Incane Kodwa Inokwaziswa Okubalulekile
IDEOXYRIBONUCLEIC ACID. Bambalwa abangakwazi ukuyibiza, kungasaphathwa ukuyikhumbula. Abaningi bayazi nje ngegama layo elifingqiwe: DNA. Imolecule yeDNA incane kangangokuthi ososayensi besebenzisa zonke izibonakhulu zabo ezinamandla abazange ngempela babone ngisho neyodwa kwaze kwaba muva nje. Nokho, amamolecule anjalo aqukethe ukwaziswa okuningi okuthinta ukuphila kwethu sonke. Ubude bakho, uhlobo lwezinwele zakho, umbala wamehlo nesikhumba sakho—konke kwanqunywa kusengaphambili kwalotshwa kuDNA yakho.
Kodwa lomenzizinqumo oyikhemikhali manje usetshenziselwa ekwenzeni uhlobo olwehlukile lwezinqumo: ukuthi umuntu uyokhululwa noma uyoboshwa, aphile noma afe. Khona kanye ukwehluka kweDNA yomuntu ngamunye kuye kwavula indlela yenqubo entsha yokwehlukanisa abantu, ebizwa ngokuthi imigqa yeminwe yeDNA.
Njengoba iDNA itholakala cishe kuwo wonke amangqamuzana omzimba nakoluningi uketshezi lomzimba, izigebengu zingase zimangalelwe ngenxa yokuba zishiye izinwele ezimbalwa noma ingxenye encane yesikhumba, ngisho noshingamu osuhlafuniwe. Lelisu elisha liye laphumelela ngokukhethekile ngokumelene nabahlasela ngokobulili. Kakade, abadlwenguli abawaphika ngokuphelele amacala abo baye bamangalelwa iDNA yabo siqu. Omunye umbulali wathunyelwa esihlalweni sikagesi ukuze kuqinisekiswe lobufakazi obunjalo.
Imigqa yeminwe yeDNA yenza abameli abanikelayo bazizwe bengenamandla. INational Law Journal yaseUnited States icaphuna omunye ethi: “Icekela phansi. Lapho isazi singena futhi sithi kunethuba elilodwa phakathi kwayizigidi eziyi-700 okuthi umuntu wenu akayena lowomuntu [umenzi wobugebengu]—simane nje sikuthene amandla.” Ngakolunye uhlangothi, imigqa yeminwe yeDNA ingakhulula omangalelwe ngokungafanele futhi kanjalo inganciphisa ingozi yokubopha noma ukubulala ongenacala.
Nokho, ayikabibikho inqubo engokwesayensi yolwazi lokuhlakanipha engaxazulula usizi lomhlaba wonke lobugebengu. Ngaphandle kwalokho, obuningi ubugebengu bobudlova abushiyi nanoma ibuphi ubufakazi beDNA. Cha, usuku olubona ababi benqunywa emhlabeni kuphela oluyobona ukuphela kobugebengu.—IHubo 37:10, 11.