Ikhasi Lesibili
Inkinga yemfucumfucu njengoba ibonwa abaholi bezwe, izazi zesimo sendawo ezungezile, kanye nezakhamuzi ezikhathazekile iyinkinga ekhulayo okumelwe kuhekwane nayo. Iye yabizwa ngokuthi “inkinga yeminyaka yawo-90.” Omagazini banikela ngezinhlu eziningi ezikhala ukuze kuxwayiswe ngalesimo esibucayi sembulunga yonke. Esithi “Bangcwatshwa Bephila” kwakuyisihloko esikhulu sikamagazini iNewsweek. “Inqwaba Yemfucumfucu: Isimo Esibucayi Sendawo Ezungezile Sisondela Emnyango Wethu,” kwamemezela lomagazini. Esithi “Amathani nga-mathani kadoti futhi ayikho indawo yoku-wubeka” kwakuyisihloko esikhuluma lemfucumfucu sephephandaba iU.S.News & World Report. “Imfucumfucu, Imfucumfucu, Yonke Indawo. Izindawo zokuchitha imfucumfucu zigcwele ziyachichima, kodwa ezinye izindawo okungase kuchithwe kuzo zimbalwa,” umagazini iTime waphawula ngokugqamile. “Imfucumfucu YaseNtshonalanga—Umthwalo Okhulayo Wamazwe Athuthukayo,” kwasho isihloko esiphambili International Herald Tribune. yaseParis.