UkuQothulwa Kwesizwe—Kungani Kumelwe Ube Nendaba?
‘INGABE ukuQothulwa Kwesizwe kwenzeka ngempela? Ingabe kunendaba ngempela? Kungani kumelwe ngibe nendaba?’ abanye bangase babuze.
Isizathu esisodwa sokuba isintu sibe nendaba siwukuba siqiniseke ukuthi umlando awuziphindi. Owasinda ekamu lokuhlushwa uPrimo Levi wabonakalisa ukukungabaza ukuthi umqondo wamakamu okuhlushwa usuphele ngempela. Wabuza: “Okungakanani okubuyile noma okubuyayo? Yini ngamunye wethu angayenza ukuze kulelizwe eligcwele izinsongo okungenani lolusongo luphele nyá?”
Ngaleyondlela, uLevi wazwakalisa ukukhathazeka kwabaningi abazibuza ukuthi kazi loluhlobo lwenhlekelele lungenzeka yini futhi. Umlando wamuva nje uphendula kanjani? Umlando wonya, ukuqothula, ukuhlupha, amaphoyisa abulalayo, nabantu ‘abanyamalala nababulawa’ kusukela ngo-1945 emazweni ahlukahlukene kuwubufakazi bokuthi umqondo wokuvumela amakamu okuhlushwa usekhona futhi usasebenza.
Futhi kulabo abaye basinda abantwana, izihlobo, nabangane babafile leliqiniso elingokomlando linendaba. Umlando usekelwe ezenzakalweni zangempela nakubantu abangokoqobo. Ingabe kunendaba ukuthi uJesu wayeyinganekwane noma cha? Noma ukuthi uNapoleon noma uMuhammad, umprofethi wamaSulumane, babengaboqobo noma ukucatshangelwa? Yebo kunendaba. Ukuqhubeka komlando kuye kwashintshwa yilamadoda.
Ngokufanayo, ukuQothulwa Kwesizwe mhlawumbe kuye kwabayigalelo elivithiza kunawo wonke engqondweni yesintu esiphucukile kuwo wonke umlando. Kunjengoba uPrimo Levi ekubeka: “Akukaze kuchithwe ukuphila okuningi kangaka ngesikhathi esifushane nangendlela esobala kangaka, inhlanganisela yobuhlakani bezobuchwepheshe, ukushiseka ngokungenangqondo, nonya.”
Kodwa kunalabo abangabazayo ukuthi kwenzeka. Bayakungabaza ukuthi ukuQothulwa Kwesizwe kuyiqiniso elingokomlando noma cha.