Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g89 11/8 k. 21
  • Lokho Okwaziwa Umntwana Ongakazalwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lokho Okwaziwa Umntwana Ongakazalwa
  • I-Phaphama!—1989
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Bazali, Izingane Zenu Zidinga Ukunakekela Okukhethekile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Lithini IBhayibheli Ngokukhipha Isisu?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ukukhulelwa Kwentsha—Yini Intombazane Okumelwe Iyenze?
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1989
g89 11/8 k. 21

Lokho Okwaziwa Umntwana Ongakazalwa

UKUHLOLA kwamuva kuqinisekisa ukuthi umbungu ongakazalwa uthintwa yizinto eziningi kakhulu ngaphezu kokudla okudliwa unina, izidakamizwa angase azisebenzise, noma ukuthi uyabhema yini noma akabhemi. Umbungu futhi uzwa lokho unina akulalelayo futhi ngokusobala uyathinteka.

Ukuze kuboniswe lokhu: “Umqondisi womculo weHamilton Philharmonic Orchestra eOntario, eCanada, wabika ukuthi lapho esemncane, izinhlobonhlobo zamakhophi omculo ayewuprakthiza zazibonakala zijwayeleke kakhulu, nakuba ayengakaze awabone ngaphambili. Ngokuvamile kwakuyingxenye yecello eyayibonakala ijwayeleke ngokuyisimanga. Watshela unina, umdlali wecello okufundele, ngalokhu. Lapho, ekumbuzeni kukanina, emtshela amagama omculo ayewuprakthiza, imfihlakalo yaxazululwa. Ngesikhathi unina emkhulelwe, wachaza, lezi kwakuyizo kanye izingoma ayezidlala!

Manje, ngokomlobeli wephephandaba uErma Bombeck, leliphephabhuku lezokwelapha laseBrithani libika ngokuphathelene nenkinga iphephabhuku eliyibiza ngokuthi “ukuluthwa kombungu imidlalo yasemoyeni.” Abantwana abangakazalwa baluthwa imidlalo ewuchungechunge yeTV elalelwa omama babo. UBombeck uyaphawula: “Ngifisa sengathi ngabe ngangikwazile lokhu ngesikhathi ngisakhulelwe abantwana bami, ngangiyohlala ngithe njo ‘kwabakwaWaltons,’” uhlelo oluhlanzekile lwethelevishini lweminyaka ethile edlule. Uyenezela: “Akumangalisi ukuthi sinabantwana abafuna ukuqhunjuswa izindlebe beneminyaka emi-2, baphole nowobulili obehlukile beneminyaka eyi-9 futhi bazitholele indawo yokuhlala beneminyaka eyi-13.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela