Ubudlova—Ukuphela Kuseduze!
ABANTU baye baba nesikhathi esiningi sokuqeda ubudlova, kodwa kunalokho buye banda. Akukho yini obala ukuthi abantu abanakubuqeda? Khona-ke, yiliphi ithemba elikhona lokuphela kobudlova?
Ngokuqinisekile, abantu badinga ukubheka kuMdali wabo ukuze bathole ikhambi lalenkinga, kanye nazo zonke ezinye izinkinga. Ikhambi lakhe liwuMbuso wakhe, owuhulumeni wokulunga wasezulwini. UJesu Kristu wanikela umsebenzi wakhe wokushumayela emhlabeni ekutsheleni abantu ngalohulumeni woMbuso. Usuke uthandazela lowohulumeni lapho uthi: “Mawufike umbuso wakho, mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.”—Mathewu 6:9, 10.
Kodwa uMbuso kaNkulunkulu uyobususa kanjani ubudlova? Libikezela zona kanye izinsuku esiphila kuzo, iBhayibheli lithi: “Ezinsukwini zalawomakhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa . . . uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.” (Daniyeli 2:44) Yebo, uhulumeni woMbuso kaNkulunkulu uyobhubhisa ngokuphelele ohulumeni basemhlabeni abakhona nemiphakathi abayibusayo, nabo bonke ubudlova babo nobugebengu.
Kodwa kuyokwenzeka nini lokhu? Ukugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli kubonisa ukuthi kuyoba phakathi nesikhathi sokuphila kwethu. Kungani sisho kanje? Kungenxa yokuthi “isibonakaliso” leso uJesu athi sasiyophawula “ukuphela kwesimiso sezinto” manje siyagcwaliseka. ‘Lesibonakaliso’ sihlanganisa “ukwanda kokungabi namthetho.” (Mathewu 24:3-14, 34) Yeka ukukhululeka okumangalisayo okuyoba khona lapho uNkulunkulu ebhubhisa lelizwe eligcwele ubudlova! Nokho, ukuze sijabulele izinzuzo zangalesosikhathi, kumelwe senze intando kaNkulunkulu manje.—1 Johane 2:17.
Isiprofetho seBhayibheli esabhalwa umprofethi wasendulo uIsaya sikhuluma ngesimemo sikaNkulunkulu sokuzithoba eziqondisweni zaKhe ‘nokuhamba ezindleleni zakhe.’ Labo abasamukelayo lesimemo, isiprofetho sithi, “bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba” futhi ‘abasayikufunda ukulwa.’ (Isaya 2:3, 4) Esinye isiprofetho esabhalwa uIsaya sikhuluma ngomphumela: “Ubudlova abasayikuzwakala ezweni lakho, incithakalo nokubhubhisa phakathi kwemingcele yakho.” Ngani? Ngenxa yokuthi “uJehova uyakubangukukhanya okuphakade kuwe.”—Isaya 60:18-20, NW.
Nakuba isilinganiso sokuthula singajatshulelwa ngisho namanje ngokufunda intando kaNkulunkulu nokuzithoba kuyo, cabanga nje ukuthi ngokushesha kuzoba njani lapho uMbuso kaNkulunkulu ususa konke ukungalungi emhlabeni. Ngalesosikhathi ngeke kusabakhona isizathu sokwesaba, isizathu sokwesaba ukuhamba kunoma yimuphi umgwaqo noma ukungena kunoma yiliphi ipaki ebusuku. Ngeke sibe khona isidingo sezihluthulelo zeminyango yakho, singabikhona nesidingo sokukhathazeka ngokuzivikela.—2 Petru 3:13.
Ingabe ungathanda ukuphila ezweni elinjalo elisha elingenabo ubudlova? Leli kungaba yithemba lakho elijabulisayo, ngoba lisekelwe eZwini eliqinisekile loMdali wethu uqobo. OFakazi BakaJehova bazojabulela ukukusiza ukuba uqonde lamathemba amahle uMdali wethu awanikeza thina sonke. Kungani ungathathi isinyathelo sokuqala sokuzitholela ngokwakho? Nawe futhi ungajabula, wazi ukuthi ubudlova buzophela—ngokushesha!