Indlela Lomshado Owalondolozwa Ngayo
“Ukusebenzisa iseluleko esisencwadini ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise kwalondoloza umshado wami,” kubhala umfundi onokwazisa waseNingizimu Afrika. “ISahluko 5, esithi ‘Umfazi Othandwa Kakhulu,’ sangivula amehlo. Angikaze ngicabange nasemaphusheni ukuthi ngokungaqondi ngangingabangela izinkinga eziningi kangaka. Ngibonga ngiyanconcoza. Umshado wami ubusendaweni enesivunguvungu esikhulu solwandle, futhi manje, ngemva kwezinyanga ezithile, usuphindele esikhumulweni senjabulo esinokuthula.”
Uma unesifiso sokuthola usizo ekwenzeni umshado wakho ujabulise, ungazuza kulencwadi. Zitholele eyakho ngokugcwalisa bese uthumela lesigqebhezana.
Sizani ningithumelele incwadi enoqwembe oluqinile, enamakhasi ayi-192 ethi, Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise. Ngifaka u-R2,50.