“Akulona Iphutha Lami!”—Inkathi Yokuzithethelela
PHAHLA! Unina kaJohnny omncane ugijimela ekhishini ukuze ayobona ukuthi yini ebangele lowomsindo owethusayo. Laphaya phansi, kunezicucwana lesitsha samakhekhe. UJohnny umi lapho, budedengu ebambe ikhekhe esandleni sakhe ngesikhathi esifanayo futhi ezama ngawo wonke amandla ukuzenza abonakale engenacala. “Bekungelona iphutha lami!” ememeza kakhulu.
ABAZALI bazi kahle kakhulu ukuthi kunzima kabi ngezingane ukuba zivume ukubekwa icala ngamaphutha azo siqu. Kodwa umphakathi wanamuhla wabantu abadala unenkinga efanayo. Abantu abaningi ngokwengeziwe babonakala bekholelwa ukuthi ukuyenga kokuzanelisa kwabo kungaphezulu kakhulu kunalokho abangase balindeleke ngokunengqondo ukuba bamelane nakho.
Ngokwesibonelo, cabanga ngendoda eyadlwengula owesifazane oyedwa kathathu. Ekuthethweni kwecala layo yaphikisa ngokuthi amahormone ayo esilisa ayengasebenzi kahle; itestosterone yayo yayiphakeme kakhulu. Yathethwa icala. Isazi sezombangazwe esabanjwa siqamba amanga sasola inkinga yophuzo ngalokhu kuqamba kwaso amanga. Umshushumbisi wezidakamizwa wathethwa icala ngemva kokuba ezisholo ukuthi “unesifo sokulutheka kulesenzo.”
NgokweU.S.News & World Report, amaqembu angaphezu kuka-2 000 ayahlangana masonto onke ukuze aluleke labo abazibheka njengemilutha yobulili noma yothando. Izinhlangano zezizwe zonke ezingaphezu kuka-200 ziye zazihlela njengeNhlangano Engadaluli Esiza Imilutha Yotshwala ukuze isize “izisulu” zokunye “ukulutheka” njengeNhlangano Engadaluli Esiza Abashaya Amakhosikazi, iNhlangano Engadaluli Esiza Ongqingili Abanesisindo Eseqile, iNhlangano Engadaluli Esiza Abagembuli, iNhlangano Engadaluli Esiza Abakweletayo, iNhlangano Engadaluli Esiza Abangcolisayo, neNhlangano Engadaluli Esiza Abathanda Ukusebenza Bangaphumuli.
Ezinye izazi zisekela umbono wokuthi zonke lezinhlobo zokuziphatha okubulalayo zingase ziluthe, kodwa abanye bashaqiswa yilendlela yokulutha entsha. Njengoba esinye isazi sokusebenza kwengqondo sikubeka: “Ukudala izwe lezifo eziluthayo kungase kusho ukudala izwe lapho yonke into ithetheleleka khona.” Isazi sokwelashwa kwengqondo sixwayisa ngokuthi uma nje abantu beye bazibiza ngokuthi bayizisulu ezingenakuzisiza zokuluthwa, kuba nzima kakhulu ukubelapha; ukuzithethelela kwabo kuba ingxenye yabo.
UDkt. William Lee Wilbanks, uprofesa wenkantolo yezigebengu, ugomela ngokuthi yonke imfashini yanamuhla yendlela yokwelapha ukuluthwa iyingxenye yefilosofi yamagama amabili ayibiza ngokuthi Isihlamba Esisha: “Angikwazi ukuzisiza.” Uyakulahla “ukuthambekela okwandayo emphakathini wezesayensi wokubheka abantu njengezinto ezilawulwa amandla angaphakathi nangaphandle abangakwazi ukuwalawula.” Uyenezela: “Lombono usikisela ukuthi inkululeko yokuzikhethela inengxenye encane noma ayinayo nhlobo endleleni yokuziphatha komuntu.”
Ukuhlola kuye kwasikisela ukuthi intando yomuntu ingase ibe nethonya elikhulu ngisho nangaphezu kokulutha okungokwesiko kakhulu kunokuba kuye kwacatshangwa. Ngokwesibonelo, amaphesenti alinganiselwa ku-75 emilutha yeheroin ayahluleka emizamweni yawo yokuyeka lomkhuba. Kodwa phakathi komakadebona baseMpini yaseVietnam, izinga lempumelelo likhulu ngokwengeziwe—cishe amaphesenti angu-90 ayakwazi ukuyeka. Kungani? Isidakamizwa siyefana, ukulutha kuyefana. Ingabe kungase kube ukuthi, njengoba uWilbanks esikisela, “isimiso sabo sokwazisa nokuzikhuza sabasiza ukuba ‘Bathi Cha’”? Akukhona ukuthi izinto ezinjengokuncika kumakhemikhali noma ngisho ukuthambekela ozalwa nakho kwezinye izinkinga akukhona okungokoqobo. Njengoba uWilbanks ekubeka, izici ezinjalo “zingase zenze ukulwisana nokulingeka kube nzima kakhulu. Kodwa lempi isanqobeka.”
Ngempela iyanqobeka. Ukuyenga kokuzanelisa okusheshayo kungase kube namandla, kodwa akunawo amandla amakhulu kakhulu. Njengoba umsebenzi woFakazi BakaJehova uye wabonisa emhlabeni wonke, imilutha yezidakamizwa, imilutha yotshwala, iziphingi, abagembuli, nongqingili akumelwe banelise izifiso zabo. Ngokusetshenziswa kwamandla abo okuzikhethela, futhi okubaluleke kakhulu, ngosizo lomoya kaNkulunkulu ongcwele, bangakwazi futhi bayazinqoba izinkinga zabo. Ngakho-ke. kungakhathaliseki ukuthi “izazi” zithini, uMdali wethu uyazi lapho kumelwe sithwale khona icala ngezenzo zethu. (Numeri 15:30. 31; 1 Korinte 6:9-11) Kodwa futhi unomusa. Akalindeli okungaphezu kwamandla ethu, “uyakhumbula ukuthi siluthuli.”—IHubo 103:14.