Ubani Oluthekayo, Futhi Ngani?
LAPHO ushayela imoto yakho emgwaqweni omkhulu, uzwa umsindo ongavamile uvela enjinini. Ubungasabela kanjani? Ingabe ubungabheka enjinini ukuze uhlole lenkinga? Noma ubungamane uvulele umsakazo kakhulu ukuze uvale lomsindo?
Impendulo ibonakala isobala, kodwa abantu abayimilutha ngokungaguquki bakhetha okungafanele—hhayi ngezimoto zabo, kodwa ngokuphila kwabo. Ngokuluthwa izinto ezinjengezidakamizwa, utshwala, ngisho nokudla, abaningi bazama ukukhohlwa izinkinga zabo kunokuba babhekane nazo ngokuphumelelayo.
Umuntu angathola kanjani ukuthi uluthekile? Omunye udokotela ukuchaza ngalendlela: “Ngokuyisisekelo, ukusetshenziswa kwesidakamizwa noma umsebenzi kuwukulutheka uma kubangela izinkinga ekuphileni kwakho kodwa uqhubeke ukwenza.”
Uma kunjalo, ngokuvamile kunenkinga engathi sína enjinini engokomfanekiso, edinga ukuhlolwa ngaphambi kokuba kuguqulwe inkambo yokulutheka.
Izidakamizwa Notshwala
Yini ebangela ukuba umuntu aluthwe izidakamizwa notshwala? Ngokuvamile ukucindezela kontanga nelukuluku lokufuna ukwazi kunengxenye enkulu, ikakhulukazi entsheni. Ngempela, isizathu esibangela ukuba abantu abaningi balutheke ukuzihlanganisa nabantu ababi abasebenzisa kabi utshwala nezidakamizwa. (1 Korinte 15:33) Lokhu kungase kuchaze ukuhlola kwase-U.S. okwembula ukuthi amaphesenti angu-41 abafundi basesikoleni esiphakeme bazitika ngotshwala njalo emasontweni amabili.
Nokho, kukhona umehluko phakathi kokusebenzisa kabi into ethile nokuluthwa yiyo. Abaningi abasebenzisa kabi izinto ezithile abaluthwa yizo.a Laba bangakuyeka ukusebenzisa kabi into ethile futhi bangalangazeleli ukubuyela kuyo. Kodwa labo abaluthekile bazithola bengakwazi ukuyeka. Ngaphezu kwalokho, noma iyiphi injabulo yokuba imiqemane abake bayithola isitshekelwa ubuhlungu. Incwadi ethi Addictions iyachaza: “Umkhuba ovamile wemilutha uwukuthi, ngokuhamba kwesikhathi, iqala ukuzizonda, futhi ihlushwe ngokweqile amandla okulutheka kwayo.”
Abaningi abathembele otshwaleni noma ezidakamizweni bakusebenzisa njengezindlela zokubalekela izimo ezibucayi ngokomzwelo. Izimo ezibucayi kanjalo zivamile namuhla. Futhi empeleni lokhu akufanele kusimangaze, njengoba iBhayibheli libiza lezizinsuku ngokuthi ‘izinsuku zokugcina’ zalesisimiso sezinto, lapho kwakuyoba khona “izikhathi ezinzima.” IBhayibheli labikezela ukuthi abantu babeyoba ‘abathandimali,’ ‘abazidlayo,’ ‘abahlazisayo,’ ‘abangenabumnene,’ ‘abakhapheli,’ “nabakhukhumele.” (2 Thimothewu 3:1-4) Lezizici ziye zakha isimo esithuthukisa ukulutheka.
Isimo sikaSusan esibucayi ngokomzwelo sasiwumphumela wokuphathwa kwakhe kabi esikhathini esidlule. Ngakho, waphendukela kuyi-cocaine. Uthi: “Kwanginikeza umuzwa okhohlisayo wokuzilawula nokuzethemba. Kwanginikeza umuzwa wamandla engangingawutholi zonke izinsuku.”
Ukuhlola okwenziwa entsheni yesilisa eyimilutha kwembula ukuthi engaphezu kwengxenye eyodwa kwezintathu iye yaxhashazwa ngokomzimba. Okunye ukuhlola okwenziwa kwabesifazane abadala abangu-178 abayimilutha yotshwala kwathola ukuthi abangamaphesenti angu-88 ngandlela-thile baye baphathwa kabi kakhulu. IBhayibheli kumShumayeli 7:7 lithi: “Ukucindezela kuyamhlanyisa ohlakaniphileyo.” Umuntu okhathazekile ngokomzwelo ngenxa yokuhlangenwe nakho okwesabekayo ekuphileni kamuva angase aphendukele ngokungenangqondo ezidakamizweni noma otshwaleni ukuze akhululeke.
Kodwa akubona utshwala nezidakamizwa kuphela okuluthayo.
Ukuphazamiseka Kwemikhuba Yokudla
Ukuphazamiseka kwemikhuba yokudla (lokho abanye ochwepheshe abakubiza ngokuthi ukulutheka) ngezinye izikhathi kuyaphazamisa emizweni ebuhlungu. Ngokwesibonelo, abanye basebenzisa isisindo eseqile njengesaba sokudumala. “Ngezinye izikhathi ngicabanga ukuthi zonke izinto ezimbi ekuphileni kwami zibangela ukuba ngihlale ngikhuluphele,” kusho uJennie. “Ngalendlela uma othile engangithandi, ngaso sonke isikhathi ngingasola isisindo sami.”
Kwabanye, ukudla kunikeza umuzwa okhohlisayo wokuzilawula.b Ukudla kungase kube yikho kuphela umuntu ngamunye azizwa enegunya kukho. Abaningi abanokuphazamiseka kwemikhuba yokudla bacabanga ukuthi bakhubazekile ngandlela-thile. Ukuze bakhe imizwa yokuzethemba, balwela ukunqoba isifiso somzimba wabo sokuthola ukudla. Omunye wesifazane wathi: “Emzimbeni wakho uzenzela umbuso wakho siqu lapho uyinkosi khona, umashiqela ngokuphelele.”
Okuhlangenwe nakho okulandiswe ngenhla akuyona nakancane incazelo ephelele yokuluthwa izidakamizwa, utshwala, nokudla. Kungase kuhileleke izici ezihlukahlukene. Abanye ochwepheshe basikisela ngisho nokuhileleka kwezici zofuzo ukuthi kwenza abanye babe abavulekele kakhulu ekuluthekeni kunabanye. “Esikubonayo kuwukuhlobana kobuntu, indawo ezungezile, isayensi yezinto eziphilayo nokwamukeleka emphakathini,” kusho uJack Henningfield we-National Institute on Drug Abuse. “Asifuni ukukhohliswa ukubheka isici esisodwa kuphela.”
Kungakhathaliseki ukuthi siyini isimo, awukho umlutha—kungakhathaliseki ukuthi iyini imbangela yokulutheka kwawo—oqalekisiwe ngokomzimba noma ngokomzwelo. Usizo luyatholakala.
[Imibhalo yaphansi]
a Yiqiniso, ukusebenzisa kabi utshwala noma ezinye izidakamizwa—kungakhathaliseki ukuthi kuholela ekuluthekeni noma cha—kuyangcolisa futhi kumelwe kugwenywe amaKristu.—2 Korinte 7:1.
b Ukwaziswa okwengeziwe ngokuphathelene nokuphazamiseka kwemikhuba yokudla kungatholakala kumagazini i-Phaphama! ka-December 22, 1990, noka-February 22, 1992.
[Ibhokisi ekhasini 5]
Umqedazwe Wokulutheka Womhlaba Wonke
◼ Ukuhlola okwenziwa eMexico kwembula ukuthi umuntu oyedwa kwabangu-8 abaphakathi kweminyaka engu-14 nengu-65 ungumlutha wotshwala.
◼ Isisebenzi sezenhlala-kahle uSarita Broden sibika ukuthi ukuphazamiseka kwemikhuba yokudla kwanda ngokushesha eJapane. Sithi: “Phakathi kuka-1940 no-1965, ukuphazamiseka kwemikhuba yokudla kwanda ngokuqhubekayo ezigulini ezazilaliswe esibhedlela nasezigulini ezazelashelwa emakhaya phakathi kuka-1965 no-1981. Nokho, kusukela ngo-1981 iye yanda ngokuphawulekayo i-anorexia ne-bulimia.”
◼ Libonakala landa ngokushesha inani labantu abasebenzisa i-heroin eChina. UDkt. Li Jianhua, osebenza eKunming Drug Abuse Research Center, uthi: “I-heroin isisakazeke kulolonke izwe, kusukela emaphandleni kuya emadolobheni, nakubantu abaningi abasebancane.”
◼ EZurich, eSwitzerland, ibhizinisi lokuzama ukudayisa izidakamizwa kuwonk’ uwonke laphela ngendlela edabukisayo. “Sasicabanga ukuthi sasizobavumbulula abahwebi, kodwa sehluleka,” kusho uDkt. Albert Weittstein, ekhala ngokuthi babemane beheha abahwebi nabasebenzisi bezidakamizwa abavela kude.