Ingabe Uyakuzonda Ukusolwa?
INGABE uyasikhumbula isikhathi owagcina ngaso ukusolwa? Lokhu kwenzeka kubo bonke abantu ngezikhathi ezithile ngenxa yezizathu ezihlukahlukene.
Mhlawumbe othile wakusola ukuze aziphakamise. Nokho, ngokuvamile ukusolwa kuvela kumuntu okukhathalelayo: Umyeni wakho waphawula iphutha ekudleni kwakho; umkakho wathi uthayi wakho awufanelani nesudi yakho; umngane wakho wakusola ngenxa yokunganaki impilo yakho. Noma ukusolwa kungase kube okokuyala, njengalapho kuvela kumqashi noma umzali (uma usemncane), ukuze ulungise okuthile okushilo noma okwenzile.
Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi, ingabe uye wakwamukela lokho kusolwa? Noma ingabe wacasuka, mhlawumbe waze wamtshela ngisho nanokuthi angangeni izindaba zakho?
Kwabaningi, ukwamukela ukusolwa kungokuhlangenwe nakho okubuhlungu. Bayathukuthela, bacasuke. Abanye balahlekelwa ukuzethemba, baphethe ngokuthi ‘Ayikho nje into engiyenza kahle’ futhi bacindezeleke.
Ingabe uphakathi kwalabo abakuzondayo ukusolwa? Akuwena wedwa; abaningi bazizwa ngaleyondlela. Ingabe ungafunda ukwamukela ukusolwa ngaphandle kokuzwa ubuhlungu, ngaphandle kokusabela ngokweqile? Lesihloko sizohlola izindlela eziyisithupha ezingenza ukusolwa kwamukeleke ngokwengeziwe. Zingase zikusize ukuba uqede, noma okungenani unciphise, ubuhlungu bokusolwa.
1. Yamukela Ukusolwa
Ingabe kubonakala kungavamile kuwe ukuthi abanye abantu bayakufuna ukusolwa, ngisho bakulandelele nokukulandelela? Umagazini iBits and Pieces waphawula: “Abaholi abayizincwasimende . . . bayazi ukuthi bayokwenza iphutha esikhathini esingamaphesenti athile. Yingakho beyifuna lemibono ephikisayo—ukuze banciphise amaphutha ngaphambi kokuba enzeke, nokulungisa amaphutha esikhathi esidlule ngokushesha ngangokunokwenzeka.”
Njengoba nje abanye bengabona izici ezithile zokubukeka kwethu thina esingenakuzibona—isiphika esigobekile, uthayi ongaqondile—ngakho bangabona izici zobuntu bethu thina esingenakuzibona. Bheka abakuphawulayo njengokuwusizo kunokukubheka njengokusongelayo. Yamukela ukusolwa kwabo njengethuba lokufunda okuthile. Kwenze kube okuhlangenwe nakho okuqinisayo.
2. Lawula Umsoli Wakho Omkhulu
Ingabe uzigxeka kakhulu? Ingabe ukhathazeka kakhulu ngokushiyeka kwakho? Noma uma umuntu eletha ekunakekeleni kwakho iphutha elithile olenzile, ingabe engqondweni yakho lenezela ohlwini olude lobuthakathaka obungafani?
UDkt. Harold Bloomfield uyaphawula: “Uma kakade sihlushwa ukuzigxeka, siyokhathazeka kakhulu lapho sisolwa abanye. Ngisho noma othile esincoma futhi enento encane kuphela asisola ngayo, ngokuvamile sigxila ekushiyekeni kunasezintweni esizenze kahle.”
Yiba olinganisela kahle lapho uzahlulela. Unganquma kanjani ukuthi kuyini ukulinganisela kahle? Ake ucabange ngomngane wakho oseduze ethola ukusolwa ngendlela efanayo. Ikuphi ukusabela obungakulindela kuye? Ukuzinyeza? Ukuthukuthela? Ukwenqaba ngokuqhosha iseluleko esihle? Cha, cishe ubungethemba ukuthi uyolalela lokho kusolwa ngaphandle kokuzwa ubuhlungu, akubheke njengokuqotho, futhi akusebenzise ukuze athuthuke ngokomuntu siqu.
Khona-ke, kungani ungazibheki ngendlela efanayo?
3. Cela Imininingwane
“Angisithandi isimo sakho sengqondo!” Ubungathanda yini ukuba othile akutshele lokho? Cha, izinkulumo ezinjengaleyo ziyahlaba, akunjalo?
Indlela engcono kakhulu yokubhekana nalokhu iwukucela imininingwane eyengeziwe. Encwadini yakhe ethi Conversationally Speaking, uAlan Garner uyachaza: “Ngokuvamile ukusola kunikezwa ngendlela engalungiselelwe . . . Ukucela imininingwane kuyokwenza ukwazi ukuthola ukuthi ziyini ngempela izizathu zomunye umuntu. . . . Njengentatheli, ongakwenza nje ukubuza imibuzo eklanyelwe ukuthola ukuthi ubani, yini, nini, kuphi, kungani, futhi kanjani.”
Ngokwesibonelo, enkulumweni engenhla, ungase uphakamise lemibuzo: ‘Yini ngempela obuyicabangela?’ Uma engakashayi emhloleni ngokwanele, ungase futhi ubuze: ‘Kungani sicasula? Unganginikeza isibonelo salapho ngikwenza lokhu?’ Esizwa isifiso sakho sokukhulumisana kunokubekela inselele, imibuzo enjengalena ingasiza wena nokusolayo ukuba nigxile ezintweni eziqondile. Ingaveza ukuthi ukusolwa kufanelekile noma kuwukusabela ngokweqile. Futhi ininikeza isikhathi esithe xaxa sokuxoxa ngalendaba.
4. Yehlisa Umoya Walowo Okusolayo
Kuthiwani uma okusolayo edumele? UDkt. David Burns uyatusa: “Kungakhathaliseki ukuthi okusolayo uqinisile noma cha, qala ngokufuna indlela ethile yokuvumelana naye.” Lokhu kukuzuzisa kanjani? Kusimze kuqede ukuhlasela kokugxekayo, kumehlise umoya, futhi kumenze avulekele engxoxweni ngokwengeziwe.
Ngakolunye uhlangothi, uzivikela ngokushesha—njengoba kuyoba njalo ukuthambekela uma ukusolwa kwakho kungalungile—ungase unezele ezikhalini zokugxekayo. Njengoba uDkt. Burns ephawula: “Uzothola ukuthi ubukhulu bokuhlasela kwalowo okuhlaselayo buyakhula!” Khona-ke, okungcono kakhulu ongase ukwenze kuwukuthola iphuzu elithile ongavumelana naye ngalo ngaphambi kokuxoxa noma iziphi izindaba eningavumelani ngazo.
5. Gxila Endabeni, Hhayi Endleleni Enikezwa Ngayo
Omunye umama wemukela izikhalazo ngokuziphatha kwendodana yakhe endaweni. Lokukhononda kwanikezwa ngendlela yonya nangomoya wokulwa. Lomama wayengase nje azenqabe izinkulumo zikamakhelwane njengezingalungile noma ezingeqotho, futhi ngokuqinisekile walingelwa ukuba enze kanjalo.
Kunalokho, ngemva kokuthola ukuthi lokhu kusola kwakuneqiniso, watshela indodana yakhe: “Akubona ngaso sonke isikhathi abantu esibathandayo abaveza amaphutha ethu, ngisho nalapho sizozuza ngakho. Asikusebenzise lokhu njengethuba lokuthuthukisa.”
Ingabe uye wasolwa othile ngonya? Mhlawumbe lowomuntu unenkinga yokungabi naluzwela noma ngisho nomona. Wena noma omunye ningase nibe nethuba lokumsiza ngakho ngesikhathi esifanele. Kodwa ungakwenqabi akushoyo ngenxa nje yokuthi ukusho kabi. Gxila emongweni walokho kusolwa. Ingabe kuyiqiniso? Uma kuyilo, ungazenqabeli lelithuba lokukhula.
6. Nciphisa Ubukhulu
Lokhu kungase kukumangaze, kodwa ungazilawula ngezinga elithile izikhathi nobukhulu othola ngakho ukusolwa. Lesimiso siyiqiniso ikakhulukazi ngokuqondene nokusola kokulungisa okuvela kubantu abasegunyeni. Kukanjani kunjalo?
Kudala, isitshalo samafitshizi sasithandwa ePalestina. Kodwa ngokungafani nezinye izitshalo, sasingabhulwa ngamasondo asindayo noma ngezinqola zokubhula ezinamasondo. Kunalokho, sasibhulwa ngentonga noma ngenduku. Kungani sasiphathwa ngendlela ekhethekile, ethambile? Ngoba izimbewu zaso ezincane, ezithambile kwakungadingeki ukuba zishaywe ngamandla, futhi eqinisweni, zaziyolinyazwa yikho.
Incwadi yeBhayibheli kaIsaya isebenzisa isitshalo samafitshizi ukuze ibonise amazinga ahlukahlukene okuyalwa. Lapho umuntu esabela ezindleleni ezilula zokuqondiswa, ngeke adinge impatho enzima ngokwengeziwe endabeni efanayo.—Isaya 28:26, 27.
Ngakho ungakugwema ukuqondiswa okunzima ngokusabela ngokushesha ekusolweni okulula. Ngokwesibonelo, ingabe uyaqaphela ukuthi izikhathi eziningi ufika sekwephuzile emsebenzini? Wulungise manje lowomkhuba, ngaphambi kokuba umqashi wakho akhulume nawe ngawo. Ingabe lokho usekulethile kakade ekunakekeleni kwakho? Sabela ngokushesha ngokugcina isikhathi, ngaphambi kokuba azizwe ephoqelekile ukuba athathe izinyathelo eziqatha ngokwengeziwe.
Ungakwazi Ukubhekana Nakho
Ukwamukela ukusolwa kungazwisa ubuhlungu. Ungase ufise sengathi abantu bangahlukana nawe, bayeke ukukwahlulela, bayeke ukukunikeza ‘ukusikisela okuwusizo.’
Kodwa ukufisa nokwenqaba ngeke kukuvimbele ukusolwa. Ukuba ogxekayo manje kuyingxenye engokwemvelo yomuntu. Ngaphezu kwalokho, awunakukwazi ukulawula isilinganiso sesu abanye abalisebenzisayo lapho benikeza iseluleko esingalindelwe.
Kunokuba ucasuke, sebenzisa ngokunenzuzo lokho ongakulawula: ukusabela kwakho. Sebenzisa okunye kokusikisela okungenhla ukuze ubhekane nokusolwa futhi udambise ukuntinyela kwakho. Uyojabula ngokuthi ukwazile ukukwenza.
Ukunikeza Ukusola
Uma ungezwani nokusolwa, ungase ube nobunzima nasekukunikezeni. Nazi iziqondiso okumelwe uzikhumbule lapho unikeza ukusola:
Sebenzisa amazwi ambalwa. Imizamo engayifezi injongo yayo yokugwema ukulimaza umuntu omsolayo ngokuvamile ivela ekukhulumeni ngokungadingekile, okungase kunikeze ukwaziswa okungacacile.
Gwema ukuthola wonke amaphutha amancane owabonayo kumuntu. Lokhu kuyacasula, futhi abantu ekugcineni bayothatha imibono yakho njengengabalulekile. Bangase ngisho baqale ukukugwema. Bonke abantu abaphelele futhi banamaphutha. Abanakukwazi ukusebenzela kuwo ngesikhathi esifanayo. Uma iphutha olibonayo lingelona elingathi sína, mane uliyeke. Njengoba iBhayibheli libonisa: “Uthando lusibekela inqwaba yezono.”—1 Petru 4:8.