Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 9/8 k. 31
  • Isinqumo Senkantolo Sandisa Amalungelo Eziguli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isinqumo Senkantolo Sandisa Amalungelo Eziguli
  • I-Phaphama!—1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuvikela Izingane Zakho Ekusetshenzisweni Kabi Kwegazi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Ukulwela Inkululeko Yokukhulekela
    UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
  • Izibhedlela—Lapho Uyisiguli
    I-Phaphama!—1991
  • Ukuphila Kwakho, Ubuqotho Bakho Nekhadi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 9/8 k. 31

Isinqumo Senkantolo Sandisa Amalungelo Eziguli

“ILUNGELO lokuba umuntu alawule umzimba wakhe siqu umqondo osekuyisikhathi eside uqashelwa emthethweni,” kwasho uMnu. Justice Sydney Robins weNkantolo Yokudlulisa Amacala yaseOntario, eCanada. Kodwa okokuqala nje yini eyabangela lempikiswano?

Ngo-1979 uMnu. noNkk. Malette baseQuebec, eCanada, bahileleka engozini yemoto eyabulala indoda futhi yashiya inkosikazi ilimele kakhulu futhi iqulekile. Lapho iphuthunyiswa esibhedlela, kwatholakala ukuthi yayiphethe iMedical Directive/Release Card, ekunqabela ngokucacile ukumpontshelwa igazi ngenxa yezizathu eziqondile ezingokwenkolo. (Kukhona futhi nezingozi zezempilo ezihlangene nokumpontshelwa igazi.) Udokotela owayeyilapha, ekholelwa ukuthi isimo sayo sasibucayi, akazange azinake lezoziyalezo futhi wazinqumela ngokwakhe ukuba asebenzise igazi. Ngenxa yalokho, uNkk. Malette wamangalela lodokotela nesibhedlela ngenxa yokuphoqa nobandlululo lwenkolo. Enkantolo ephansi, wanxephezelwa ngamaRandi angu-52 000. Lodokotela nesibhedlela badlulisela icala eNkantolo Ephakeme yaseOntario, iNkantolo Yokudlulisa Amacala.

Enye yezinkulumo ezaphindwa esinqumweni esivuna uNkk. Malette saleNkantolo Yokudlulisa Amacala yayiwukuthi:

“Ilungelo lokwenqaba ukwelashwa liyisici esizuzwe ngefa sobukhulu begunya lesiguli emzimbeni waso siqu. . . . Kungakhathaliseki ukuthi ukuphila kungcwele, ukukhulumela komphakathi okungakhethi kuyavuma ukuthi izici ezithile zokuphila zibhekwa ngokufanelekile njengezibaluleke ukwedlula ukuphila ngokwakho. Izisusa ezinjalo zokuziqhenya nezihloniphekile sekuyisikhathi eside zivikelekile emphakathini, kungakhathaliseki ukuthi ezokushisekela izwe empini, [noma] ukuvikela ukuphila komngane womshado, indodana noma indodakazi . . . Ukwenqaba ukwelashwa ngezizathu ezingokwenkolo kubaluleke ngendlela efanayo.”

Umbono wenkantolo yokudlulisa amacala waqhubeka: “Kungakhathaliseki ukuthi umbono kadokotela uyini, isiguli esinezwi lokugcina ngokuthi siyakwamukela yini ukwelashwa noma cha. . . . Uma udokotela eqhubeka naphezu kwesinqumo sokwenqaba ukwelashwa, uyoba necala ngokwamalungelo omphakathi ngesenzo sakhe esingagunyaziwe . . . Udokotela akakhululekile ukuba angazinaki iziyalezo ezenziwe isiguli kusengaphambili [njengeMedical Directive/Release Card ephathwa oFakazi BakaJehova] njengoba engakhululekile ukuba angazinaki iziyalezo ezinikezwa esimweni esiphuthumayo.” Inkantolo yanezela ngokuthi “ukumpompela uFakazi kaJehova ngokuphambene neziyalezo zakhe ezicacile . . . kuyokhinyabeza igunya lakhe lokulawula umzimba wakhe siqu futhi kubonisa ukungahloniphi izindinganiso ezingokwenkolo aye wakhetha ukuphila ukuphila kwakhe ngazo.”

Umahluleli wokudlulisa amacala wabe eseveza iphuzu elinamandla ngokumelene nodokotela owayethe ikhadi lalingasebenzi kulesimo esiphuthumayo. “Angivumi . . . ukuthi ikhadi laloFakazi kaJehova lingaba iphepha nje elingasho lutho. . . . Iziyalezo ezisekhadini laloFakazi kaJehova zibonisa ukwenqaba okusebenzayo ekwelapheni okuphuthumayo okwakunganikezwa uNkk. Malette futhi zivimbela ukumpontshelwa igazi. . . . Amazwi akhe abhaliwe ngokucacile ahloselwe ukuzwakalisa izifiso zakhe lapho engakwazi ukuzikhulumela.”

Lapho ephetha lomahluleli waveza iphuzu elinengqondo lokuthi lapho oFakazi benqaba ukumpontshelwa, “kumelwe bamukele imiphumela yesinqumo sabo. Bona nawofakazi babo akumelwe kamuva bazwakale bethi ikhadi belingabonisi izifiso zabo zangempela.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela