Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 6/22 kk. 12-15
  • Siye Safunda Ukuphila Nesithuthwane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Siye Safunda Ukuphila Nesithuthwane
  • I-Phaphama!—1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imigomo Yethu Yokuphila Iyashintsha
  • Ukubhekana Nobunzima Besithuthwane
  • Sibangelwa Yini?
  • Ukulwela Ukusilawula
  • Ukufunda Ukuphila Naso
  • Ngangizimisele Ukufinyelela Umgomo Wami
    I-Phaphama!—2005
  • Okufanele Ukwazi Ngesifo Sokuwa
    I-Phaphama!—2013
  • Ukusondela KuNkulunkulu Kwangisiza Ukuba Ngiphumelele
    I-Phaphama!—1993
  • UJehova Uyayisekela Impi Yakhe Yezikhonzi Zesikhathi Esigcwele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 6/22 kk. 12-15

Siye Safunda Ukuphila Nesithuthwane

Ngavuswa ukumemeza okungathandeki. Ngagxuma ngehla embhedeni ngaphambi kokuba ngiqaphele ukuthi kwakuvela kumkami, uSandra. Wayebitoza kuwo wonke umbhede, amehlo akhe ayejikele ngemuva, futhi wayengaphefumuli. Izindebe zakhe zashintsha zaba luhlaza, futhi wakhihliza amagwebu anegazi. Ngacabanga ukuthi wayefa. Ngapansula ubuso bakhe, ngicabanga ukuthi kuzomenza ukuba aphaphame. Waqhubeka nokubitoza, ngakho ngagijimela ocingweni ngabiza udokotela wethu. Umkami uzochaza ukuthi kwenzekani.

LAPHO ngiphaphama ngalolosuku ekuseni, ngezwa amazwi akhulumela phansi, futhi ngangingekho embhedeni wami. Ngamane ngazivalela amehlo ami, ngilalele. Ngezwa izwi lomyeni wami, kanye nelikamama wami, nelikadokotela. Kwakwenzekeni?

Ngavula amehlo ami futhi ngaphawula ukuthi bakhathazekile. Lapho ngizama ukuvuka, ikhanda eliqhekezayo langitshela ukuthi ukukhathazeka kwabo kwakungenxa yami. Saqalisa kanjalo isithuthwane emkhayeni wethu, noma lokho namuhla okwaziwa ngokuthi iseizure disorder. Ngalesosikhathi, ngo-1969, mina nomyeni wami uDavid sasineminyaka engu-23 kuphela.

Imigomo Yethu Yokuphila Iyashintsha

Ngakhuliswa njengomunye woFakazi BakaJehova futhi ngaqala ukuhlanganyela nabazali bami emsebenzini wokushumayela obala lapho ngineminyaka emihlanu ubudala. Lapho ngibukela esinye sezifundo zami zeBhayibheli sibhapathizwa, ngazibekela umgomo wokuba isithunywa sevangeli. Ngesikhathi sokuvalwa kwezikole, ngangithatha ubuphayona, njengoba siyibiza kanjalo inkonzo yesikhathi esigcwele. Ngokushesha ngemva kokuthola iziqu esikoleni esiphakeme ngo-1964, ngaqala ukuphayona.

Lapho ngizwa uDavid enikeza izinkulumo ezinhle zeBhayibheli futhi ngizwa ukuthi naye wayefuna umsebenzi wenkonzo ekhethekile kuJehova, ungaqagela ukuthi kwenzekani. Sashada, futhi sindawonye siye sajabulela impumelelo enhle kakhulu ekusizeni abanye ukuba bafunde izindlela zikaJehova.

