Intsha Iyabuza . . .
Ingabe Kumelwe Ngibhapathizwe?
USUSANA owayeneminyaka engu-13 wayesesonqenqemeni lokubulawa umdlavuza lapho eya okokugcina emhlanganweni woFakazi BakaJehova. Wayengazi ukuthi uzokufa ezinsukwini nje eziyishumi. Nokho, ngisho nomdlavuza wawungeke umvimbele ekufezeni isifiso sakhe ayesazisa kakhulu: ukubhapathizwa njengoFakazi KaJehova ozinikezele nomfundi kaJesu Kristu.
USusana wayemane engomunye wezinkulungwane zentsha ephakathi koFakazi BakaJehova eye yalazisa ilungelo lokubhapathizwa eminyakeni yamuva nje. Kodwa mhlawumbe uthola umbono wokuthatha ukuma kwesibindi okunjalo wethusa. Akukhona ukuthi awuwakholelwa amaqiniso asekelwe eBhayibhelini owafundisiwe. Kungenzeka uba khona emihlanganweni yobuKristu futhi uhlanganyele njalo ekuboniseni abanye amaqiniso eBhayibheli. Nokho, lapho kuziwa ekunikezeleni ukuphila kwakho kuNkulunkulu, ungase ube manqikanqika. Ngakho, lubaluleke kangakanani ubhapathizo? Futhi kungani intsha eningi ilushalazela?
Inkolo Ngaphandle Kokuzinikezela
KweLobukholwa, indaba yobhapathizo ngokuvamile intsha iyiphendulelwa abazali bayo. Amanye amahlelo akhuthaza abazali ukuba babhapathize izingane zabo ziseyizinsana. Futhi ngisho nalapho umcikilisho wokubhapathizwa uyekwa umntwana aze akhule, intsha ngokuvamile ilindeleke ukuba ilandele inkolo yabazali bayo njengesiko, hhayi ukuzikhethela.
Nokho, ngokuthakazelisayo, ukuhlola kukaGallup eUnited States kwembula ukuthi nakuba “cishe bonke abeve eshumini elinambili (amaphesenti angu-96) bekholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona,” amaphesenti angu-39 kuphela ayethandaza njalo. Futhi abangamaphesenti angu-52 kuphela ababethembela enkolweni ehlelekile. Kanjalo uDiane osemusha akaqambi-manga uma ethi: “Ngiyakholelwa kuNkulunkulu nakukho konke lokho, kodwa ngikholelwa kakhulu ekuzameni nje ukuba umuntu olungile kunokufunda umugqa ngamunye weBhayibheli.”
Yebo, inkolo ingavele ibe amandla angenathonya uma osemusha eyifunzwe ngabazali bakhe. Ukucwaninga okwenziwa eqenjini lentsha yamaKatolika eyizidlwangudlwangu kukubonisa ngokwengeziwe lokhu. Ingxenye yayo yayiya esontweni. Abaningi babezazi izimfundiso eziyisisekelo zokholo lwabo. Futhi cishe amaphesenti angu-90 abo ayengavumelani nokweba. Nokho, abangaphezu kwezingxenye ezimbili kwezintathu babengamasela! Incwadi iAdolescent yaphawula: “Esinye isizathu singaba ukuthi ukuzinikela kwabafana okungokwenkolo kwakukuncane. Bonke bazalwa bengamaKatolika; ukuzinikela kwabo kokuqala babekwenzelwe ngabazali babo. Inkolo yabo kwakungeyona eyabo siqu.”
Ubhapathizo—Okwenza Lube Yimfuneko YamaKristu
Khona-ke, kunesizathu esihle sokuba iBhayibheli lifune ukuba wena—hhayi abazali bakho—uzinikezele ngokomuntu siqu kuNkulunkulu.a ‘Kulungile-ke’ ungase usho, ‘kodwa uma ukuzinikezela kungokomuntu siqu, kungokuthile okuphakathi kukaNkulunkulu nami, kungani kumelwe ngibhapathizwe?’
