Usizo Ekukhuleni
UKUKHULA kulezikhathi zenkathazo akulula. Intsha ibhekana nezimo eziningi ezintsha futhi kufanele yenze izinqumo ezinzima. Ingabe kufanele ngibheme? Ngamukele izidakamizwa? Ikuphi ukuziphatha okufanele lapho unomuntu wobulili obehlukile? Kuthiwani ngokushaya indlwabu kanye nobungqingili? Omunye omusha wabhala:
“Manje ngineminyaka ecishe ibe ngu-13 ubudala, futhi ngifuna nje ukunibonga ngencwadi ethi Ubusha. Lencwadi iye yangisiza kakhulu kulezikhathi ezinzima zokukhula. Ngifisa sengathi zonke izingane ezingontanga yami noma ezindadlana zingazi ngalencwadi.”
Lencwadi ecabangela yonke lemibuzo engenhla neminye eminingi, yilena ethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. Uma uthanda ukuzitholela eyakho, siza ugcwalise bese uthumela isigqebhezana.
Lena ingxenye yomsebenzi owenziwa emhlabeni wonke wokufundisa ngeBhayibheli osekelwa ngeminikelo yokuzithandela.
Ngingathanda ukuthola incwadi enamakhasi angu-192, enoqwembe oluqinile ethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. (Ngaphandle kwaseR.S.A., bhalela igatsha leWatch Tower elisendaweni yakini ukuze uthole ukwaziswa. Bheka ikhasi 5.)