Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 1/8 k. 19-k. 21 isig. 3
  • Ingabe Kumelwe Ngisebenze Lapho Ngisesesikoleni?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kumelwe Ngisebenze Lapho Ngisesesikoleni?
  • I-Phaphama!—1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isizathu Esiyenza Isebenze
  • Ukubala Izindleko
  • Ukugcina Ukulinganisela Kwakho
  • Ingabe Kufanele Ngithole Umsebenzi Wangemva Kwesikole?
    I-Phaphama!—1990
  • Ngingakulungiselela Kanjani Ukuyosebenza?
    I-Phaphama!—1991
  • Ingabe Umsebenzi Wangemva Kwesikole Uyongisiza Ukuba Ngikhule?
    I-Phaphama!—1990
  • Kungani Kufanele Ngifunde Ngokuzikhandla Esikoleni?
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 1/8 k. 19-k. 21 isig. 3

Intsha Iyabuza . . .

Ingabe Kumelwe Ngisebenze Lapho Ngisesesikoleni?

IZINSUKU zesikole zimatasa entsheni eningi. Imfundo abayithola ekilasini ithatha ingxenye enkulu yosuku ngalunye lwesonto. Umsebenzi wesikole owenzelwa ekhaya nokutadisha kuthatha isikhathi sasebusuku. Futhi phakathi nalesosikhathi kunemisebenzi eminingi yasekhaya efuna ukunakekelwa.a

Emazweni aseNtshonalanga intsha esafunda isikole ngokuvamile ibheka phambili esikhathini sempelasonto njengesikhathi sokuzijabulisa nokuphumula. Kodwa ezingxenyeni eziningi zomhlaba, izimpelasonto aziphumuzi. Ngokwesibonelo, emaphandleni aseAfrika, intsha ngokuvamile ichitha izimpelasonto zayo isiza abazali bayo epulazini, ikhokha isikhathi esilahleke phakathi nesonto lokuya kwayo esikoleni. Futhi phakathi koFakazi BakaJehova, intsha inomthwalo wemfanelo owengeziwe wokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela endlini ngendlu nowokuya emihlanganweni yobuKristu.​—⁠Heberu 10:​23-⁠25.

Khona-ke kungase kubonakale kungenakwenzeka ukuba intsha yaseAfrika ifune ukuthatha umthwalo owengeziwe womsebenzi wokuziphilisa. Kodwa intsha eningi enjalo iyasebenza futhi ngezindlela ezahlukene: ihlakula amasimu akubo futhi idayise nomkhiqizo, iluka utshani futhi yenze izigqoko zelanga, noma yeluke obhasikidi ukuze ibathengise emakethe. Nokho abanye bayadoba, badayise amaphephandaba, futhi bakhe futhi badayise izithelo.

Kodwa kungani, lentsha isebenza umsebenzi wokuziphilisa? Ingabe kusho ukuthi nawe kufanele ukwenze?

Isizathu Esiyenza Isebenze

Enye intsha iphoqeleleke ngempela ukuba isebenze ngenxa yezimo engakwazi ukuzilawula, ezinjengokufa komzali. (Lokhu kungashiya osemusha engenamuntu wokumkhokhela izindleko zesikole.) Ngakolunye uhlangothi, enye intsha ithatha imisebenzi ukuze izitholele ukukhululeka okuthile kubazali bayo.

Cabanga ngoKofi, insizwa yaseGhana. Ngesikhathi esesikoleni sokufundela umsebenzi, wasebenza njengomsizi epulazini amahora amabili usuku ngalunye ngemva kwesikole.b UKofi uyachaza: “Abazali bami babenakekele izidingo zami kwaze kwaba yilapho ngiqeda esikoleni sabaqalayo. Kodwa ngangingasafuni ukuthembela kubo ngazo zonke izidingo zami. Ngakho ngaqala umsebenzi wokuziphilisa. Ngazizwa ngijabula kakhulu ngokukwazi ukuzithengela izincwadi zami nokuzikhokhela imali yezinto zokuhamba uma ngiya esikoleni.”

Umfowabo kaKofi uMoses naye ngokufanayo wayenomsebenzi. Lapho esesekhondali, uMoses wayefundisa ngasese abantwana abancane abafunda isikole. Kodwa nakuba iholo likaKofi lalizikhokhela ngokufanelekile izidingo zakhe siqu, enye yemali kaMoses yayinakekela ukugcinwa komkhaya wakubo. Ngani? Njengoba evela emkhayeni onabantwana abayisishiyagalombili, wacabanga: “Ukubamba kwami itoho kwanikeza abazali bami isilinganiso esithile sosizo ekunakekeleni izidingo zabanye abafowethu nodadewethu.” Naye uyavuma ukuthi waba nokwaneliseka ngokukwazi ukuzithengela izinto.

Ukusiza komuntu abazali bakhe ngokwezimali lapho kunesidingo sangempela kungase kube indlela yokubanikeza ukwazisa okubafanele. (Efesu 6:​1, 2) Nokho, ngesikhathi esifanayo, akukho lutho olungalungile ngokusebenza komuntu ukuze abe nemali yakhe siqu yokuzigada.

Ukuba nomsebenzi kungenza lukhulu futhi ekugxiliseni umuzwa wokuba nomthwalo wemfanelo kosemusha. Kungasiza osemusha ukuba afunde ubuciko kamuva obungasetshenziselwa ukusekela umkhaya. Ngokwesibonelo, uJesu Kristu ngokwakhe, ngokusobala wafunda ukubaza ngokusebenza esemusha noyise owumgadi. (Mathewu 13:​55; Marku 6:⁠3) Nokho, ‘isikhathi esisalele lelizwe sincane,’ futhi osemusha ohlakaniphile uyaqikelela ukuthi isikhathi sakhe sisetshenziswa ngokunenzuzo. (1 Korinte 7:​29; Efesu 5:​16) Ngakho ngaphambi kokuba usebenze, kumelwe uhlole zonke izici ezihilelekile​—⁠kuhlanganisa nezisusa zakho.

Ukubala Izindleko

Eminye imibuzo ongase uyicabangele ilena: Ingabe abazali bami baswele ngempela noma bayaludinga usizo lwami olungokwezimali? Noma ingabe bazimisele ukuphila ngokuncane ukuze ngikwazi ukuzikhandla emsebenzini wami wesikole nentuthuko engokomoya? Ingabe ngiyidinga ngempela imali eyengeziwe, noma ingabe ngenziwa “inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila”?​—⁠1 Johane 2:⁠16.

Indoda ehlakaniphile uSolomoni yaphawula: “Ngifundile nokuthi kungani abantu besebenza kanzima kangaka ukuze baphumelele: kungenxa yokuthi banomhawu ngezinto omakhelwane babo abanazo. Kodwa akusizi ngalutho. Kunjengokujaha umoya. . . . Kungcono ukuba nokuncane, nokuthula kwengqondo, kunokuba matasa ngaso sonke isikhathi ubambe ngapha nangapha, uzama ukubamba umoya.”​—⁠UmShumayeli 4:​4-⁠6, Today’s English Version.

Esinye isici sokucatshangelwa kuyoba imiphumela ukusebenza okungaba nayo ekufundeni kwakho esikoleni. UKofi, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uyakhumbula: “Phakathi nonyaka wami wokuqala esikoleni sokufundela umsebenzi ngesikhathi ngingasebenzi, umsebenzi wami wesikole wawumuhle kakhulu. Khona-ke kwase kuba unyaka wesibili lapho ngaqala khona ukusebenza, futhi amamaki ami aqala ukwehla. Nakuba kunjalo ngakwazi ukuthola angaphezu kwayisilinganiso sokuphumelela, kodwa kwakukhathaza kakhulu.” Ngokuthakazelisayo, okunye ukuhlola okwenziwa eUnited States kwathola ukuthi “ukusebenza kuholela ekwehleni kwezinga lomsebenzi wesikole futhi kunciphisa ukuhileleka kosemusha esikoleni.”

Uyamkhumbula umfowabo kaKofi uMoses, owayenomsebenzi wokufundisa? Uyavuma: “Uma umuntu engaqaphile kahle, angase aqale ukuthatha abafundi abangaphezu kwangabafundisa ngesikhathi esilinganiselwe anaso.” UMawuli, enye indoda yaseAfrika, wayebamba itoho njengomdobi. Uthi: “Kwakunesilingo esikhulu uma kunezinhlanzi eziningi olwandle. Umuzwa owawuba khona kwakungowokushiya izincwadi futhi ngiyozitholela imali eyengeziwe. Abafana abaningi esigodini bakwenza lokho futhi bayeka isikole phakathi.”