Ngoba ubhapathizo luhilela ‘ukusindiswa komphefumulo.’ (1 Petru 1:9) Engqondweni yaKhe uNkulunkulu uzimisele ‘ukuphindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu, abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade.’ (2 Thesalonika 1:8, 9) Zonke izimpawu zibonisa ukuthi lembubhiso izofika osukwini lwethu.b
Nokho, intando kaNkulunkulu iwukuba “abantu bonke basindiswe.” (1 Thimothewu 2:4) Ufuna ukuba wena usinde ekupheleni kwalesimiso sezinto futhi uphile phakade ePharadesi emhlabeni! (IsAmbulo 21:3, 4) Kodwa ungazibonakalisa kanjani ungumuntu othobela izindaba ezinhle? Akwanele nje ukukholelwa amaqiniso eBhayibheli owafundisiwe, noma ukumane uye nabazali bakho emihlanganweni yobuKristu. (Qhathanisa noJakobe 2:19.) Labo abalangazelela ukusindiswa kumelwe bazinikezele kuNkulunkulu futhi benze intando yakhe. Umphostoli uPawulu uthi kwabaseRoma 12:1: “Ngakho ngiyanincenga bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, [“onikezelwe,” The New English Bible] othandeka kuNkulunkulu, kube-ngukukhonza kwenu kokuqonda.”
Kodwa ukuzinikezela ngeke kuhlale kuyindaba yangasese ngokuphelele. Kakade, umfundi wangasese angaba kanjani ngempela ozinikele, futhi ozinikezele? (Qhathanisa noJohane 19:38.) Ingabe wawungamethemba umngane ofuna ukugcina ubungane benu buyimfihlo? Ngakho-ke, ngokuhlakanipha uNkulunkulu ufuna bonke ukuba ‘bavume obala kube-ngukusindiswa.’ (Roma 10:10) Lokhu kuqala lapho ubhapathizwa. Ngalesosikhathi, umuntu uvuma ngomlomo ukholo lwakhe. Khona-ke, kulandele ukubhapathizwa emanzini. (Mathewu 28:19, 20) Nokho, ingabe kubaluleke ngani ukucwiliswa emanzini?
Ubhapathizo alukhona nje ukugeza; luwukungcwatshwa okungokomfanekiso. Lapho ungena ngaphansi kwamanzi okubhapathizwa, kugcizelela kuwe ukuthi uye wafa endleleni yakho yokuphila yangaphambili. Ngaphambili, izifiso zakho siqu, imigomo, nezinkanuko kwakuza kuqala ekuphileni kwakho. Kodwa uJesu wathi abafundi bakhe ‘babezozidela.’ (Marku 8:34) Ngakho lapho uphakanyiswa, ukhunjuzwa ukuthi manje usuphilela ukwenza intando kaNkulunkulu. Lesisenzo sesibindi, sasobala, siyingxenye ebalulekile yophawu olukubonakalisayo ukuze usindiswe!—Hezekeli 9:4-6; qhathanisa neyoku-1 Petru 3:21.
‘Ngiyesaba Ukuthi Ngizosuswa Ekuhlanganyeleni’
Uma ubhapathizo lubaluleke kangako, kungani-ke enye intsha ilugwema? Umagazini iPhaphama! wabuza wona kanye lombuzo entsheni eningi engamaKristu. Enye intombazane yathi: “Abaningi banomuzwa wokuthi bazoba nenkululeko eyengeziwe uma bengabhapathiziwe. Bacabanga ukuthi uma bengena enkathazweni, ngeke balandise kangako ngayo.” Omusha ogama lakhe linguRobert waphinda lokhu kukhulumela ngokuba athi: “Ngicabanga ukuthi iningi labantu abasha liyangabaza ukubhapathizwa ngoba lesaba ukuthi kuyisinyathelo sokugcina abangeke bakwazi ukuhlehla kuso. Banomuzwa wokuthi uma benza okuthile okubi, bazoxoshwa ebandleni.”
Kuyiqiniso ukuthi umuntu akanakuhlehlela emuva uma esezinikezele kuNkulunkulu. (Qhathanisa nomShumayeli 5:4.) Umuntu ozinikezela kuNkulunkulu uthatha umthwalo wemfanelo ongathi sína. Uphoqelekile ‘ukuhamba ngokufanele iNkosi, ayithokozise ngakho konke.’ (Kolose 1:10) Umuntu ohlanganyela esenzweni esibi kakhulu uzibeka ngisho nasengozini yokuxoshwa ebandleni lobuKristu.—1 Korinte 5:11-13.
Nokho, umuntu akanakucabanga ukuthi uma nje engabhapathiziwe, angenza noma yini. Ngoba “owaziyo ukwenza okuhle engakwenzi kuyisono kuye”—ebhapathiziwe noma engabhapathiziwe! (Jakobe 4:17) Umuntu angase akugweme ukuxoshwa okungokomthetho ebandleni, kodwa ngeke asibalekele isahlulelo sikaJehova. “Ungalenzi iphutha,” kuxwayisa uPawulu, “akukho ukunyusela uNkulunkulu ikhala, ngoba umuntu uzovuna lokho kanye akuhlwanyelayo.”—Galathiya 6:7, Byington.
Ngokuvamile ukwesaba ukususwa ekuhlanganyeleni ngempela kumboza isifiso esiyimfihlo sokwenza okubi. Owesifazane osemusha obizwa ngokuthi uNatalie waphawula ngokuqondile: “Ngakhuliswa ezweni likaSathane futhi ngiyazi ukuthi linjani. Kodwa iningi labantu abasha lifuna ukuphumela ngaphandle futhi libone ukuthi kukhonani lapho.” Esikhundleni sokuvumela izifiso ezimbi zikuvimbele ukuba ubhapathizwe—noma uzivumele zithuthukele ezenzweni ezimbi—kungani ungatholi usizo oluthile, mhlawumbe ngokukhuluma indaba nomzali noma nomKristu ovuthiwe?—Jakobe 1:14, 15.
Ngempela, inkululeko izwe likaSathane eliyinikezayo iyinkohliso nje. Njengoba umphostoli uPetru asho ngabanye abadukiswa ngosuku lwakhe: “Bebathembisa inkululeko, kanti bona uqobo lwabo bayizigqila zokubhubha; ngokuba lokho umuntu ahlushwa yikho uyisigqila sakho.” (2 Petru 2:19) Ingabe ngempela kuyinkululeko ukuthi imicabango yakho, inkambo, nokuziphatha kuqondiswe abanye? Ingabe ngempela kuyinkululeko ukuhlanganyela ezenzweni eziholela ezifweni, ehlazweni, futhi, ekugcineni, ekufeni?—IzAga 5:8-14.
Omusha ongumJapane obizwa ngokuthi uHitoshi wabhekana nayo kanye leyomibuzo. Wayekhuliswe abazali abangamaKristu futhi uyakhumbula: “Lapho abanye bedlala, kwakumelwe ngiye emihlanganweni. Ngangifuna inkululeko eyengeziwe. Ngangicabanga ukuthi kukhona engangilahlekelwa yikho.” Yebo, njengomhubi uAsafa, waba “nomhawu” ngabenzi bokubi. (IHubo 73:2, 3) Kodwa emva kokucabanga ngokujulile ngendaba, imizwa kaHitoshi yashintsha. Uthi: “Ngaqaphela ukuthi ukuphila kwami kwakuyoba yini ngaphandle kweqiniso—ngangizibona ngiphila iminyaka engu-70 noma engu-80 bese ngifa. Kodwa uJehova uthembise ukuphila okuphakade!” Kanjalo uHitoshi wazinikezela kuNkulunkulu futhi wabhapathizwa.—Qhathanisa neHubo 73:19-28.
Ingabe ushukunyiselwa ukuba wenze okufanayo? Omusha obizwa ngokuthi uDavid washukunyiselwa. Uyakhumbula: “Ukubhapathizwa ngisemusha kwaba yisivikelo kimi. . . . Abanye abeve eshumini elinambili abangabhapathiziwe ebandleni babezizwa bekhululekile egunyeni labadala futhi ngokomphumela baphendukela enkambweni embi. Kodwa ngangikhumbula njalo ukuthi nganginikezele ukuphila kwami kuNkulunkulu.” Nokho, mhlawumbe awuqiniseki ukuthi usukulungele ngempela yini ukuthatha lesisinyathelo. Ukwaziswa okuzokusiza kuzonikezwa esihlokweni sesikhathi esizayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Ubuwula bokubhapathizwa kwezinsana kuxoxwa ngabo esihlokweni esithi “Ingabe Izingane Kumelwe Zibhapathizwe” esikumagazini INqabayokulinda kaMarch 15, 1986.
b Bheka incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni (eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.), isahluko 18.
[Izithombe ekhasini 26]
Isinqumo sokukhonza uNkulunkulu siyinto engenziwa nguwe kuphela. Ubhapathizo lubonakalisa umuntu njengomfundi kaJesu Kristu ozinikezele