Ikhasi Lesibili
Umfula waseJalimane iRhine, njengoba ubonakala kwesobunxele, usalokhu ujabulisa izivakashi, kodwa ubuhle bawo buyakhohlisa. Ungcoliswe amakhemikhali amaningi nemfucumfucu yezimboni osebeni lwawo ngaphezu kwanoma yimuphi omunye umfula emhlabeni, ubizwa ngokuthi “umkhucululi omkhulu waseYurophu.” Uzimelela kahle izindlela ezibulalayo zombulali ongabonakali owukungcola, okwenza amazwi embongi uSamuel Taylor Coleridge afaneleke:
“Umfula iRhine, waziwa kahle,
Hlanza idolobha lakho iCologne;
Kodwa ngitsheleni, boNkulunkulukazi,
yimaphi amandla aphezulu
Ayohlanza umfula iRhine?”
Umlobeli wePhaphama! eFederal Republic yaseJalimane ucwaninga izimbangela zokungcola futhi unikeza ukuqonda ngalokho okungahileleka ekuxazululeni inkinga.