Ungacabanga yini ngenjabulo esaba nayo lapho ngoApril 1970 samukela isimemo sokuya eWatchtower Bible School of Gilead yezithunywa zevangeli? Sagcwalisa amafomu ezicelo. Encwadini esasiyihlanganise nelami, ngaphawula ukuthi nakuba ngangingenawo umuzwa wokuthi kwakuyinto yokukhathalelwa kangako, ngangiye ngaphathwa isithuthwane kabili phakathi nonyaka odlule. Ngokushesha samukela incwadi yomusa esitshela ukuthi kungaba okungahlakaniphile ukuba sithunyelwe kwelinye izwe ngingakayiqedi iminyaka emithathu ngaphandle kokuphathwa isithuthwane. Phakathi nezinsuku ezimbalwa, ngaba nesinye isithuthwane sesithathu.

Sihlulekile ukuya eGilead, saba nethemba lokusebenza endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eNew York. Senza isicelo kamuva ngalelohlobo emhlanganweni owawubanjwe umongameli weWatch Tower Society wangalesosikhathi, uNathan Knorr. Phakathi nengxoxo yakhe nathi, wachaza ngomusa ukuthi kungani umsebenzi eBethel wawuzoba nzima ngami. Wachaza ukuthi kuyodingeka ngikhululeke esithuthwaneni iminyaka emithathu ngaphambi kokuba samukelelwe inkonzo yaseBethel. Nokho, wazithatha izicelo zethu futhi wazifaka ekhukhwini lakhe. Ezinyangeni eziyisithupha sathola isabelo sokukhonza ePennsylvania njengamaphayona akhethekile.

Ukubhekana Nobunzima Besithuthwane

Ekuqaleni lesifo sesithuthwane sasishiyana ngezinyanga, kodwa sase senzeka ngokuphindaphindiwe. Angikaze ngibone muntu onesifo sesithuthwane esibi kakhulu; ngazi nje kuphela indlela umuntu azizwa ngayo. Okokuqala uphelelwa amandla—umuzwa osheshayo wokukhungatheka nokudideka ongase uqhathaniswe nomuzwa oba nawo lapho ugijima eduze kwezihlahla okulokoza ukukhanya kwelanga kuzo. Lokhu kuhlala isikhathi esifushane, futhi bese ngilahlekelwa ingqondo.

Ngivuka ngiphethwe ikhanda; ngikwazi ukucabanga, kodwa engikucabangayo ngingakwazi ukukukhuluma—konke kuba ingxubevange. Angikwazi futhi ukuqonda okushiwoyo. Lemiphumela iyanyamalala ngemva kwamahora ambalwa alandelayo. Nokho, kuqeda amandla futhi ngezinye izikhathi kuyadumaza ukuphaphama kwenye indawo eyehlukile nokutshelwa ukuthi ngiye ngaba nesinye isithuthwane, ikakhulukazi uma besisemihlanganweni emikhulu yamaKristu.

Uma umuntu ongenakho okuhlangenwe nakho enginakekela noma uma ngingedwa lapho ngivukwa yilesifo, ngiluma olunye uhlangothi lomlomo wami futhi ngokuvamile amazinyo ami anamathela olimini lwami. Khona-ke kuthatha izinsuku ukuba umlomo wami uphole. UDavid usenekhono lokunginakekela, ngakho kungcono kakhulu uma enami. Uyazi ukuthi kudingeka afake okuthile emlonyeni wami ukuze awuvikele. Ngalé kwalokho ngizozwa ubuhlungu izinsuku ezithile, noma okubi nangaphezulu, ngingabindana.

Isivikela-mlomo esiphephile siyadingeka. UDavid washeshe wakuqaphela ukuthi izincwadi ezincane, njengeQiniso eliholela ekuPhileni okuPhakade, ziyisilinganiso esifaneleka kakhulu kulokhu futhi ngaso sonke isikhathi zihlala zikhona. Sineqoqo eliningana lezincwadi ezincane ezinezibazi zamazinyo ami emachosheni azo.

Sibangelwa Yini?

