Ikhasi Lesibili
Ngisho Nombungu Ukulungele Ukulwa
Izinyanga eziningi ngaphambi kokuba uzalwe, umbungu usuke ulungiselela impi. Ukhiqiza izikhali zesimiso sokuzivikela komzimba. Ngesikhathi ingane isizalwa, izinto zayo zokuzivikela zisuke sezikulungele ukubona nokuzithena amandla izinto ezingafuneki emzimbeni. Amasosha omzimba avela kunina asegazini lomntwana, kakade asuke esenianingi kunasegazini likanina. Amangqamuzana alwa nezinto ezingafuneki emzimbeni (phagocytes) alindile ezicutshini zomntwana ukuba ashwabadele iioma ibaphi abahlaseli abavela ngaphandle. Labavikeli kanye nabanye abamelana nezifo bakanisile, balungele ukulwa. Futhi kuhle ukuthi anjalo, ngoba ngesikhathi izalwa, ingane iba sengozini yokuhlaselwa okukhulu amagciwane amaningi ahlala ekhona.
Ngokushesha ngemva kokuzalwa isimiso sokuzivikela somzimba wengane sithola amandla amakhulu ekukwazini, kwaso ukulwa nanoma ibaphi abahlaseli—amandla awujuqu eza nokugwinya kwengane kokuqala ubisi lukanina. Ubisi lwebele lwalezozinsuku ezimbalwa zokuqala libizwa ngokuthi icolostrum, futhi lugcwele izinhlobonhlobo zamasosha omzimba. Luthumela ingane ukuba iyolwa ezimpini ihlome ngoku phe le le.
“Lapho isinezinyanga ezimbili noma ezintathu, . . . abakhiqizi bezikhali abascmnkantsheni obomvu wethambo nathymus basebenza ngempela. Lapho ingane isineminyaka eyishumi ubudala, isimiso sokuzivikela komzimba somuntu siba namandla amakhulu, sihlome siphelele. Khonake, kancane kancane amandla aso aya evvohloka.”—The Body Victorious, amakhasi 34-5.
Lapho kuqala ukuphila, kuqala izimpi, futhi ngeke ziphele kuze kube yilapho usuya kwagoqanyawo.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]
Lennart Nilsson