Isikole kanye nomsebenzi kungaqeda futhi amandla osemusha kuze kube sephuzwini lokuthinteka okukhulu kwengokomoya lakhe. Kungase kube nzima ngaye ukuya emihlanganweni yobuKristu noma ukulalelisisa uma eyile. Isifundo sakhe siqu seBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini kungabuyela eceleni.

Ukugcina Ukulinganisela Kwakho

Nokho, ngemva kokuhlola zonke lezici, wena nabazali bakho ninganquma ukuthi ukusebenza kwakho emsebenzini othile kungase kuzuzise yini. Ungasisebenzisa kanjani ngokunenzuzo lesosimo?

Ukuzithiba kubalulekile. Umphostoli uPawulu wakhuluma ngemizamo yakhe siqu, ethi: “Ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila.” (1 Korinte 9:​27) Kuyodinga ukuzithiba ngawe ukuba wonge​—⁠ungasaphazi⁠—​imali oyiholayo. Futhi kuyodinga ukuzithiba ngawe ukuba usebenzise isikhathi sakho esisele ngendlela efanele. Njengoba kulindelekile, ukuphumula nokulala ngokwanele kunendawo yakho futhi kungakhulisa umsebenzi okhiqizayo. Kodwa qaphela ukuba izinto zokuzilibazisa nokuzijabulisa kungampintshanisi umsebenzi wesikole owenzela ekhaya ngisho nezinto ezingokomoya.

Khona-ke, kuyodingeka ukuba wenze isimiso esingokoqobo sezikhathi zokutadisha​—⁠futhi unamathele kuso. Ngokwesibonelo, kungase kube ngcono kakhulu ukuqala umsebenzi wakho wesikole owenzela ekhaya ngokushesha ngangokunokwenzeka lapho ufika ekhaya uvela emsebenzini, ungalindi kuze kube ngemva kokudla kwakusihlwa lapho ungase wozele. Abanye bakhetha ukusheshe balale futhi ukunakekela izifundo zabo kube yinto yokuqala ekuseni. Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi, yenza izikhathi zakho zokutadisha zibe ngezikhiqiza kakhulu ngangokunokwenzeka. Gwema ukudlala umculo noma ukungenela kwezinye iziphazamiso. Umsebenzi wakho wesikole owenzela ekhaya nawo ungase uhambe kahle kakhulu uma uqaphela indlela olalela ngayo lapho usekilasini, ubhale amanothi ngamaphuzu ayinhloko nemininingwane ewasekelayo.​—⁠Qhathanisa noLuka 8:⁠18.

Nokho, okubaluleke kunakho konke, izidingo zakho ezingokomoya. (Mathewu 5:⁠3) Ukuze lezizidingo zaneliswe, kumelwe ubekele eceleni isikhathi sesifundo sakho siqu seBhayibheli, imihlangano yobuKristu, nesokuhlanganyela enkonzweni yasobala. Yiqiniso, ukusebenza nokuya esikoleni kudinga umzamo. Kodwa uma kumelwe nakanjani ukwenze kokubili, nika izinto ezingokomoya indawo yokuqala. Thandaza kuJehova uNkulunkulu ungaphezi ukuba akusize ulondoloze ukulinganisela kwakho okungokomoya. Uma ukusebenza, naphezu kokuba ufunda, kunqunywa ukuthi kumelwe ukwenze, angakuqinisa ukuba umelane nokucindezela kwesimo.​—⁠Isaya 40:​29-⁠31.

[Imibhalo yaphansi]

a Lesihloko sidingida ngokuyinhloko isimo intsha esemazweni asathuthuka ebhekana naso. Noma kunjalo, ukusikisela okubekwe lapha kusekelwe ezimisweni zeBhayibheli futhi ngaleyondlela kuyoba wusizo entsheni emhlabeni wonke.

b Kwamanye amazwe, ngemva kwesikole sabaqalayo osemusha uyakwazi ukukhetha ukuya esekhondali, noma isikole esiphakeme, (esifundisa izifundo eziningi) noma isikole sokufundela umsebenzi.

[Isithombe ekhasini 21]

Enye intsha yaseAfrika isebenza emisebenzini yangemva kwesikole. Kodwa yiziphi izinzuzo noma izinkinga zokwenza kanjalo?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela