Ukunqoba Ukubandlululana Kwezinhlanga
UISAAC LANGA waseNingizimu Afrika wakhulela elokishini labaNsundu laseAlexandra, eGoli. Enomoya onamandla wobuzwe, wayezonda abamhlophe futhi ebheka isizwe samaZulu njengesiphakeme kunabanye abansundu. Ehamba imihlangano eyayihlelwe iANC (African National Congress), inhlangano evinjelwe elwisana nohulumeni, uIsaac wahileleka ezibhelwini zaseNingizimu Afrika zika-1976. Uyakhumbula: “Abaningi bafa bedutshulwa amaphoyisa; abanye baba izishosha zafuthi. Njengoba ngangibona konke lokhu, ngahlakulela umoya wokuziphindisela. Ngangifuna ukuthola isibhamu esizishintshayo ngidubule abaningi ngangokunokwenzeka ngaphambi kokuba nami ngibulawe. Lapho ngihluleka ukusithola, nganquma ukulandela isibonelo sabanye abaya emazweni angomakhelwane ukuze bathole ukuqeqeshwa kwezempi.”
Kulesikhathi esibucayi uIsaac wahanjelwa oFakazi BakaJehova ekushumayeleni kwabo endlini ngendlu. Washiyelwa izincwadi ezichaza isigijimi seBhayibheii, futhi enye ngokukhethekile ethi, Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Kuvela Kumuphi Umthombo?, ayizange ikhohlakale. Uyachaza: “Manje ngangikuthola ukuthula kweqiniso engangikufuna. Ngathola ukuthi iBhayibheli lithi: ‘Okuyisigwegwe akunakuqondiswa,’ futhi: ‘Akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.’ (UmShumayeli 1:15; Jeremiya 10:23) Ngakho-ke kwangikhanyela ukuthi umshikashika wethu wawuyize ngoba wawungeke ulethe ukuthula emhlabeni. UMbuso kaNkulunkulu kuphela ozokwenza lokhu. (IsAmbulo 11:17, 18) Futhi iBhayibheli lingisizile ukuba ngishintshe umbono wami ngezinye izinhlanga. (IzEnzo 10:34, 35) Kuyaduduza ukwazi ukuthi abantu bazo zonke izinhlanga nezizwe kakade baphila benethemba lokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu.”
UIsaac manje ukhonza njengesikhonzi esijikelezayo, eqinisa amabandla oFakazi BakaJehova ahlanganiswa amaqembu ezizwe ezihlukahlukene.