Ukubanjwa isithuthwane kungase kube izimpawu zezinkinga eziningi zempilo. Abangane abanozwela babengisikela izihloko emaphepheni ezikhuluma ngalokuqhakanyeka nokuthi kungabangelwa kanjani ithambo lomgogodla eligudlukile, amavithamini noma amamineral angekho esilinganisweni esikahle, namahormone angekho esilinganisweni esikahle noma ihypoglycemia, ngisho nayizilwane eziphila ngokuncela igazi lezinye izilwane. Ngawazama ngokwethembeka wonke amakhambi ababenginikeza wona. Ngaya kodokotela abaningi abehlukahlukene futhi ngenziwa ukuhlola okuningi. Sathola nje kuphela ukuthi nganginempilo enhle ngendlela emangalisayo, nokho lesithuthwane saqhubeka.

Lapho ngangibe nesinye isithuthwane, abomndeni nezihlobo babethi: “Kumelwe ukhathalele impilo yakho.” Ekugcineni lokhu kwalimaza imizwa yami. Kwakwenza kubonakale sengathi ngangenza okuthile okwakubangela isithuthwane; kuyilapho ngangenza konke engingakwenza ukuze nginakekele impilo yami. Lapho ngibheka emuva, ngiyaqaphela ukuthi kwakuwukusabela okungokwemvelo ababenakho. Njengathi, nabo kwakunzima ukuthi bamukele isithuthwane. Njengomphostoli uPawulu, nganginobunzima bokubhekana ‘neva enyameni.’—2 Korinte 12:7-10.

Ngemva kokuzalwa kwengane yethu yokuqala ngo-1971, ngayeka ukuphayona, futhi sanquma ukuthi ngibonane nodokotela wesimiso sokusebenza kwemizwa. Ukuhlola kwakwenziwa njalo. Okokuqala, ngenziwa ukuhlolwa kobuchopho ukuze babone ukuthi ngangingenaso yini isimila ebuchosheni. Sasingekho. Khona-ke umshini wokulinganisa amaza engqondo walinganisa amaza engqondo yami. Kimi, kwakukhona ingxenye ehlekisayo kulokuhlolwa.

Ngatshelwa ukuba ngingalali kakhulu ebusuku obandulelayo futhi ngingaphuzi lutho oluvuselela amandla. Ngosuku olulandelayo, lapho ngilele embhedeni oyisicaba nongalalisi kahle ekamelweni elibandayo, amaelectrode ayexhunywe ebusweni bami, okhakhayini, futhi ngisho nasezindlebeni zami. Khona-ke lesisazi saphuma kulelokamelo, sacisha izibani, futhi sangitshela ukuthi ngilale! Lapho nginyakaza kancane, izwi lakhe lalivela embhobheni, lithi: “Ngicela ulale unganyakazi.” Ngisho nangaphansi kwalezozimo, ngalala! UDavid wayengiqala njalo, ethi ngingalala noma kukuphi, nganoma isiphi isikhathi.

Ukuxilonga kwaqala. Kwatholwa ukuthi kwakunokulimala okuncane kobuchopho kuyitemporal lobe engaphambili. Imbangela eyayicishe isoleke kakhulu kwakuwukuzalwa kanzima noma umkhuhlane onzima kakhulu phakathi nezinyanga zokuqala zokuphila kwami. Abazali bami basolwa, okwakubuhlungu kakhulu kubo. Bathi zombili lezimbangela zazinokwenzeka. Sathola ukuthi uhlobo lwesithuthwane olungiphethe alulona ufuzo.

Ukulwela Ukusilawula

Manje kwaqalisa iminyaka yalokho kimi okwakuwuhlobo lokwelapha olwethusayo, ukwelashwa ngezidakamizwa. Ngasabela kabi esidakamizweni sokuqala esazanywa, futhi esesibili samane sangasebenza. Lapho kusetshenziswa isidakamizwa sesithathu, iMysolene, saba nempumelelo encane ekulawuleni isithuthwane. Kwakuyisidakamizwa esingenamandla kakhulu, kodwa kwakudingeka ngiphuze amaphilisi amahlanu ngosuku. Abanye bayiphawula imiphumela lesidakamizwa esaba nayo kimi, kodwa ngokushesha ngakwazi ukuyibekezelela. Ngagqoka isigqizo esasingiphawula njengomuntu onesifo sesithuthwane futhi esasibhalwe igama lesidakamizwa engisisebenzisayo.

Ngakhululeka ngokwanele esithuthwaneni ukuze ngikwazi ukuthola izincwadi zokushayela futhi. Amalungelo okushayela ayeyigugu kakhulu kimi, njengoba ngalesosikhathi sase sihlala emaphandleni, futhi ngangifuna ukuphinda ngiqalise ukuphayona. Kodwa lapho sengilungele ukuqalisa nje, ekupheleni kuka-1973, sathola ukuthi sase sizoba nenye ingane. Ngakho angizange ngiphayone, kodwa kunalokho sanquma ukufudukela ebandleni elincane eAppalachian Ohio lapho kwakudingeka khona imikhaya. Sahlala edolobheni elincane labantu abangu-4 000 lapho kwakungenaFakazi kaJehova khona ngalesosikhathi.

Ngokushesha ngemva kokufudukela lapho, ngaya kwesinye isazi sesimiso sokusebenza kwemizwa. Nakuba ngingazange ngibe nakho ukuqhabanyeka noma ngiquleke, ngangisenakho ukubambeka ngezikhathi ezithile okwakungishiya ngisesimweni sokudideka. Udokotela wenezela isidakamizwa sesibili, iphenobarbital, kuleso engangisisebenzisa. Sekukonke, ngangiphuza amaphilisi ayisishiyagalolunye ngosuku.

Iminyaka emibili eyalandela ibuhlungu kakhulu kimi ukuyichaza, futhi ngenxa yesimo esidabukisayo izidakamizwa ezangishiya ngikuso, angiqiniseki ukuthi izinto ngingazichaza ngokwanele. Mangisho nje ukuthi umbhalo wabaseFilipi 4:7 waba intandokazi yami. Uthi: “Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza . . . nemicabango yenu.”

Izidakamizwa zangenza ngakhuluma ngokunensa ngaba inanabuluka futhi zathinta inkumbulo yami. Ngaba nobuntu obushintshile, ngicindezeleka futhi ngicasuka isikhathi esiningi. UDavid wazizwa ehlaselwa, futhi kwakudingekile ngaye ukuba athandaze ukuze angasabeli ngendlela engangenza ngayo ezicini zami zokuntula ubuntu. Ngaphandle kwalokho, sasinabantwana ababili ababesazoqalisa ukungena isikole okwakumelwe sibanakekele. Abadala abangamaKristu bebandla lakithi babeyisikhuthazo kithi lapho sasidangele.

Entwasahlobo ka-1978, nganquma ngokumelene nokwahlulela okungcono kukaDavid, ukuyeka imithi kadokotela. Ngangikudinga nakanjani ukukhululeka. Ngokucophelela, ngangiphuza ingxenye yamaphilisi njalo ngemva kwamasonto amabili. Kwakufana nokuvuka. Ngazizwa ngijabule. Ngangiqiniseka ukuthi isibhakabhaka sasiluhlaza ngokwengeziwe.

Ngaqhubeka ngingenasithuthwane, ngakho ngaqalisa ukuphayona ngoSeptember 1, 1978. UDavid wayeziqhenya kakhulu ngami, futhi ngangichichima injabulo. Phela izidakamizwa ziyagxila emzimbeni, ngakho kuthatha isikhathi ngaphambi kokuba ziphele kuwo. Isonto lesibili likaOctober, ngemva kwamasonto ayisithupha kuphela ngiqale ukuphayona, ukuqhabanyeka kwabuyela esimweni esibi kakhulu kunanini ngaphambili, futhi ngemva kwezinsuku ezintathu kuphela! Ngemva kokwesihlanu, saya komunye udokotela wesimiso sokusebenza kwemizwa.

“Kungcono ukufa kunokusebenzisa izidakamizwa,” ngamtshela.

Waphendula: “Futhi uzofa uma ungazisebenzisi! Khona-ke kuzokwenzekani emadodakazini akho?”

Ukufunda Ukuphila Naso

Ngaqalisa isidakamizwa esisha, iTegretol, ngalelosonto. Kwakudinga amaphilisi amahlanu angamamilligram angu-250 ngosuku ukuze ngilawule ukuqhabanyeka. Nokho lesidakamizwa sasihlukile kwezinye engiye ngazisebenzisa. Asihlali emzimbeni, futhi asinayo imiphumela ephazamisa ingqondo.

Nokho, ngangingenakukwazi ukushayela isikhathi esithile futhi. Futhi sasihlala endaweni lapho kwakungekho muntu owayengangithatha phakathi nesonto ukuze siye emsebenzini wokushumayela. Ngazizwa nginqotshiwe. UDavid wangikhuthaza ngokuthi: “Kungani ungalindi kuze kube intwasahlobo ukuze uyeke ukuphayona? Ungaqali wenze noma yiluphi ushintsho olukhulu manje.”

Ngangizimisele ukubona ukuthi uJehova wayeyoyibusisa yini imizamo yami lapho ngimvivinya. IsiLilo 3:24-30 saba yigugu kimi. Nganginokuthile ‘engangithweswe’ kona, futhi ngangibonisa ‘ukulinda ngesineke.’ Futhi ngaqala ukubheka imithi yokungelapha ngendlela ehlukile, njengomngane.

UCara manje wayesesesikoleni, futhi uEsther wayeneminyaka emine. Ngakho uEsther waphayona nami. Sasehla senyuka sihamba eqhweni elibandayo futhi sibekezelela amakhaza. Ngesikhathi sokuthwasa kwehlobo lonke idolobha lase lazi ukuthi singobani.

Ngesikhathi esifanayo, ngangiyiphuza ngokucophelela imithi. Uma imithi ngangiyiphuze ngokulandelana eduze, ngangibona into eyodwa iyizinto ezimbili. Nokho, uma ngangikhohlwe amaphilisi amabili noma amathathu, ngangiba nesithuthwane esibana. Ngonyaka wokuqala, ngahlolwa igazi njalo emasontweni amathathu kuya kwayisithupha ukuze kuqinisekiswe ukuthi lomuthi wawungangibangeli eminye imiphumela eyingozi engathi sína.

Kubalulekile ngabantu abaphethwe isifo sesithuthwane ukuba bagcine isimiso esihle semisebenzi yansuku zonke—ukudla, ukulala, nokunye—futhi ngangiqikelela ukukwenza lokhu. Ngaso sonke lesosikhathi sasebusika, ngakwazi ukugcwalisa amahora ami obuphayona. Ngokuhamba kwesikhathi, lokuqhabanyeka kwalawuleka, ngaleyondlela ngakwazi ukushayela futhi, futhi ngiye ngakwazi ukuqhubeka ngiphayona kuze kube namuhla.

UCara uqedile imfundo yakhe yasesikoleni esiphakeme futhi naye manje useyaphayona. Kusukela kulobobusika lapho ayehamba nami, uEsther waba nomoya wokuphayona njalo. Ngesinye isikhathi emhlanganweni wesigodi, amaphayona acelwa ukuba asukume. Lapho ngiqalaza, kwakunoEsther oneminyaka emine emi esihlalweni sakhe. Naye wayeziqaphela njengephayona!

Ngibonga kakhulu ukuthi ngisakhonza uJehova noDavid kanye nabaningi abanye esiye safunda nabo iBhayibheli. Umthandazo wami wokuthi uDavid sengathi naye angaqalisa ukuphayona futhi uye waphendulwa. Ukhonza futhi njengombonisi wemihlangano yethu yesifunda, nanjengombonisi ojikelezayo obambele. Ukuqiniseka kwethu kuwukuthi ngokushesha, ezweni likaNkulunkulu elisha lokulunga, uJesu Kristu uyofeza ngokwesilinganiso somhlaba wonke ukwelashwa kwabo bonke labo abahlushwa ukugula, kuhlanganise nabanesifo sesithuthwane. (Mathewu 4:24)—Njengoba ilandiswa uSandra White.

[Isithombe ekhasini 15]

Nginomyeni wami namadodakazi

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela