Ukuthengisa Ngokufa
Nakuba umhlaba uchitha cishe amaRandi ayizigidigidi ezimbili nengxenye ngonyaka ezikhalini:
Abantu abayizi-800 000 000 badla imbuya ngothi
Abayizi-770 000 000 abanakho ukudla okwanele ukuze baphile besebenza ngomdlandla
Abayizi-100 000 000 abanazo izindawo zokukhosela
Abayizi-1 300 000 000 abanawo amanzi ahlanzekile okuphuza
Abantwana abayizi-14 000 000 bayafa unyaka ngamunye ngenxa yemiphumela yendlala
BAYE babizwa ngokuthi Abathengisi Bokufa, Abambi Bamathuna Empucuko, Iqhubu Lomdlavuza Emzimbeni Womphakathi. Obani? Abathengisi bomhlaba bezikhali. Ngani?
Ezikhathini zangaphambili, bahlomisa amabutho empi ngezinkemba, imicibisholo, izimbazo, nezinsabula ukuze abantu babulalane bebhekene ezinkundleni zempi. Kulelikhulu leminyaka, bakha futhi bayisa izibhamu, amabhomu, ombayimbayi, imikhumbi yempi, izindiza zempi, amagesi obuthi, nezikhali ukuze kubulawe amashumi ezigidi abantu ezimpini zezwe ezimbili kuyilapho becekela phansi impahla ebiza izinkulungwane zezigidi zamarandi, njengamadolobha, amakhaya, nezinye izinto. Baye bagqugquzela izimpi ezingaphezu kwe-120 ezalwiwa kusukela ekupheleni kweMpi Yezwe II.
Bayaqhubeka begqugquzela izimpi ezichitha igazi ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba. Baqeqesha amabutho asemaZweni Asathuthuka ukuba akwazi ukusebenzisa izikhali zawo ngokuphumelela ngokwengeziwe. Baye bahlomisa imibuso yezempi yomhlaba ngethala lezikhali zenuzi ezikwazi ukucekela phansi umkhaya wesintu izikhathi eziphindwe kaningi nokuguqula umhlaba ube iplanethi engenakuhlala lutho. Babonakala bengenandaba ngokuphelele. Isiqubulo sabo singaba ukuthi: “Ukufa kwakho—inzuzo yethu.”
Alikho ibhizinisi eliye lathinta umkhaya wesintu ngokujule njengebhizinisi lezikhali. Ubufakazi bucacile. Isihloko esilandelayo sizokwembula amanye amaqiniso aphazamisayo.