Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g89 5/8 k. 2
  • Ikhasi Lesibili

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ikhasi Lesibili
  • I-Phaphama!—1989
I-Phaphama!—1989
g89 5/8 k. 2

Ikhasi Lesibili

“Izikhulu zaseLatin America manje zixwayisa ngokuthi emazweni ngamazwe, amazinga okuphila awohlokayo abangela isimo sokungabi nathemba esesiqala ukuholela ekonakaleni kwezombangazwe okuwusongo.”—The New York Times, November 29, 1988.

Phakathi neminyaka yawo-1980, izigidi zabantu—ezazikade sezimpofu ngokungenathemba—ziye zabona ukwehla kwamandla emali kukhukhula amaholo azo amancane ngisho nangaphezulu. Kuzo, akukhona nje ukuthi zingabhekana kanjani nezindleko zokuphila kodwa, kunalokho, kuyindaba yokuzabalazela ukuhlangabezana nezindleko zokuba ziqhubeke ziphila. Ingabe uye wakuqaphela ukukhuphuka kwamanani ezinto ezidliwayo eziyisisekelo ezweni lakini? Ingabe kubonakala sengathi isikhwama sakho sokuthenga siya sincipha kunenani lemali oyisebenzisayo? Ngakho, njengabanye abantu abaningi, wazi kokuhlangenwe nakho ukuthi izindleko zokuphila ziyanda.

Ingabe likhona ikhambi?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela