Ukwanulekela Ukusiza Abanye
NGO-1973, lapho kwenzeka lokhu, ngangiphila kahle ngineminyaka engu-22. Ukuphila kwami kwakugcwele injabulo. Ngangihlanganyela emidlalweni futhi ngithanda umsebenzi odinga amandla. Ngesikhathi sokuphumula ngangiya kodlala emadlambini olwandle. Ngangikujabulela ukushayela. Kodwa, ukuqhuma kwentukuthelo kobuwula kwakuqeda konke lokhu ngokuphazima kweso.
Sasivakashele izihlobo, sinomkami uGemma, lapho abafana abathile abancane bedonsa ukunakekela kwethu. Sababuka behlephula uthango lwengadi njengoba beza ngomgwaqo. Lapho besibona baqala ukujikijela izinqamu zamapulangwe engadini nasemphemeni wendlu, lapho sasimi khona. Esinye isinqamu sashaya uPippa, indodakazi yami eneminyaka emine. Ngokuthukuthela okukhulu, ngajika ngajikijela lezichwensi ngengilazi yokuphuza engangiyiphethe. Umpheme wawungamamitha angu-3,7 ukusuka phansi, ngandlela-thile ngashelela. Ngawela ngale, ngawa ngekhanda, kwaklunyuka amathambo amaningana entanyeni amanye aphuka.
Ngilele esibhedlela isikhathi esicishe sibe unyaka, ngaba nesikhathi sokuzindla ngesimo sami. Owesilisa owayelele eduze kwami wazibulala, kanye nabanye engangibazi lapho benza okufanayo. Ukuphelelwa ithemba nokukhungatheka akuchazeki. Umthwalo engangiyiwo kwabanye kanye nokwazi ukuthi ngeke kube khona bungcono kwangikhathaza kakhulu. Yebo, izikhathi eziningi nami ngangicabanga ngokuzibulala. Eqinisweni, ngacela umkami ukuba angisize ngenze lokhu ngokungitholela amaphilisi athile. Kodwa wangitshela ukuthi ngisangene futhi akazange angilalele. Yeka indlela esibonga ngayo manje ngokuthi wenqaba.
Izinto zaqala ukushintsha lapho ubabekazi kaGemma owayeseneminyaka eminingi enguFakazi kaJehova, eqala ukutadisha naye iBhayibheli. Kwaqala ukucaca kuGemma, kodwa mina ngangingakaze ngibe nesithakazelo enkolweni. Izinto engangizwa abefundisi bezisho kuthelevishini zazingidina. Nokho, ngangingenandaba nokufunda. Kepha lapho uGemma eqala ukuxoxa ngezinkolelo ayezithole kabusha, ngathola izinto ezimbili ezangikhanga ngokushesha.
Okokuqala, ngafunda ukuthi iBhayibheli liyavumelana nesinye sezifundo esasingihlaba umxhwele esikoleni, ezomlando. Lokho kwangimangaza. Ngangingakaze ngicabange ukuthi kukhona ukufana okunjalo. Okwesibili, ukulunga kukaNkulunkulu kwangidonsela kuye. Ngangicabanga ukuthi ukungalungi kokuphila ngeke kulungiswe. Kepha njengoba ngangifunda ngenjongo kaJehova noMbuso wakhe, ngaqala ukubona ukuthi ukulunga kuyoba khona.—Duteronomi 32:4; Luka 18:7, 8.
Injongo Ekuphileni
Ngemva kwalokho ngathuthuka ngokushesha ekutadisheni kwami iBhayibheli. Ngase ngiyitholile injongo ekuphileni, nakuba ngangigogekile ngokomzimba futhi ngiyohlala nginjalo. Nganginezizathu eziningi zokubonga. Kodwa umbono wami wavuleka lapho ngiqaphela ukuthi ngangingenza okwengeziwe ukusiza abanye ngolwazi engangiluthola.
Ngangingathuthuka kanjani? Kwakungumbuzo ongikhathazayo lowo. Sobabili noGemma sabhapathizwa kanye kanye, futhi ngangitadisha kanzima, ngosizo lwabafundisi abaningi abahle, ukuze ngikhule ngokomoya. Nokho, isikhathi soshintsho safika lapho ngifunda ngomunye uFakazi waseLebanoni.a Wayeneminyaka engu-46 ubudala futhi wayeselale phansi iminyaka engu-28. Kodwa, nakuba kwakubonakala kungenakwenzeka ngokwami, wayengumdala ebandleni lobuKristu! Kuze kube yilesosikhathi wayesesize abantu abangu-16 ukuba babe izinceku zikaJehova ezizinikezele futhi wayeqhuba izifundo zeBhayibheli eziyisikhombisa inyanga ngayinye. Okuhlangenwe nakho kwakhe kwaba yisikhuthazo kimi.
Umnyango wezindlu wasendaweni wanikeza umkhaya wami indlu enesitezi esisodwa, enemishini engisiza ukuba ngihambahambe. Ngiye ngabusiseka ngalo lonke usizo olungokwenyama engiludingayo. Imindeni yethu yahlangana yathenga iveni ukuze isihlalo sami samasondo sikwazi ukuhlala kuyo kalula. Lokhu kwenza ukuba njengomkhaya sikwazi ukuya emihlanganweni eHholo LoMbuso. Ngothando, ibandla lakithi ngokushesha lahlela ukuba isifundo seNcwadi Sebandla siqhutshelwe ekhaya lami.
Isifiso sami sokufakaza endlini ngendlu safezeka lapho abafowethu nodadewethu bezinikela ukuqhuba isihlalo sami sabakhubazekile. Ngingakhuluma kubaninikhaya kodwa njengoba ngingenakuzisebenzisa izingalo kanye nezandla zami, ukusebenzisa iBhayibheli into engenakwenzeka. Ngakho ngibhekisela emibhalweni, engihamba naye afunde amavesi eBhayibhelini lakhe abese ehambisa izincwadi zokutadisha iBhayibheli engibhekisela kuzo.
Yebo, abantu abaningi bangivakashela ekhaya, ngalendlela ngiyakwazi ukuqhuba izifundo zeBhayibheli. Futhi ngiye ngafunda ubuciko bokubhala izincwadi ngokubamba ipeni ngomlomo, ngakho-ke ngiyakwazi ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela nganoma isiphi isikhathi sosuku. Futhi ngiye ngakwazi ukuba iphayona elisizayo elivamile iminyaka emithathu.
Ukufanelekela Ukuba Umfundisi
Ngesikhathi esifanele ngafanelekela ukuba inceku ekhonzayo, kodwa ngangingafundisa kanjani endaweni yesikhulumi? Ngesikhathi sezifundo zami, ngangiye ngafunda ukuvula amakhasi eBhayibheli ngokusebenzisa uthi ngilubambé ngamazinyo ami. Nakuba lomkhuba uwusizo, ngokusobala kusho ukuthi kumelwe ngiyeke ukukhuluma njengoba ngithatha uthi futhi ngibuye ngilubuyisele. Ngokushesha ngaqaphela ukuthi ikhambi lisekusebenziseni ulimi lwami—ukuba ngivule amakhasi eBhayibheli! Futhi yilokho engikwenzayo manje.
Lobuchwepheshe obungavamile buye benza ngakwazi ukuthuthukisa ikhono lami lokukhuluma, futhi ngiye ngafunda okuningi ngokwengeziwe ezabelweni zami zeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Ake ucabange nje indlela engazizwa ngayo ngo-1984 lapho ngimiselwa ukukhonza njengomdala webandla!
Isinyathelo esilandelayo sasiwukunikeza inkulumo yeningi, yemizuzu engu-45. Lokhu kubizela ukulungiselela ngokunakekela, futhi nakuba ngikuthola kungikhathaza ngokomzimba ngaso sonke isikhathi, ngiyaphikelela. Manje senginelungelo elenezelwe lokuvakashela amabandla aseduzane ngiyobeka izinkulumo. Izingane zihlabeka umxhwele uma zingibona ngivula iBhayibheli ngolimi, ngezinye izikhathi zizama ukungilingisa. Kepha ziyeka masinyane. Kudinga isikhathi esiningi sokuzijwayeza ukwenza lokhu kahle.
Uma ngibheka emuva, ngibukhumbula kahle ubuhlungu engabuzwa lapho ngiphuma esibhedlela. Ngangazi ukuthi amakhosikazi amaningi alabo abagogeke njengami aye abashiya abayeni bawo. Ukuba uGemma wayengishiyile ngangiyoqonda. Kunalokho, njengomngane onothando, uye wangisekela, esizwa uPippa, indodakazi yethu. Ngosizo lwabo nosizo lwebandla ngiye ngakwazi ‘ukwanulekela’ ukusiza abanye. (2 Korinte 6:13)—Njengoba ilandiswa uTony Wood.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esakhishwa kuNqabayokulinda kaOctober 1, 1981, “Ukusuka Osizini Kuya Enjabulweni,” njengoba ilandiswa uEstefan Kalajian.
[Izithombe ekhasini 25]
Sinomkami uGemma nendodakazi uPippa
Ngivula amakhasi ngolimi