuzo zonke izingxenye zomhlaba, kwenziwa ukucwaninga ngezici zokwehluka kwezilimi. Kwadingeka ukuba kwenziwe uhlu lwazo zonke izinhlamvu nezimpawu zokugcizelela ezazidingeka ukuze kunyatheliswe izincwadi ngezilimi ezihlanganiswa igatsha ngalinye. Okwakudingeka futhi kwakuyimithetho yokunqamula amagama olimi ngalunye. Uhlamvu ngalunye nophawu lokugcizelela kwakudingeka ludwetshwe, lukopishelwe kuyicomputer, bese luhlelwa. Lokhu kwahilela iminyaka eminingi yomsebenzi wokuzinikela. Umphumela uwukuthi isigijimi soMbuso manje singanyatheliswa ngezilimi ezengeziwe kunanini ngaphambili, futhi inani liyaqhubeka landa.
Ekuqaleni iNhlangano yaklama futhi yakha amacomputer nendlela yokusebenza kwawo. OFakazi BakaJehova beza bevela emhlabeni wonke bezosiza kulomsebenzi. Kwakunokunikezelana ngamakhono kanye nokukhuthazana. (Roma 1:12) Cishe kwakunjengokuphendukezelwa kwalokho okwenzeka eMbhoshongweni waseBabele. Ngemva kokuqeqeshwa okukhethekile, imishini, kanye nezisebenzi ezinekhono, kwathunyelwa emagatsheni emhlabeni wonke. Umphumela uyisimiso sokunyathelisa esilula esisetshenziswa emazweni ayikhulu naseziqhingini zolwandle, esikuhlomele kahle ukunyathelisa izincwadi zeNhlangano ngezilimi ezicishe zibe ngu-200 okwamanje.
Kulezinsuku zokugcina ezabikezelwa, izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ngempela zishunyayelwa kuzo zonke izizwe ngezilimi eziningi.