Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Isithuthwane Ngibhalela ukuzwakalisa ukukhathazeka kwami ngesihloko senu esasikhuluma ngesithuthwane. (June 22, 1990) Siphawula ukuthi ukuze avikele uSandra ekuzilumeni ulimi noma umlomo lapho eba nesithuthwane, umyeni wakhe wayefaka incwadi emlonyeni wakhe! Lokhu kuphambene nayo yonke inqubo yezokwelapha kulelizwe. Njengomuntu onesithuthwane ngokwami, ngokuqinisekile angifuni muntu enze lokhu kimina, ngoba kungaphumela ekuphukeni kwamazinyo.
L. M., England
Isihloko sasingatusi indlela yezokwelapha kodwa sasixoxa ngokuhlangenwe nakho komuntu siqu. Iziphathimandla eziningi ngokuvamile zeluleka umphakathi ukuba ungafaki izinto eziqinile noma iminwe emlonyeni womuntu oba nesithuthwane noma uzame ukuvula imihlathi ngempoqo. Ukwenza kanjalo kungaba yingozi, kulimaze bobabili isisulu nalowo onikeza usizo. Nokho umqondisi omkhulu WeNhlangano Yesithuthwane YaseNew York waqinisekisa i“Phaphama!” ngokuthi ukufaka okuthile okuthambile ngokuqhathaniswa ohlangothini lomlomo wesisulu ovulekile kakade, kungavikela ukulimala emlonyeni.—ED.
Ukukhulelwa kwentsha Kumelwe nginibonge ngeseluleko esihle kakhulu enasinikeza esihlokweni senu esiphathelene nokukhulelwa kwentsha. (May 8, 1990) Ngineminyaka ewu-16 ubudala, ngabeletha indodakazi yami. Nakuba uyise ayefuna ukuba sishade, umkhaya wakithi wangeluleka ngokuthi ngangisemncane kakhulu. Umkhaya wakithi wangisiza ngaze ngashada kamuva. Iminyaka eminingi kamuva ngaqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Namuhla indodakazi yami ikhonza njengesikhonzi sesikhathi esigcwele. Ngijabula kakhulu ngokuthi angizange ngikhiphe isisu noma ngingenele umshado ngaphambi kwesikhathi!
L. B., United States
Kwakudumaza ukufunda ukuthi nakuba abazali bokutholwa bengayinakekela kangcono ngokwezinto ezibonakalayo ingane, uthando lunikezwa kangcono kakhulu ngabazali bayo bemvelo. Njengomama wokutholwa, nginelungelo elimangalisayo lokukhulisa indodana yethu ngezindlela zikaJehova.
C. R., Federal Republic of Germany
Siyaxolisa uma isihloko sabangela ukungaqondi okuthile. Abazali abaningi bokutholwa benza umsebenzi oncomekayo wokunikeza abantwana babo ukondliwa okudingekile nothando. Nokho, isihloko sasichaza ukuba nokwenzeka kokuthi umntwana onikelelwe ukutholwa angase angakhuliswa ngezindinganiso zobuKristu. Njengoba lokho kunjalo, intombazane engashadile akumelwe iphethe ngokuthi akukho lutho engalunikeza umntanayo. Ingamkhulisa ngezindinganiso zeBhayibheli imbonise uthando lweqiniso—okuthile okubaluleke ukwedlula izinzuzo ezingokomnotho.—ED.
Iziqinisekiso Isihloko senu esithi “Kunembuyiselo Ukwazi Isiqinisekiso Sakho” (June 8, 1990) siqukethe ukusikisela okuhle. Elinye iphuzu lokukhunjulwa elokuthi ezinye iziqinisekiso ezibhaliwe zisebenza kuphela kulelozwe impahla ethengwe kulo, ngisho noma umkhiqizi enamagatsha emhlabeni wonke. Ngathenga ikhamera eyaziwayo kwelinye izwe, futhi lapho ngithola ukuthi ayisebenzi, abameleli balenkampane bezwe lakithi benqaba ukuyikhanda.
J. K., Spain
Siyabonga ngalesikhumbuzo. Funda zonke iziqinisekiso ezibhaliwe ngokucophelela!—ED.
Amalutha Ayisihlanu Avamile Ngiyabonga ngesihloko senu. (May 22, 1990) Sakhaliphisa ikhono lami lokucabanga futhi sasiwusizo kakhulu ekusizeni abanye ukuba behlukanise phakathi kokucabanga okunengqondo nenkohliso.
R. C., Italy
Izibankwakazi Ezisabekayo Isihloko esikhuluma ngezibankwakazi ezisabekayo (February 8, 1990) sasiwusizo kakhulu ezweni lakithi, lapho abantu abaningi bekholelwa khona ekuziphendukeleni kwemvelo. IPhaphama! iqale ukuvela ezweni lakithi okokuqala kulonyaka. Sifunda umagazini ngamunye ngentshiseko.
F. C. Czechoslovakia