Umhlaba Wethu Omuhle
nomthwalo wemfanelo womuntu kuwo:
Ukulondoloza ubuhle bawo, lokho angazange akwenze.
Ukunakekela izitshalo zawo nezilwane, lokho angazange akwenze. Ukuwugcwalisa ngenzalo yokulunga, lokho angazange akwenze. Ukuthanda umakhelwane wakhe, lokho angazange akwenze.
Ukuthanda uMdali wakhe, lokho angazange akwenze.
Nakuba isintu siye sahluleka ekufezeni umthwalo waso wemfanelo kuwo, ingabe thina njengabantu ngabanye siyobonisa ukwazisa ngawo kanye noMdali wawo?