Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 1/8 kk. 14-15
  • Yisiphi Isigijimi Abasizwayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yisiphi Isigijimi Abasizwayo?
  • I-Phaphama!—1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ithemba LeBhayibheli Elingokoqobo Lesikhathi Esizayo
  • “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha”
    Incwajana Ethi “Bheka” (Lmn)
  • Umhlaba Omusha Othenjiswe Ngunkulunkulu
    Hlalani Nilindile!
  • Izwe Elisha Liseduze!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ukuphila Emhlabeni—Ingabe Kuyitshe Lokuwelela Ezulwini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 1/8 kk. 14-15

Yisiphi Isigijimi Abasizwayo?

YILUPHI uhlobo lwezwe obungathanda ukuphila kulo? Luhlobo luni lwekusasa ofuna ukuba izingane zakho zibe nalo? Ukuba ubungaba nokuphila okuphelele futhi ungafi, ingabe ubungalukhetha?

Ubungayiphendula kanjani leyomibuzo? Abantu abaningi, kungakhathaliseki ukuthi siyini isizinda sabo esingokwenkolo noma esingokombangazwe, bebengafuna ukuphila ezweni elinokuthula nenala. Bebengathanda izwe elinokulunga okuphelele nobunye, lapho kungayikuba khona ukonakala; futhi lapho kungayikuba khona umthetho owodwa wabame kahle nomunye wabampofu.

Futhi akungabazeki ukuthi ubungathanda ukuba izingane zakho zibe nenala yokudla, ikhaya elihle, nemfundo enhle. Ngamanye amazwi, ubuyofuna ukuqinisekisa ukuthi wena nenzalo yakho ninekusasa eliqhakazile. Futhi uma unikezwa ithuba, ubungakhetha ukuba nempilo ephelele nokuphila isikhathi eside ngokwanele ukuze ugcwalise zonke izifiso zakho ezinhle, ngisho nokujabulela ukuphila okuphakade emhlabeni onokuthula oyipharadesi.

Konke lokhu akulona iphupho elingenakwenzeka. Kuyisigijimi seBhayibheli oFakazi BakaJehova abasishumayela emhlabeni wonke, kuhlanganise nasemazweni aseMpumalanga Yurophu.

Ithemba LeBhayibheli Elingokoqobo Lesikhathi Esizayo

Iziprofetho zeBhayibheli ezinokwethenjelwa ezalotshwa emakhulwini amaningi eminyaka edlule zabikezela izenzakalo zekhulu lethu lama-20 leminyaka, ‘izimpi namahemuhemu ezimpi’ zosuku lwethu; ‘ukuzamazama komhlaba nokuswelakala kokudla izindawo ngezindawo’ kosuku lwethu; ‘usizi lwezizwe, zixakeke ngenxa yezenzakalo ezivelela umhlaba’ osukwini lwethu; ‘ukonakalisa nokungcolisa umhlaba’ kosuku lwethu.​—⁠Luka 21:​10-33; IsAmbulo 11:⁠18.

Nokho, zonke lezenzakalo nezinye eziningi ziwuphawu oluqinisekile lokuthi izwe elisha likaNkulunkulu elithenjisiwe nalo liseduze. Lokhu kuhlanganisa “amazulu amasha nomhlaba omusha,” okungukuthi, umbuso wezwe omusha, uhulumeni wasezulwini, nomphakathi wasemhlabeni oguquliwe “okukhona kuwo ukulunga.” Kusho izwe elisha lapho ‘ubuhlungu, ukufa, nokukhala kungasayikuba khona.’​—⁠Isaya 65:​17-25; 2 Petru 3:​13; IsAmbulo 21:​1-⁠4.

Ngokusobala, asikho isimiso sezombangazwe, kungakhathaliseki ukuthi siqotho futhi sikuphaphamele kangakanani, esikwaziyo ukufeza isimiso esinjalo. INkosi ewuMbusi wembulunga yonke kuphela, uJehova uNkulunkulu, onakho kokubili intando namandla okufeza lokhu. Ngalesosizathu iNdodana yakhe, uKristu Jesu, yafundisa abalandeli bayo ukuba bathandaze: “Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.”​—⁠Mathewu 6:​9, 10.

Intando kaNkulunkulu iwukuba umhlaba ube igugu elikhazimulayo endaweni yonke, uhlalwe umkhaya wesintu othanda ukuthula. Ngokushesha uNkulunkulu uzothatha isinyathelo ukuze afeze lokho. Kuyoba isinyathelo sokuhlanza konke ukungcola nabangcolisi emhlabeni. Konke ukungcola, kungakhathaliseki ukuthi okungokwenyama noma okungokokuziphatha, kuyosuswa ngokuphelele emhlabeni. Obani abayosala? UJesu wathi: “Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.”​—⁠Mathewu 5:⁠5; IsAmbulo 16:​14-⁠16.

Ingabe uyafuna ukuba phakathi kwalabo abamnene abayothola isibusiso sikaNkulunkulu? Khona-ke thintana noFakazi BakaJehova endaweni yakini bese ucela isifundo seBhayibheli samahhala, ngaphandle kwanoma yikuphi ukuzibopha. Zibonele ngokwakho ukuthi kuyini ‘okuhle nokwamukelekayo nokuyintando ephelele kaNkulunkulu.’ Bese ukwenza.​—⁠Roma 12:⁠2.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela