Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 4/8 kk. 3-4
  • Izithiyo Ezivimbela Ukuthula Phakathi Komuntu Nesilo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izithiyo Ezivimbela Ukuthula Phakathi Komuntu Nesilo
  • I-Phaphama!—1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umuntu Uyisithiyo
  • Izilo Ezidla Abantu
  • Ukuthula Komhlaba Wonke Okwabikezelwa
  • Ingwe—Ikati Elinezimfihlo
    I-Phaphama!—1995
  • Ukulwa Nezilo Ezimbili Ezinolaka
    IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
  • IsAmbulo​—Esikushoyo Ngezitha ZikaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Ingabe Umuntu Nesilo Bangahlala Ngokuthula?
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 4/8 kk. 3-4

Izithiyo Ezivimbela Ukuthula Phakathi Komuntu Nesilo

Imifanekiso efana nalowo ongaphandle esembozweni salomagazini iyajabulisa kubantwana. Nabantu abadala ngokuvamile siyabakhanga isimo esinjalo.

Kungani abantu besabela ngalendlela? Ingabe ukuthula kwangempela phakathi komuntu ngisho nesilo esinolaka kakhulu kumane nje kuyiphupho lobuntwana? Noma ingabe kuyoba okungokoqobo?

Umuntu Uyisithiyo

Isithiyo esikhulu esivimbela ukuthula okunjalo umuntu ngokwakhe. Isaga sasendulo sithi: “Lapho umuntu ebusa omunye kube-ngukulimala kwakhe.” (UmShumayeli 8:⁠9) Futhi umlando womuntu wokwenza okulimazayo komunye umuntu ofana naye ubonakala endleleni aphatha ngayo izilwane.

Ngokwesibonelo, izilwane eziningi zasendle zazibanjwa futhi zenziwe ukuba zilwe ezinkundleni zokulwa zaseRoma yasendulo. Kubikwa ukuthi ngo-106 C.E., umbusi waseRoma uTrajan wenza imidlalo yaseshashalazini lapho kwabulawa khona izilwi ezingu-10 000 nezilo ezingu-11 000 ukuze kwaneliswe iqungo lezibukeli ezinonya.

Yiqiniso, lolohlobo lokuzijabulisa aluvamile namuhla. Kodwa uhlu olukhulayo lwezinhlobo zezilwane ezingasekho nezisengozini kufakazela ukuthi kunokuthile okungalungile ngendlela umuntu aphatha ngayo izidalwa zasendle. Njengoba umphakathi wabantu wanda, indawo yokuhlala izilwane zasendle iyancipha. Futhi ngenxa yokuhaha kwabantu, kunesidingo esixakile sezikhumba, izimpondo, namazinyo ezilwane. Ezinye izazi zesaba ukuthi okuwukuphela kwezinhlobo zezilwane ezinkulu kakhulu ekugcineni ziyotholakala kuphela ezindaweni zokugcina izilwane.

Izilo Ezidla Abantu

Esinye isithiyo esivimbela ukuthula kungase kubonakale kuyizilo zasendle ngokwazo. EAfrika naseAsia, akukhona okungavamile ukufunda imibiko ekhuluma ngezilwane zasendle eziye zahlasela futhi zabulala abantu. IGuinness Book of Animal Facts and Feats iphawula ukuthi amalungu omkhaya wamakati “ngokunokwenzeka abulala abalinganiselwa ku-1 000 ngonyaka.” ENdiya iyodwa, izilo zibulala abantu abangaphezu kuka-50 unyaka ngamunye. Ezinye izingwe kulelozwe ziye futhi zaba ngezidla abantu.

Encwadini yakhe ethi Dangerous to Man, uRoger Caras uchaza ukuthi izingwe ngezinye izikhathi ziphendukela ekudleni abantu ngemva kokuvumbulula izidumbu zabo eziwumphumela wobhadane lwezifo. Ubhadane olunjalo, uyachaza, ngokuvamile luye “lwalandelwa izinyanga ezisabekayo njengoba izingwe zanambitha okokuqala ngokuzitika inyama yabantu futhi zaqala ukubulala.”

Kodwa uCaras uphawula ukuthi ubhadane lwezifo aluyona imbangela yakho konke ukuhlasela kwezingwe. Enye imbangela iwukujabula kakhulu kwezilwane, ikakhulukazi lapho ziseduze kwabantwana.

Phakathi neminyaka yawo-1918-26, enye ingwe eNdiya yabulala abantu abangu-125, njengoba kwabikwa uMphathi Wamabutho uJ. Corbett encwadini yakhe ethi The Man-Eating Leopard of Rudraprayag. Emashumini eminya-​ka kamuva, izingwe ezidla abantu zabulala okungenani abantu abangu-82 esigodini saseBhagalpur.

Umbheki wezilwane waseTanganyika (manje eyingxenye yeTanzania) walandisa ngendlela achitha ngayo izinyanga ezinhlanu ngo-1950 ezama ngokungenampumelelo ukudubula ingwe edla abantu eyayihlukumeza abantu esigodini saseRuponda. Ekugcineni, ngemva kokubulala abantwana abangu-18, yabanjwa ngesicupho isakhamuzi salesigodi saseAfrika. Enye ingwe yabulala abesifazane abangu-26 nabantwana esigodini saseMasaguru.

Bese kuba nebhubesi laseAfrika. Lapho seliqala ukudla abantu, ngokuvamile izisulu kuba abantu abadala. “Eminyakeni yami engamashumi amabili nantathu eMnyangweni Wezezilwane,” kubhala uC. Ionides encwadini yakhe ethi Mambas and Man-Eaters, “ngadubula amabhubesi angaphezu kwamashumi amane, iningi lawo elalidla abantu, kuyilapho amanye ayesendleleni yokuba ngadla abantu noma ayengabazingeli bezilwane ezifuyiwe.” NgokukaIonides, amabhubesi aba usongo kubantu lapho umuntu enciphisa ngokuphawulekayo inyama yawo evamile.

Ukuthula Komhlaba Wonke Okwabikezelwa

Naphezu kwezithiyo ezinjalo ezimbalwa zokuthula phakathi komuntu nesilo, iBhayibheli lithi: “Yonke imvelo yezilwane . . . iyathanjiswa, yebo, yathanjiswa ngemvelo yabantu.”​—⁠Jakobe 3:⁠7.

IBhayibheli liyabikezela kuHezekeli 34:​25: “[Mina Nkulunkulu] ngiyakwenza nazo isivumelwano sokuthula, ngiqede izilwane ezimbi ezweni, zihlale zilondekile ehlane, zilale emahlathini.”

Ingabe iziprofetho ezinjalo zeBhayibheli zimane nje ziyiphupho elingeke lenzeke? Ngaphambi kokuba wenqabe ithemba lokuthula komhlaba wonke phakathi komuntu nesilo, cabangela ezinye izinto ezibonisa ubuqiniso balokho iBhayibheli elikushoyo. Ezinye izibonelo ezimangalisayo zokuzwana phakathi kwabantu abanakekelayo nezilo ezingaba nengozi kuye kwafakazelwa.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela