Ukubhekana Nemizwa
Ukwenza lokho ngokuphumelelayo kuyinselele yangempela. Othile omusha ukhuluma ngokuhlangenwe nakho kwakhe: “Ngangizizwa ngijabule, kodwa ngomzuzu olandelayo ngangicindezeleka kakhulu. Ngezinye izikhathi ngangingazi nokuthi nginomuzwa onjani. Kwakunjengokungathi ngangiduke ngokuphelele ebumnyameni. Ngangingakwazi ukuzibika nokuthi imizwelo yami yayinjani kungakhathaliseki ukuthi ngangikhuluma nobani. Ngaba nomuzwa wokuthi nganginganakwa ngabantu abangizungezile, ikakhulu engangifunda nabo, ngoba ngangingakhangi kangako. Ekugcineni yonke lemizwa yayingibulala ngaphakathi, futhi ngaqala ukuzizonda mina nobuntu bami.”
Leyontombazane yathola incwadi ethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. lyaloba: “Yonke yayithakazelisa kakhulu, ngakho ngangifuna ukufunda isahluko esilandelayo, esithi ‘Ukukhulela Ebufazini.’ Ngangingakukhohlwa lokho engangikufunda. Lesosahluko sayichaza ngokushaya emhloleni indlela ebengizizwa ngayo kamuva, futhi sanikeza nempendulo. Kwakukhuthaza kakhulu ukufunda ukuthi kwakungokwemvelo ngokuphelele ukuzizwa ngalendlela. Kuphela nje kumelwe ngazi indlela eqondile yokukusingatha.”
Ngaphandle kokusiza intsha ukuba ibhekane nemizwa yayo, lencwadi ixoxa ngezindaba ezinjengokushaya indlwabu nezimpendulo zemibuzo enjengalena, Ingabe intsha kumelwe iphuze uphuzo oludakayo? nethi, Ingabe kumelwe ibe nobuhlobo bobulili ngaphambi komshado? Zitholele eyakho ngo-R2 kuphela ngokugcwalisa bese uthumela lesigqebhezana.
Sizani ningithumelele, ngeposi, incwadi enoqwembe oluqinile, enamakhasi ayi-192 ethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. Ngifaka u-R2.